Angazi noma uyangithanda yini
ndulo nguwena oyazi kahle. Mina ngisuke ngingahleli nani, nginibuke ukuthi niyathandana yini.
Ngicabanga ukuthi la uma kungathiwa khula, kuzofuneka uqonde iqiniso ngqo. Umuntu obuza njengawe ngumuntu osuke esaba ukubhekana neqiniso ngqo linjengoba linjalo, ukusho nje kugcwale umlomo ukuthi cha sibanibani awungithandi, kufanele siyeke ngoba ukuba uyakuthanda ubungeke ungibuze.
Sonke isikhathi uma umuntu ebuza noma edidekile ukuthi uyathandwa noma akathandwa yini ubokwazi ukuthi lowo muntu uyazi ukuthi akathandwa kodwa uyesaba ukuqonda iqiniso ngqo lokuthi cha angithandwa la.
Sengathi kungakhona abantu abaseceleni abashoyo, umuntu othandweni nguyena osuke azi ukuthi kumnandi noma akumnandi yini. Zonke izicathulo esizigqokayo wunyawo lwakho olwaziyo ukuthi siyakumpintsha noma cha, ngeke ugqoke isicathulo bese ubuza mina ukuthi suyakumpintsha yini.
Iqiniso liyokukhulula - le nto yokuthi siqambe amanga othandweni yiyo le edale izinkinga ezingaka. Angazi kwenziwa yini ukuthi iningi labantu abasothandweni babe namanga - othandweni sekuphenduke inkundla yamanga lapho kufuneka uqambe amanga khona ukuze uhlale.
Unkulunkulu uthando akaludalelanga lokho ukuba kuqanjwe amanga. Uma isicathulo sikumpintsha, siyakumpintsha nje, uma sikulingana futhi siyakulingana.
Uma ukudla kumnandi kumnandi, uma kungemnadi futhi akumnandi, akudingeki ulokhu ubuza omunye umuntu ukuthi kunjani ngoba nguwe okudlayo.