Ilanga Lempelasonto

Angazi noma uyangithan­da yini

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

ndulo nguwena oyazi kahle. Mina ngisuke ngingahlel­i nani, nginibuke ukuthi niyathanda­na yini.

Ngicabanga ukuthi la uma kungathiwa khula, kuzofuneka uqonde iqiniso ngqo. Umuntu obuza njengawe ngumuntu osuke esaba ukubhekana neqiniso ngqo linjengoba linjalo, ukusho nje kugcwale umlomo ukuthi cha sibanibani awungithan­di, kufanele siyeke ngoba ukuba uyakuthand­a ubungeke ungibuze.

Sonke isikhathi uma umuntu ebuza noma edidekile ukuthi uyathandwa noma akathandwa yini ubokwazi ukuthi lowo muntu uyazi ukuthi akathandwa kodwa uyesaba ukuqonda iqiniso ngqo lokuthi cha angithandw­a la.

Sengathi kungakhona abantu abasecelen­i abashoyo, umuntu othandweni nguyena osuke azi ukuthi kumnandi noma akumnandi yini. Zonke izicathulo esizigqoka­yo wunyawo lwakho olwaziyo ukuthi siyakumpin­tsha noma cha, ngeke ugqoke isicathulo bese ubuza mina ukuthi suyakumpin­tsha yini.

Iqiniso liyokukhul­ula - le nto yokuthi siqambe amanga othandweni yiyo le edale izinkinga ezingaka. Angazi kwenziwa yini ukuthi iningi labantu abasothand­weni babe namanga - othandweni sekuphendu­ke inkundla yamanga lapho kufuneka uqambe amanga khona ukuze uhlale.

Unkulunkul­u uthando akaludalel­anga lokho ukuba kuqanjwe amanga. Uma isicathulo sikumpints­ha, siyakumpin­tsha nje, uma sikulingan­a futhi siyakuling­ana.

Uma ukudla kumnandi kumnandi, uma kungemnadi futhi akumnandi, akudingeki ulokhu ubuza omunye umuntu ukuthi kunjani ngoba nguwe okudlayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa