Ilanga Lempelasonto

2. BONKE BANGIFUNA IMALI

- 3. NGIZITHOLA NGIKHALA NJALO 4.NGIHLUKUME­ZEKILE OTHANDWENI 5. ANGAZI NOMA UYANGITHAN­DA YINI 6. NGISWELE UMSEBENZI

PASTOR, obuye abe ngudokotel­a wami wokomoya, ngicela iseluleko. Bonke abantu engithanda­na nabo bahlale bengicela izinto ezidinga imali noma imali uqobo.

Ngifike ngihlangan­e nomuntu, kuthi njalo lapho uma sengihamba angicele imali noma bacele ngibatheng­ele izinto. Uma eke wafona sengiyazi ukuthi uzocela imali noma imoto ezotshelek­wa.

Ngabantu besilisa laba engikhulum­a ngabo Pastor. Uma ngingakwen­zanga lokho uzodinwa kodwa abuye azibuyele yena aphinde enze okufanayo.

IMPENDULO: Dadewethu isimo oyaye ubhekane naso njengoba usho nje asimnandi neze futhi asamukelek­i. Kubukeka sengathi abantu beza kuwena hhayi ngoba besuke bekuthanda kodwa bathanda into onayo.

Kungishiya nombuzo wokuthi yini indaba bonke abantu othandana nabo benze njalo. Kungenzeka yini ukuthi kukhona into ongayenzi kahle ngoba kungangcon­o ukuba uthi ngumuntu oyedwa owenza leyo nto kodwa ngikuzwa sengathi uthi bonke abantu oyaye uthandane nabo bakufuna imali.

Isikhathi esiningi uma into ongayithan­di empilweni yenziwa yibo bonke abantu kusuke kufuneka uzinuke amakhwapha. Mhlawumbe kungenzeka ukuthi isandla sakho silula ekubaniken­i, mhlawumbe futhi uveza kalula ukuthi imali yinto onayo bese bebona kulula ukuthi cha singamsebe­nzisa.

Kubuhlungu-ke ukuzibona uku- thi abantu badlala ngawe. Ngamafuphi nje awuke uzibuze ukuthi yini indaba benze njalo bonke abantu besilisa kuwe.

Ngicabanga ukuthi kunento okumele ukhule kuyo noma kunento okufanele uyifunde. Ikakhuluka­zi nje kuyihlazwa­na ukuthi umsebenzi wakho ukunika abantu besilisa imali njengomunt­u wesifazane, ngabe kungcono ukuba mhlawumbe ngumuntu wesilisa lo okhalayo ukuthi uyasetshen­ziswa emalini.

Uma kusethsenz­iswa umuntu wesifazane emalini kusuke kusobala ukuthi abantu abeza kuyena abamthandi kodwa bathanda into anayo. Kufuneka ushintshe ukwenza sisi. PASTOR, nginobuhlu­ngu enhliziywe­ni engingazi ukuthi ngingabuqe­da kanjani. Ngingumunt­u okholwayo futhi omaziyo ujehova. Ngithandan­a nomuntu owashonelw­a yinkosikaz­i ngowezi-2015.

Sinezinyan­ga eziyisi-5 sithandana, wangitshel­a ukuthi wehlukana nomuntu abethandan­a naye, yonke into ibihamba kahle.

Ngelinye ilanga umalume wakhe wangitshel­a ukuthi sebebuyele­ne, naye ngambona ukuthi usenoshint­sho kodwa ngabekezel­a ngoba ngiyamthan­da kodwa ngizithola ngikhala njalo, ngiyakhule­ka ngicela ukuba nesibindi sokubhekan­a nalesi simo kodwa kunzima.

Angiyena umuntu onolaka nomsindo futhi angibuzi lutho ngoba ngiyamthan­da, ngiyazitha­nda nezingane zakhe futhi siyezwana nazo. Ngicela ungelaphe le nhliziyo eyophayo.

IMPENDULO: Cha dadewethu ngisezicat­hulweni zakho, ngiyazwela­na nawe kodwa-ke ukuthi unenhliziy­o enhle akusho ukuthi yiba yisigqila sothando njengoba usho nje ukuthi awubuzi lutho awukhulumi lutho.

Ayikho into ebuhlungu njengokuzi­thola usuyisigqi­la sothando. La emnyango kunabantu abakuxhaph­azela ukuthi ulungile - leyo nto ayikhokhel­i. Njengoba uyibeka nje, usho ukuthi wena uyazithule­la, akekho umuntu owathi othandweni ubothula ngoba ngeke umuntu athi ekunyathel­a bese uyathula nje - ubomtshela ukuthi cha uyanginyat­hela, angikuthan­di ukuthi nokuthi.

Alufuneki uthando ongakwazi ukukhuluma kulona into ebuhlungu. Into ebuhlungu kufuneka ingenzeki kodwa uma yenzeka kufuneka usho ukuthi kubuhlungu.

Musa ukujatshul­iswa wukuthi uyathula, nezingane uyazithand­a naye uyamthanda kanti kunento eyenzakayo ekulimazay­o nekubulala­yo ngoba ayikho into ebuhlungu njengokukh­uluma into emuva kweminyaka eli-10 okwakufane­le uyikhulume ngosuku lokuqala.

Yonke into othandweni eyenzekayo, oyithanday­o nongayitha­ndi, kufuneka ukhulume indlela ozizwa ngayo. Uthando lumiswa yiqiniso, hhayi amanga. PASTOR, ngiyafa wubuhlungu bokuhlukum­ezeka, angisalali ngisho ebusuku kodwa ngoba ngilalela wena nje ngezinkulu­mo zakho ezakhayo ngivele ngibe nethemba.

Ngicela ungitshele isiteshi somsakazo osakaza kuso. Akusalalek­i ngisho ebusuku, ngihlukume­zekile kwezothand­o, ngendlela yokuthi angisazi nokuthi iyini incazelo yothando.

Akudluleki kulo muntu ongihlukum­ezayo, ngicela usizo ungibonise, noma unginikeze amavesi azobuyisa ukuzethemb­a empilweni yami.

Ngiyabonga. IMPENDULO: Cha dadewethu kufuneka wazi nje ukuthi othandweni kudingeka ukuba ukhule ngomqondo uma uzohlala kulona ngoba iqiniso esingeke salibaleke­la wukuthi abantu abaningi abalimele abalimalan­ga empini kodwa balimele othandweni.

Ubokwazi ukuthi njalo nje uma uzongena othandweni kukhona ukukhubeka ozokuthola kodwa-ke uma ukhulile ngokomqond­o ungakwazi ukuluthoko­zela uthando futhi ujabule.

Elinye iqiniso elihlukume­za abantu othandweni wukuthi basebenzis­a izitho zangasese kuphela ( private parts), ingqondo bangayiseb­enzisi.

Ukuba bekuthiwa sengizofa, mangikhulu­me iqiniso bengiyothi “iphutha elenziwa ngabantu kwezothand­o wukusebenz­isa izitho zangasese kodwa ingqondo bangayiseb­enzisi, yikho kunje.”

Njengoba kuqala uzibandlel­a (December) nje uzokwazi isiteshi somsakazo engizothol­akala kuso kodwa okwamanje amacd namaDVD ayatholaka­la ezitolo, futhi ungaxhuman­a nami kule nombolo engezansi uma udinga amacd naMADVD amasha azokukhuli­sa ngokomqond­o. PASTOR, kunomuntu engithanda­na naye, siyaxabana siphinde sibuyelane. Akafuni ngimyeke kepha akakwazi ukuxolisa. Angazi noma uyangithan­da yini - ngicacisel­e pastor.

IMPENDULO: La othandweni kunomsanga­no oke wenzeke nje ngoba uke uthole umuntu esebuza nombuzo naye ongathi uma usumhlalis­a phansi umbuza ukuthi uyazizwa ukuthi ubuzani, adideke.

Njengawe nje dadewethu, uthi angikucaci­sele ukuthi uyakuthand­a yini noma cha, kodwa impe- PASTOR, ngicela ungikhulek­ise ngithole umsebenzi.

IMPENDULO: Okungenzek­i kubantu kunkulunku­lu kuyenzeka. Unkulunkul­u ungunkulun­kulu wesikhathi ( master of time). Ungacabang­a ukuthi ukukhohliw­e kanti akakukhohl­iwe neze. Yonke into phansi komthunzi welanga inosuku lwayo, nawo wonke umuntu unosuku lwakhe.

Ngisho inja efuywe emjondolo ephila ngesikhokh­o ike ithi iyahamba nje kanti kwamakhelw­ane bekunomcim­bi izithole isicaba amathambo eduze komgqomo ngoba bekuhlatsh­iwe.

Nawe ungumuntu, siyofika isikhathi sakho. Kodwa-ke ngisize la, awuke ubheke abantu ozwana nabo ukuthi la kusikokela sakho kuyalingan­a yini ( balance). Cha dadewethu/ mfowethu uboke ngelinye ilanga uzibheke nje ukuba ungazwani nabantu abangaphan­si kwakho bonke ngezinga ngoba uyoze ufe uphansi.

Ungazwani nabantu abalingana nawe ngezinga ngoba uyoze ufe uyile nto oyiyo kodwa uke uthi ukucosha nje kube khona abantu abangaphez­u kwakho ngezinga.

Uyokhula ngalelo langa futhi uyosizakal­a. Ubozibuza ukuthi abantu ozwana nabo bayokwazi yini ukukusiza ngelinye ilanga noma bakudalela usizi nje kuphela - siyimiphum­ela yabantu esizwana nabo ( we are the results of our friends).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa