2. BONKE BANGIFUNA IMALI
PASTOR, obuye abe ngudokotela wami wokomoya, ngicela iseluleko. Bonke abantu engithandana nabo bahlale bengicela izinto ezidinga imali noma imali uqobo.
Ngifike ngihlangane nomuntu, kuthi njalo lapho uma sengihamba angicele imali noma bacele ngibathengele izinto. Uma eke wafona sengiyazi ukuthi uzocela imali noma imoto ezotshelekwa.
Ngabantu besilisa laba engikhuluma ngabo Pastor. Uma ngingakwenzanga lokho uzodinwa kodwa abuye azibuyele yena aphinde enze okufanayo.
IMPENDULO: Dadewethu isimo oyaye ubhekane naso njengoba usho nje asimnandi neze futhi asamukeleki. Kubukeka sengathi abantu beza kuwena hhayi ngoba besuke bekuthanda kodwa bathanda into onayo.
Kungishiya nombuzo wokuthi yini indaba bonke abantu othandana nabo benze njalo. Kungenzeka yini ukuthi kukhona into ongayenzi kahle ngoba kungangcono ukuba uthi ngumuntu oyedwa owenza leyo nto kodwa ngikuzwa sengathi uthi bonke abantu oyaye uthandane nabo bakufuna imali.
Isikhathi esiningi uma into ongayithandi empilweni yenziwa yibo bonke abantu kusuke kufuneka uzinuke amakhwapha. Mhlawumbe kungenzeka ukuthi isandla sakho silula ekubanikeni, mhlawumbe futhi uveza kalula ukuthi imali yinto onayo bese bebona kulula ukuthi cha singamsebenzisa.
Kubuhlungu-ke ukuzibona uku- thi abantu badlala ngawe. Ngamafuphi nje awuke uzibuze ukuthi yini indaba benze njalo bonke abantu besilisa kuwe.
Ngicabanga ukuthi kunento okumele ukhule kuyo noma kunento okufanele uyifunde. Ikakhulukazi nje kuyihlazwana ukuthi umsebenzi wakho ukunika abantu besilisa imali njengomuntu wesifazane, ngabe kungcono ukuba mhlawumbe ngumuntu wesilisa lo okhalayo ukuthi uyasetshenziswa emalini.
Uma kusethsenziswa umuntu wesifazane emalini kusuke kusobala ukuthi abantu abeza kuyena abamthandi kodwa bathanda into anayo. Kufuneka ushintshe ukwenza sisi. PASTOR, nginobuhlungu enhliziyweni engingazi ukuthi ngingabuqeda kanjani. Ngingumuntu okholwayo futhi omaziyo ujehova. Ngithandana nomuntu owashonelwa yinkosikazi ngowezi-2015.
Sinezinyanga eziyisi-5 sithandana, wangitshela ukuthi wehlukana nomuntu abethandana naye, yonke into ibihamba kahle.
Ngelinye ilanga umalume wakhe wangitshela ukuthi sebebuyelene, naye ngambona ukuthi usenoshintsho kodwa ngabekezela ngoba ngiyamthanda kodwa ngizithola ngikhala njalo, ngiyakhuleka ngicela ukuba nesibindi sokubhekana nalesi simo kodwa kunzima.
Angiyena umuntu onolaka nomsindo futhi angibuzi lutho ngoba ngiyamthanda, ngiyazithanda nezingane zakhe futhi siyezwana nazo. Ngicela ungelaphe le nhliziyo eyophayo.
IMPENDULO: Cha dadewethu ngisezicathulweni zakho, ngiyazwelana nawe kodwa-ke ukuthi unenhliziyo enhle akusho ukuthi yiba yisigqila sothando njengoba usho nje ukuthi awubuzi lutho awukhulumi lutho.
Ayikho into ebuhlungu njengokuzithola usuyisigqila sothando. La emnyango kunabantu abakuxhaphazela ukuthi ulungile - leyo nto ayikhokheli. Njengoba uyibeka nje, usho ukuthi wena uyazithulela, akekho umuntu owathi othandweni ubothula ngoba ngeke umuntu athi ekunyathela bese uyathula nje - ubomtshela ukuthi cha uyanginyathela, angikuthandi ukuthi nokuthi.
Alufuneki uthando ongakwazi ukukhuluma kulona into ebuhlungu. Into ebuhlungu kufuneka ingenzeki kodwa uma yenzeka kufuneka usho ukuthi kubuhlungu.
Musa ukujatshuliswa wukuthi uyathula, nezingane uyazithanda naye uyamthanda kanti kunento eyenzakayo ekulimazayo nekubulalayo ngoba ayikho into ebuhlungu njengokukhuluma into emuva kweminyaka eli-10 okwakufanele uyikhulume ngosuku lokuqala.
Yonke into othandweni eyenzekayo, oyithandayo nongayithandi, kufuneka ukhulume indlela ozizwa ngayo. Uthando lumiswa yiqiniso, hhayi amanga. PASTOR, ngiyafa wubuhlungu bokuhlukumezeka, angisalali ngisho ebusuku kodwa ngoba ngilalela wena nje ngezinkulumo zakho ezakhayo ngivele ngibe nethemba.
Ngicela ungitshele isiteshi somsakazo osakaza kuso. Akusalaleki ngisho ebusuku, ngihlukumezekile kwezothando, ngendlela yokuthi angisazi nokuthi iyini incazelo yothando.
Akudluleki kulo muntu ongihlukumezayo, ngicela usizo ungibonise, noma unginikeze amavesi azobuyisa ukuzethemba empilweni yami.
Ngiyabonga. IMPENDULO: Cha dadewethu kufuneka wazi nje ukuthi othandweni kudingeka ukuba ukhule ngomqondo uma uzohlala kulona ngoba iqiniso esingeke salibalekela wukuthi abantu abaningi abalimele abalimalanga empini kodwa balimele othandweni.
Ubokwazi ukuthi njalo nje uma uzongena othandweni kukhona ukukhubeka ozokuthola kodwa-ke uma ukhulile ngokomqondo ungakwazi ukuluthokozela uthando futhi ujabule.
Elinye iqiniso elihlukumeza abantu othandweni wukuthi basebenzisa izitho zangasese kuphela ( private parts), ingqondo bangayisebenzisi.
Ukuba bekuthiwa sengizofa, mangikhulume iqiniso bengiyothi “iphutha elenziwa ngabantu kwezothando wukusebenzisa izitho zangasese kodwa ingqondo bangayisebenzisi, yikho kunje.”
Njengoba kuqala uzibandlela (December) nje uzokwazi isiteshi somsakazo engizotholakala kuso kodwa okwamanje amacd namaDVD ayatholakala ezitolo, futhi ungaxhumana nami kule nombolo engezansi uma udinga amacd naMADVD amasha azokukhulisa ngokomqondo. PASTOR, kunomuntu engithandana naye, siyaxabana siphinde sibuyelane. Akafuni ngimyeke kepha akakwazi ukuxolisa. Angazi noma uyangithanda yini - ngicacisele pastor.
IMPENDULO: La othandweni kunomsangano oke wenzeke nje ngoba uke uthole umuntu esebuza nombuzo naye ongathi uma usumhlalisa phansi umbuza ukuthi uyazizwa ukuthi ubuzani, adideke.
Njengawe nje dadewethu, uthi angikucacisele ukuthi uyakuthanda yini noma cha, kodwa impe- PASTOR, ngicela ungikhulekise ngithole umsebenzi.
IMPENDULO: Okungenzeki kubantu kunkulunkulu kuyenzeka. Unkulunkulu ungunkulunkulu wesikhathi ( master of time). Ungacabanga ukuthi ukukhohliwe kanti akakukhohliwe neze. Yonke into phansi komthunzi welanga inosuku lwayo, nawo wonke umuntu unosuku lwakhe.
Ngisho inja efuywe emjondolo ephila ngesikhokho ike ithi iyahamba nje kanti kwamakhelwane bekunomcimbi izithole isicaba amathambo eduze komgqomo ngoba bekuhlatshiwe.
Nawe ungumuntu, siyofika isikhathi sakho. Kodwa-ke ngisize la, awuke ubheke abantu ozwana nabo ukuthi la kusikokela sakho kuyalingana yini ( balance). Cha dadewethu/ mfowethu uboke ngelinye ilanga uzibheke nje ukuba ungazwani nabantu abangaphansi kwakho bonke ngezinga ngoba uyoze ufe uphansi.
Ungazwani nabantu abalingana nawe ngezinga ngoba uyoze ufe uyile nto oyiyo kodwa uke uthi ukucosha nje kube khona abantu abangaphezu kwakho ngezinga.
Uyokhula ngalelo langa futhi uyosizakala. Ubozibuza ukuthi abantu ozwana nabo bayokwazi yini ukukusiza ngelinye ilanga noma bakudalela usizi nje kuphela - siyimiphumela yabantu esizwana nabo ( we are the results of our friends).