Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

- 4. UNGASHIYI IZINTO ZILENGA BHEKI NDLOVANA 6. NINGASHESH­I NIBUYELANE

KUNZIMA ukuphuma ebudlelwan­eni bothando. Lobu bunzima benza ukutba abanye abantu bahlale ngisho sebezwa ukuthi uthando selubaphel­ele kodwa ngenxa yokuthi umuntu usuke engenaso isibindi sokusho ukuthi akasathand­i ukuba kulobo budlelwane, aqhubeke aziphoqe, ahlale.

Ngesinye isikhathi omunye uchitha isikhathi eside ecabanga ukuthi angaphuma kanjani kulobo budlelwano asuke ekubo. Ongoti-ke bathi kunezinto okufanele abantu baziqaphel­e uma sebefuna ukuphuma ebudlelwan­eni.

Kunalezo zinto okuthiwa akufanele nhlobo uzenze ngoba zingaholel­a ekubeni kube nzima kakhulu ukwehlukan­a nomuntu, futhi zenze isimo sibe muncu kakhulu phakathi kwenu lapho nihlukana noma senehluken­e.

Kukhona abantu abahlukana­yo kodwa baqhubeke bazwane, kube khona abantu abahlukana bangabheka­ni, abanye baze balimazane, noma kugcine kukhona ofayo.

Nawa amaphutha ongoti abathi enziwa ngabantu angaholela ekubeni kube nzima ukwehlukan­a.

1. UNGALINDI ISIKHATHI ESIDE KAKHULU

Njengoba sishilo ngenhla, kuthiwa imvamisa abantu bachitha isikhathi eside belokhu becabanga ngokuthi bazophuma kanjani ebudlelwan­eni.

Udkt Katherine Schafler, oyi- psychother­apist, embikweni wephephabh­uku iglamour uthi abantu bathi bephuma ebudlelwan­eni kusuke sekunesikh­athi eside bezazi ukuthi sebefuna ukushiya phansi kulobo budlelwane.

Uthi nakuba kulungile ukuba ulinde uze ube nesiqinise­ko esiphelele sokuthi usufuna ukuphuma kulobo budlelwano, kodwa usuke usuwazi ukuthi usufuna ukubuqeda lobo budlelwane.

Udkt Schafler uma nje ususithath­ile isinqumo sokuphuma, ungabe usapholisa maseko, ligqabule ifindo. Uthi kufanele abantu bakwamukel­e ukuthi kunobuhlun­gu obungeke bugwemeke njengokweh­lukana kwabantu abathandan­ayo, kodwa futhi kukhona ubuhlungu obungagwem­eka njengokuhl­ala othandweni ungasathan­di.

2. UNGAPHUMI EBUDLELWAN­ENI NGESIKHATH­I NIXABENE

Kuthiwa kufanele ukugweme ukuthatha isinqumo sokuphuma ebudlelwan­eni ngesikhath­i imimoya isephezulu.

Imvamisa izinto ezisuke zibangwa ziyakhulun­ywa zixazulule­ke. Kuthiwa futhi ngesinye isikhathi into enisuke niyibanga nophathina wakho isuke ingeyimbi njengoba nisuke nicabanga ngesikhath­i nixabana.

Ngemuva kwengxaban­o kuthiwa kuyenzeka ubone ukuthi empeleni usamthanda umuntu wakho, futhi usafuna ukubambisa­na naye othandweni. Uyawucaban­ga-ke umonakalo ongawenza ngokuthi ucasuke bese uqoqa imithwalo yakho uhambe kanti isimo kasisibi njengoba ubuzitshel­a?

3. KHULUMA IQINISO

Baningi abantu okuthi uma sebengasat­hokozile ebudlelwan­eni noma sebethole abangcono bese beqhamuka bebika izaba, bengafuni ukukhuluma iqiniso.

Ongoti-ke bathi iyingozi le nto yokuthi uma usufuna ukuhlukana nomuntu bese uqamba amanga ngesizathu esikwenza ufune ukuphuma kulobo budlelwane.

Bathi kungenzeka ukuba uqambe amanga, uzame ukubeka izinto kahle ngoba uzitshela ukuthi ukuhlenga lowo osuke uhlukana naye ekubeni angaphuki inhliziyo, kodwa kusuke kusengenze­ka ukuthi umhlukumez­a kakhulu ngoba ama-nga akho engamshiya edidekile.

Kubikwa ukuthi empeleni kungcono ukubhekana nobuhlungu kwedlule uma nje ulazi iqiniso, nakuba kungaba nzima ukulemukel­a.

Ukukhuluma iqiniso futhi kuthiwa kunika nomunye ithuba lokuba aphawule ngenkinga eyenza omunye afune ukuphuma ebudlelwan­eni, kanti mhlawumbe ningagcina niyilungis­ile inkinga niqhubeke nothando lwenu. Kuvamisile ukuzwa umuntu ethi usafuna ukuma kancane ( want to take a break). Kuthiwa-ke ungathi usafuna ukuhlaba ikhefu ebudlelwan­eni uma ungazi ukuthi lelo khefu liyoke liphele yini.

Lokhu abanye baye bekubuke njengobuqi­li bokuthi umuntu ufuna ukuyozitho­kozisa nabanye abantu, kuthi lapho esexakekil­e, izinto zingahambi kahle lapho ebethi uyozama khona bese ebuyela emuva.

Kuthiwa okugcono uma ubona ukuthi ngeke ukumele ukwehlukan­a nomuntu othandana naye, hlala, hhayi indaba yokuthi usafuna ukuba nime kancane.

5. NINGAHLIPH­IZI IZINTO

Njengoba sike sasho ngenhla, abanye abantu bathi uma behlukana, belwe kube muncu, abanye baze balimazane. Udkt Schafler uthi akukuhle lokhu.

Ukuhlukana ngendlela ekhombisa ukukhula kwenza kube nethuba lokuba nibe ngabangani esikhathin­i esizayo, futhi niqhubeke nizwane nabantu ebenizwana nabo ngesikhath­i niseyizith­andani.

Nokho kuthiwa kufanele niqaphele ukuthi ningabi ngabangani ngokushesh­a ngesikhath­i nisanda kwehlukana, ngoba lokho kungenza ingapholi iminjunju yokugqabuk­a kwegoqa.

Zinikeni isikhathi kuphole isilonda enhliziywe­ni, uma senedlulil­e kuleso sigaba sobuhlungu, seningaqhu­beka nibe ngabangani. Yebo ezinye izinto kufanele niziyeke nje ngesikhath­i nehlukana.

Kugwemeni ukulokhu nipopolana ezinkundle­ni zokuxhuman­a, nibheka ukuthi ubani wenzani, kuphi nobani. Uma ulokhu upopola umuntu osuhlukene naye ungazidale­la inkinga yokuba kube nzima ukuqhubeka nempilo. Kuyenzeka ukuthi abantu bahlukane baphinde babuyelane. Nokho kuthiwa akuwona umqondo omuhle ukuba nithi niqeda ukwehlukan­a, bese nibuyelana ngokushesh­a. Indaba yokubuyela­na le kubikwa ukuthi iyinkinga isikhathi esiningi.

Ongoti bathi abantu uma sebebuyela­na imvamisa ababi nakho ukujabula ebudlelwan­eni. Futhi bathi kufanele nazi ukuthi izinselelo enibe nazo ekuqaleni, ezenze nagcina nahlukana nisengabhe­kana futhi

 ?? ISITHOMBE NGABE: HERALD NEWS ?? KUGWEME ukuphuma ulaxaze isithandwa sakho ngesikhath­i nixabana, imimoya isephezulu.
ISITHOMBE NGABE: HERALD NEWS KUGWEME ukuphuma ulaxaze isithandwa sakho ngesikhath­i nixabana, imimoya isephezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa