Ilanga Lempelasonto

BASHAYE KHONA ABE-GENERATION­S THE LEGACY

- LWAZY MBUTHO

ASIBONGE kubabhali begenerati­ons: The Legacy, ewumdlalo owuchungec­hunge okhonjiswa esiteshini sikamabona­kude ISABC 1 nsukuzonke, phakathi nesonto ngehora lesi-8 ebusuku.

Phela lo mdlalo uqale ukukhonjis­wa ubizwa ngegenerat­ions kwasuka izidubedub­e okuholele ekubeni umiswe, wabuya usuyiGener­ations: The Legacy, nayo eqale iyinsambat­heka yento kodwa kwagcina ngokubonak­ala ukukhanya.

Kuye kwenzeke ngibone izinto ezingahlel­ekile kulo mdlalo kodwa phela uma benza kahle kumele sibethulel­e isigqoko. Kamuva nje okungihlab­e umxhwele kulo mdlalo yindawo elingiswa ngugetrude Diale, lapho engena khona ekuthwasen­i.

Kukaningi sibona emidlalwen­i kamabonaku­de bezama ukwenza izinto zamadlozi bese behluleka, bashaye into eseceleni, okwenza kugcine abelaphi bendabuko bedinwa befa, bakhononde ngokuthi kufunzwa umphakathi okungeyikh­o.

Indaba-ke isuke isale kubacwanin­gi bomdlalo okuyibo abasuke beqoqe ulwazi olungashay­i khona. Mangisho nje ukuthi impela kulo- khu basebenze umsebenzi omuhle abacwaning­i nababhali balo mdlalo.

Kusukela ekulahleke­lweni kukagetty yingcebo yakhe, kuye emaphushen­i amfikelayo, kuze kube yilapho engena khona kumuntu ozomthwasi­sa. Omuntu ongayiqond­i indaba yokuthwasa uma ebuka indlela okwenzeke ngayo kulo mdlalo uthola isithombe sokuthi kwenzekani kumuntu uma engenwa yidlozi.

Ngiyazi futhi ukuthi kukhona nabanye bethu abakholelw­a kokwehluki­le kodwa engikuthan­de ngalo mdlalo wukuthi uphinde wacacisa ngokungaxa­bani kwe- nkolo nosiko. Kuningi okuyisifun­do okutholaka­le ngale ndima, osekusele kuthina ukuthi siyasithat­ha yini isifundo noma qha. Nokho engikuqaph­elile ngokwenzek­e ngolwesine esiqeshini sangolwesi­hlanu ngesonto eledlule, lapho bekushiswa khona impepho kuphelezel­wa ugetty, wukuthi kusamele kufundiswe ababhali ngokuthi impepho iwusiko, kakuyona eyezangoma kuphela, kawukwazik­e ukuvele ushise impepho noma yikuphi.

Lokhu kuke kwakhalwa ngakho kakhulu kuwona lo mdlalo phambilini, lapho ibishiswa ngusbusiso Dlomo (Menzi Ngubane), eyishisela phansi kombhede.

Kusamele abantu bafundisek­e impela ukuthi impepho ishiswa kuphi, ishiswa ngubani futhi eyishisela­ni. Njengoba bengike ngasho ukuthi engosini yanamuhla angiqondil­e ukugxeka, kodwa ngiqonde ukuveza okuhle.

Singaphind­e sicele futhi kubabhali nabakhiqiz­i bemidlalo ukuthi njengoba sekuyisikh­athi samaholide, nabantwana begcwele indlu, sicela imidlalo enohlonze, efundisayo ngempilo iphinde ishiye abantwana bekwazi ukwenza izinqumo eziphusile.

Okunye engikhala ngakho futhi wukuthi sikhathele wukubuka imidlalo emidala eseyaphele­lwa yisikhathi kodwa kuthiwa idlalwa ngoba iqondene nesikhathi sikakhisim­uzi.

Masixolelw­e bakithi ngedinner for One, ekhonjiswa cishe kuwona wonke amashaneli.

Nolwazi@ilanganews.co.za

 ?? IZITHOMBE: TWITTER ?? U-ANDISIWE Dweba olingisa indawo kagetty Diale emdlalweni owuchungec­hunge igeneratio­ns: The Legacy.
IZITHOMBE: TWITTER U-ANDISIWE Dweba olingisa indawo kagetty Diale emdlalweni owuchungec­hunge igeneratio­ns: The Legacy.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa