INANI LE-DATA LINGABABHINCISELA NXANYE ABANINGI
UMUNTU osenenkani namanje mayelana nokubaluleka kwe- internet uma sekuza nakwezemisakazo usadunguza ehlathini ngempela.
Kade yaqala ikhulunywa indaba yokuthi kuzomele kube nemizamo yokuba i- internet itholakale kalula njengoba inselelo kuwukumba eqolo kwe- data.
Ukwehla kwamanani e- data phela kungabe kusiwezile sonke ngoba hhayibo, iyayiqeda imali le nto okuthiwa yi- data kanti yiyo phela eyenza ukuba sikwazi ukungena kwi- internet.
Bayasizakala nje abasebenza emahhovisi ane- internet ngoba kubalula kubona ukungena kwi- ( internet surfing) ngoba sekuyiyona mpilo yanamuhla leyo. Yeka nje ukuthi kukhona abalisebenzisa budedengu leli thuba ngokuhlala ko- instagram, twitter, facebook, voov nokunye, belibele yizinto ezingenamsebenzi.
Uzoqaphela ukuthi iziteshi eziningi zemisakazo sezinama- website nokwazi ukulalela kuwona umsakazo bukhoma uma une- internet. Khohlwa nje okwamanje ukuthi vele uyakwazi ukulalela umsakazo uma nje unocingo kodwa ukuba ne-internet kukwenza ukwazi nokulalela ezinye kalula nje.
Lapha sikhuluma ngezitholakala kwezinye izifundazwe kuphela ( Regional Stations), nongeke ukwazi ukuzithola ngaphandle kwale internet.
Khohlwa futhi okwamanje wukuthi uyakwazi ukuzithola ezinye uma UNE-DSTV, kodwa masigxile ekubalulekeni kwe- internet.
Khumbula futhi ukuthi kunezinye ezitholakala kuyona kuphela i-internet njengotouch HD, Massive Metro nezinye, nezakwamanye amazwe imbala naphesheya kolwandle.
Kangimangalanga utbo Touch nethimba lakhe bememezela ngesonto eledlule ukuthi sekunabantu abangaphezulu kwesigidi asebevakashele lo msakazo wakhe.
Awucabange-ke, kungabanjani uma kune- wifi etholakala kalula noma mahhala ezindaweni eziningi ukuze sikwazi ukungena kwiinternet, kukhona imisakazo engavalwa thaqa ngoba abaphathi bayo kabalaleli uma benxuswa ukushintsha ukwenza.
Babuswa phela yile ndaba ye- monopoly njengoba
ku- nezindawo othola kuzo isiteshi esisodwa kuphela ngenxa yamandla amagagasi omoya wabo.
Okuhle manje wukuthi iningi, nezingane zesikole imbala zinamafoni anakho konke okudingayo ukuze ungene kalula kwi- internet.
Lolu hambo oseluhanjwe ngutouch nabanye luzoba lula impela ngoba ifoni ihlala inawe zikhathi zonke, inkinga nje yilokhu kumba eqolo kwe- data.
Ngike ngezwa U-DJ Sbu ethi kunabambisene nabo abamlekelela ukuba afake i- wifi yamahhala emarenki egoli ukuze abantu bakwazi ukulalela imassive Metro yakhe kalula.
Kawucabange nje izwe lonke selinezindawo eziningi ezine- wifi yamahhala ukuthi singasizakala kanjani nathi esithanda imisakazo.
Ngenxa yokubiza kwezinto uzithola sekumele ukhethe ngempela ukuthi uthenga isinkwa na noma i- data.
Iqiniso wukuthi impilo isikhomba kwi- internet ngakho abaholi bezwe kumele babheke nakulawa amanye amazwe okuthiwa itholakala mahhala noma ngamanani aphansi ukuthi khona benza kanjani. Kakusekho ukujikela emuva kwendlu i- internet yikusasa lempilo nakuyo le mboni. * Singayithokozela neyakho imibono Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha
Email: zowakha@ilanga
news.co.za