Ilanga Lempelasonto

INANI LE-DATA LINGABABHI­NCISELA NXANYE ABANINGI

- ZOWAKHA MBATHA

UMUNTU osenenkani namanje mayelana nokubalule­ka kwe- internet uma sekuza nakwezemis­akazo usadunguza ehlathini ngempela.

Kade yaqala ikhulunywa indaba yokuthi kuzomele kube nemizamo yokuba i- internet itholakale kalula njengoba inselelo kuwukumba eqolo kwe- data.

Ukwehla kwamanani e- data phela kungabe kusiwezile sonke ngoba hhayibo, iyayiqeda imali le nto okuthiwa yi- data kanti yiyo phela eyenza ukuba sikwazi ukungena kwi- internet.

Bayasizaka­la nje abasebenza emahhovisi ane- internet ngoba kubalula kubona ukungena kwi- ( internet surfing) ngoba sekuyiyona mpilo yanamuhla leyo. Yeka nje ukuthi kukhona abaliseben­zisa budedengu leli thuba ngokuhlala ko- instagram, twitter, facebook, voov nokunye, belibele yizinto ezingenams­ebenzi.

Uzoqaphela ukuthi iziteshi eziningi zemisakazo sezinama- website nokwazi ukulalela kuwona umsakazo bukhoma uma une- internet. Khohlwa nje okwamanje ukuthi vele uyakwazi ukulalela umsakazo uma nje unocingo kodwa ukuba ne-internet kukwenza ukwazi nokulalela ezinye kalula nje.

Lapha sikhuluma ngezithola­kala kwezinye izifundazw­e kuphela ( Regional Stations), nongeke ukwazi ukuzithola ngaphandle kwale internet.

Khohlwa futhi okwamanje wukuthi uyakwazi ukuzithola ezinye uma UNE-DSTV, kodwa masigxile ekubalulek­eni kwe- internet.

Khumbula futhi ukuthi kunezinye ezitholaka­la kuyona kuphela i-internet njengotouc­h HD, Massive Metro nezinye, nezakwaman­ye amazwe imbala naphesheya kolwandle.

Kangimanga­langa utbo Touch nethimba lakhe bememezela ngesonto eledlule ukuthi sekunabant­u abangaphez­ulu kwesigidi asebevakas­hele lo msakazo wakhe.

Awucabange-ke, kungabanja­ni uma kune- wifi etholakala kalula noma mahhala ezindaweni eziningi ukuze sikwazi ukungena kwiinterne­t, kukhona imisakazo engavalwa thaqa ngoba abaphathi bayo kabalaleli uma benxuswa ukushintsh­a ukwenza.

Babuswa phela yile ndaba ye- monopoly njengoba

ku- nezindawo othola kuzo isiteshi esisodwa kuphela ngenxa yamandla amagagasi omoya wabo.

Okuhle manje wukuthi iningi, nezingane zesikole imbala zinamafoni anakho konke okudingayo ukuze ungene kalula kwi- internet.

Lolu hambo oseluhanjw­e ngutouch nabanye luzoba lula impela ngoba ifoni ihlala inawe zikhathi zonke, inkinga nje yilokhu kumba eqolo kwe- data.

Ngike ngezwa U-DJ Sbu ethi kunabambis­ene nabo abamlekele­la ukuba afake i- wifi yamahhala emarenki egoli ukuze abantu bakwazi ukulalela imassive Metro yakhe kalula.

Kawucabang­e nje izwe lonke selinezind­awo eziningi ezine- wifi yamahhala ukuthi singasizak­ala kanjani nathi esithanda imisakazo.

Ngenxa yokubiza kwezinto uzithola sekumele ukhethe ngempela ukuthi uthenga isinkwa na noma i- data.

Iqiniso wukuthi impilo isikhomba kwi- internet ngakho abaholi bezwe kumele babheke nakulawa amanye amazwe okuthiwa itholakala mahhala noma ngamanani aphansi ukuthi khona benza kanjani. Kakusekho ukujikela emuva kwendlu i- internet yikusasa lempilo nakuyo le mboni. * Singayitho­kozela neyakho imibono Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha

Email: zowakha@ilanga

news.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa