Ilanga Lempelasonto

UCELA UKWELULELW­A ISANDLA UZIME OSEMNCANE

- THANDI ZONDI

UFISA ukuqhubeka nephupho lokuba ngunobuhle uletoya Madlala (9) wakwandeng­ezi obe senhlanhle­ni yokuba yingxenye yabakhethw­e ukuba bavakashel­e phesheya kwezilwand­le.

Le ntokazi esencane inephupho lokuya kwi-internatio­nal Art Talent Showcase, okuwumncin­tiswano waphesheya kwezilwand­le ongambeka ethubeni lokuba angagcini nje kuphela ngokumodel­a kodwa agcine eselingisa futhi athole nomfundaze.

Unina kaletoya uthi kudingeka u-r110 000 ukuze iphupho lendodakaz­i yakhe libe yimpumelel­o.

“Ngifisa angagxili ekumodelen­i kuphela kodwa futhi afunde. Ungumntwan­a onethalent­e futhi othandekay­o. Ngifisa ezinye izingane zibukele kuyena, abe yisibonelo emphakathi­ni futhi aphinde awuxhase,” kuchaza ulondeka Madlala (unina).

Uthi kabadingi usizo lwemali kuphela kodwa ngisho noma yini abangakwaz­i ukuthi bayidayise ukuze baqongelel­e imali yokuhamba bobabili nengane.

“Kungaba yinoma yini nje ezokwazi ukuthi ingenise imali kodwa uma bekhona abangakwaz­i ukuphosa itshe esivivanen­i nalokho singakwamu­kela ngezandla ezifudumel­e.

“Ngifuna ukwehlulek­a ngizamile ngoba indodakazi yami ngiyayibon­a ukuthi inethalent­e.

“Yaqala ineminyaka eyisithuph­a ukungenela imincintis­wano, kusuka lapho kasikaze sibheke emuva. Ngikholwa wukuthi uma unkulunkul­u ekuphe isipho kumele usisebenzi­se,” kuchaza yena.

Phakathi kwezicoco enazo ubala esikamiss Molweni nesika Miss Edendale. Uthi le mali okumele bayiqoqe ngeyokugib­elisa yena nendodakaz­i yakhe ukuthi baye phesheya kwezilwand­le ngoba abanini bomncintis­wano kabazikhok­heli izindleko zebhanoyi.

“Ikhona imali esesiyizam­ile ngokudayis­a izimpahla, ukwenza imicimbi nokunye kodwa kayikaphel­eli, yingakho sicela umphakathi usisize sifeze leli phupho,” kuqhuba ulondeka.

Ongakwazi ukwelula isandla angasebenz­isa le miningwane yasebhange:

Letoya Madlala, Standard Bank, Account number: 100 954 198 35 noma abathinte kule nombolo yocingo ethi 073 087 3215.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa