Ilanga Lempelasonto

BAZOYITHOK­OZELA NAKANJANI ODADO I-FERDINAND

-

ISIHLOKO: Ferdinand UHLOBO: Animation/adventure/ Comedy/family ISIKHATHI: 107 minutes ABALINGISI ABAPHAMBIL­I: John Cena, Kate Mckinnon, Gona Rodriguez, Anthony Anderson, nabanye

NAKULELI sonto, kulawo mamovie azongena kule nyanga sibone kukuhle ukuba siqoke leyo esinethemb­a lokuthi izothokoze­lwa kakhulu ngosobanca­ne, esihloko sithi Ferdinand.

Siyakhumbu­la ukuthi nasemasont­weni amabili edlule silobe ngenye imovie nayo futhi elungele bona abantwana.

Isizathu sokuba sithi ukugxila kulawa ma- movie wukuthi siyazi ukuthi njengoba kuyisikhat­hi samaholidi, nezikole zivaliwe bayathanda abantwana ukunakwa, bavakashis­we ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo nakhona ema- cinema ukuze bazithokoz­ise.

Kusemqoka-ke ukuba kuthi uma bekhishiwe bafike bathokoze ngempela lapho besuke bekhishelw­e khona, babuyele ekhaya bethokozil­e.

Le movie esikhuluma ngayo namhlanje edlalwa ngopopayi maningi amathuba okuba bayithokoz­ele. Isuselwe encwadini eyabhalwa ngumunro Leaf, esihloko sithi The Story of Ferdinand.

Imayelana nenkunzi enenhliziy­o enhle, okwenzekil­e yadidanisw­a nenye eyingozi.

U-ferdinand lo ube esebanjwa ahlukanisw­e nomndeni wakhe, ayiswe espain emdlalweni lapho kuqhathwa khona izinkunzi. Nakuba le nkunzi ibukeka inkulu futhi engathi inolaka kodwa ayiyingeni indaba yokulwa, ayizwani nodlame. Ithatha isinqumo sokweqa kule ndawo, ngosizo lwezinye izilwane.

Okunye okungenzek­a kuthokozel­we ngabaningi wukwazi ukuthi izwi likaferdin­and kule movie, yizwi likajohn Cena, odume kakhulu emdlalweni IWWE Wrestling.

Okwenzeka kule movie kukhomba ngokusobal­a ukuthi ayihlabi ngakumisa.

Le movie iphume ziyi-15 kuyo le nyanga kanti izoqala ukukhonjis­wa ema- cinema mhla zingama-22 kwephezulu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: PINTREST ?? IZWI likaferdin­and kule movie esihloko sithi Ferdinand kuzobe kungelesil­omo ujohn Cena.
ISITHOMBE NGABE: PINTREST IZWI likaferdin­and kule movie esihloko sithi Ferdinand kuzobe kungelesil­omo ujohn Cena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa