Mayibuyekezwe indaba yamaholo emzansi
MHLELI, akeyibhekisiswe indaba yamaholo kuleli zwe ngoba ngathi eyamaholo ivuna kakhulu laba okuthiwa ngabanolwazi olubalulekile (izifundiswa) ukudlula olwabanye abanalo nje bengayanga ezikoleni, iningi labo okungabamnyama.
Enkampanini eyodwa uthola ukuthi laba bantu abanolwazi olungayelangwa ezikoleni bahola kancane kakhulu, kuthi laba abalulande phakathi emanyuvesi baholelwa ngokuphindwe kashumi noma ngamashumi amathathu wonke kunalaba abangafundanga.
Likhulu igebe lamaholo emzansi. Eyurophu igebe lamaholo alilikhulu kangako ngaphandle kwawosaziwayo nabaphathi. Ngike ngasebenza phesheya kwezilwandle, bengisedublin, e-ireland.
Abantu balaphaya baphila impilo efanayo bonke, ayikho indawo okuthiwa ngehlala omacaphuna kusale kodwa uhlala la uthanda ukuhlala khona ngoba amaholo kuleliya lizwe aneqiniso kubantu. Nakhona kufundiwe, kunezikole kodwa kuneqiniso.
Ngesikhathi ngikhona iholo elincane elemukelekile (minimum wage) bekungu €10.60 (R170.80) ngehora. Imisebenzi yabangafu- ndile (general work) kaningi yona ikhokha phakathi kuka €22 000 kuya €34 900 ngonyaka, bese kuthi eyabafundile ibivame ukuba ko €36 000 kuya ko €45 000 ngonyaka. Bese laba abaphethe izikhundla ezinkulu njebaphathi (managers) abaqondisi (directors) njalo njalo bona bebehola kakhulu €50 000, €70 000 ngonyaka.
Cishe iyurophu yonke indaba yamaholo ihleliwe. Emzansi kudlalwa ngabantu, uthola abantu sebesemarenki naseziteshini zezitimela ngo-4 ekuseni, liyana noma liyaduma kodwa bayaya emsebenzini, bazobuyela ezindlini nta- mbama sekuhwalele, abanye abanayo nemali yokugibela, bahamba ngamabhayisikili babanga umgwaqo nezimoto kodwa makuphela iviki noma inyanga abantu bahola ubala.
Laba bantu babeka impilo yabo engcupheni yokubulawa yizigebengu beyosebenzela yona le mali encane. Sike sihlangane nomuntu kusemnyama eya emsebenzini ehamba yedwa, uvele ubone ukuthi impilo yalo muntu isengcupheni. Ngabe abamnyama basebesenzela ukudla nokugqoka kuphela?