Ilanga Lempelasonto

Mayibuyeke­zwe indaba yamaholo emzansi

-

MHLELI, akeyibheki­siswe indaba yamaholo kuleli zwe ngoba ngathi eyamaholo ivuna kakhulu laba okuthiwa ngabanolwa­zi olubalulek­ile (izifundisw­a) ukudlula olwabanye abanalo nje bengayanga ezikoleni, iningi labo okungabamn­yama.

Enkampanin­i eyodwa uthola ukuthi laba bantu abanolwazi olungayela­ngwa ezikoleni bahola kancane kakhulu, kuthi laba abalulande phakathi emanyuvesi baholelwa ngokuphind­we kashumi noma ngamashumi amathathu wonke kunalaba abangafund­anga.

Likhulu igebe lamaholo emzansi. Eyurophu igebe lamaholo alilikhulu kangako ngaphandle kwawosaziw­ayo nabaphathi. Ngike ngasebenza phesheya kwezilwand­le, bengisedub­lin, e-ireland.

Abantu balaphaya baphila impilo efanayo bonke, ayikho indawo okuthiwa ngehlala omacaphuna kusale kodwa uhlala la uthanda ukuhlala khona ngoba amaholo kuleliya lizwe aneqiniso kubantu. Nakhona kufundiwe, kunezikole kodwa kuneqiniso.

Ngesikhath­i ngikhona iholo elincane elemukelek­ile (minimum wage) bekungu €10.60 (R170.80) ngehora. Imisebenzi yabangafu- ndile (general work) kaningi yona ikhokha phakathi kuka €22 000 kuya €34 900 ngonyaka, bese kuthi eyabafundi­le ibivame ukuba ko €36 000 kuya ko €45 000 ngonyaka. Bese laba abaphethe izikhundla ezinkulu njebaphath­i (managers) abaqondisi (directors) njalo njalo bona bebehola kakhulu €50 000, €70 000 ngonyaka.

Cishe iyurophu yonke indaba yamaholo ihleliwe. Emzansi kudlalwa ngabantu, uthola abantu sebesemare­nki nasezitesh­ini zezitimela ngo-4 ekuseni, liyana noma liyaduma kodwa bayaya emsebenzin­i, bazobuyela ezindlini nta- mbama sekuhwalel­e, abanye abanayo nemali yokugibela, bahamba ngamabhayi­sikili babanga umgwaqo nezimoto kodwa makuphela iviki noma inyanga abantu bahola ubala.

Laba bantu babeka impilo yabo engcupheni yokubulawa yizigebeng­u beyosebenz­ela yona le mali encane. Sike sihlangane nomuntu kusemnyama eya emsebenzin­i ehamba yedwa, uvele ubone ukuthi impilo yalo muntu isengcuphe­ni. Ngabe abamnyama basebesenz­ela ukudla nokugqoka kuphela?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa