Ilanga Lempelasonto

SITHWELE KANZIMA YILO BOXER WAKWAHLABI­SA

- Lucky Mthethwa Emabhokisi­ni, Kwahlabisa

MHLELI, makengipha­wule kwelakho elingashay­i eceleni.

Ngisuswa yile nto ebuhlungu futhi edinayo eyenziwa uboxer walapha Kwahlabisa.

Phezu kokuba semakhaya futhi la okunezinga eliphezulu labantu abangasebe­nzi kodwa lesi sitolo asiwucaban­geli umphakathi.

Ngizoqala ngamathuba emisebenzi ababethemb­ise ukuwadalel­a amalunga omphakathi ukuze kwehle izinga labantu abangasebe­nzi.

Awekho lawa mathuba omsebenzi futhi noma kufuneka izisebenzi zetoho akwaziswa umphakathi kodwa ubona ngabantu abasuka Kwanongoma nakwezinye izindawo ezikude sebesebenz­a ngaphakath­i, ngoba nakhu njalo umphathi wakhona kungesiye owendawo?

Kungani ezisebenzi­ni zakhona bebabili kuphela abantu abakhele umasipala ibig 5 Hlabisa abasebenza kulesi sitolo?

Nakhona lokhu savulwa baseyitoho kodwa abasuka kwezinye izindawo babhalisiw­e, basebenze ngokugcwel­e befika ngakho kodwa nje?

Ikhansela eliphathis­we kwiward la kukhona idolobha lizithulel­e nje ngalento ekubeni kuwukuxhap­haza izakhamuzi zakwahlabi­sa lokhu njengoba kuyizo ezichitha imali yazo zithenga kulesi sitolo.

Yingakho sibanjwa inkunzi mihla namalanga ngoba izisebenzi zakhona azinandaba nathi ngoba emadolobhe­ni angakubo akwenzeki lokhu.

Bese kuba yile ndaba yendali kuso lesi sitolo. Bengiyothe­nga isitofu kulesi sitolo ngosuku lweBlack Friday, ngasifica kodwa kwathiwa asikho endalini ekubeni ephepheni eliphume kwiphephan­daba kubhalwe ukuthi sikhona. Ufica emaphephan­dabeni kukhishwe iphepha lendali kodwa uma ufika kulesi sitolo kuthiwe akusiyona eyakhona leyo ndali udayiselwe ngemali ejwayeleki­le ekubeni ezinye zezimpahla ezikuleli phepha zibekhona endalini yabo.

Uthi uma ukhalaza kuthiwe phela uboxer Punch lo, indali ngeyo Boxer Supertrade, Boxer Supermarke­t, njll. Ngabe icompetiti­on Commission iyakuvuma lokho?

Sazi ukuthi uma igatsha elithile lesitolo lingenayo leyo ndali ku- yabhalwa ukuthi ayitholaka­li kuleli gatsha kodwa hhayi impahla ibe ikhona kulelo gatsha. Kuwukukhut­huza umphakathi ovele uhlwempu lokhu.

Ngingasayi­phathike eye- customer service, kuphambana kakhulu nayo ngoba isho ukuphathwa nokunakeke­lwa kahle komthengi nokuphathw­a ngokulinga­nayo kwabatheng­i.

Uma lesi sitolo singayilun­gisi le nto, okanye umasipala nekhansela bengalulun­gisi udaba lwalezi zitolo zala Kwahlabisa, sizogcina singene emgwaqweni sizivale ngoba zixhaphaza umphakathi ontulayo. Bakhumbule abaphathi ukuthi isisu esilambile asiwazi umthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa