SITHWELE KANZIMA YILO BOXER WAKWAHLABISA
MHLELI, makengiphawule kwelakho elingashayi eceleni.
Ngisuswa yile nto ebuhlungu futhi edinayo eyenziwa uboxer walapha Kwahlabisa.
Phezu kokuba semakhaya futhi la okunezinga eliphezulu labantu abangasebenzi kodwa lesi sitolo asiwucabangeli umphakathi.
Ngizoqala ngamathuba emisebenzi ababethembise ukuwadalela amalunga omphakathi ukuze kwehle izinga labantu abangasebenzi.
Awekho lawa mathuba omsebenzi futhi noma kufuneka izisebenzi zetoho akwaziswa umphakathi kodwa ubona ngabantu abasuka Kwanongoma nakwezinye izindawo ezikude sebesebenza ngaphakathi, ngoba nakhu njalo umphathi wakhona kungesiye owendawo?
Kungani ezisebenzini zakhona bebabili kuphela abantu abakhele umasipala ibig 5 Hlabisa abasebenza kulesi sitolo?
Nakhona lokhu savulwa baseyitoho kodwa abasuka kwezinye izindawo babhalisiwe, basebenze ngokugcwele befika ngakho kodwa nje?
Ikhansela eliphathiswe kwiward la kukhona idolobha lizithulele nje ngalento ekubeni kuwukuxhaphaza izakhamuzi zakwahlabisa lokhu njengoba kuyizo ezichitha imali yazo zithenga kulesi sitolo.
Yingakho sibanjwa inkunzi mihla namalanga ngoba izisebenzi zakhona azinandaba nathi ngoba emadolobheni angakubo akwenzeki lokhu.
Bese kuba yile ndaba yendali kuso lesi sitolo. Bengiyothenga isitofu kulesi sitolo ngosuku lweBlack Friday, ngasifica kodwa kwathiwa asikho endalini ekubeni ephepheni eliphume kwiphephandaba kubhalwe ukuthi sikhona. Ufica emaphephandabeni kukhishwe iphepha lendali kodwa uma ufika kulesi sitolo kuthiwe akusiyona eyakhona leyo ndali udayiselwe ngemali ejwayelekile ekubeni ezinye zezimpahla ezikuleli phepha zibekhona endalini yabo.
Uthi uma ukhalaza kuthiwe phela uboxer Punch lo, indali ngeyo Boxer Supertrade, Boxer Supermarket, njll. Ngabe icompetition Commission iyakuvuma lokho?
Sazi ukuthi uma igatsha elithile lesitolo lingenayo leyo ndali ku- yabhalwa ukuthi ayitholakali kuleli gatsha kodwa hhayi impahla ibe ikhona kulelo gatsha. Kuwukukhuthuza umphakathi ovele uhlwempu lokhu.
Ngingasayiphathike eye- customer service, kuphambana kakhulu nayo ngoba isho ukuphathwa nokunakekelwa kahle komthengi nokuphathwa ngokulinganayo kwabathengi.
Uma lesi sitolo singayilungisi le nto, okanye umasipala nekhansela bengalulungisi udaba lwalezi zitolo zala Kwahlabisa, sizogcina singene emgwaqweni sizivale ngoba zixhaphaza umphakathi ontulayo. Bakhumbule abaphathi ukuthi isisu esilambile asiwazi umthetho.