Ilanga Lempelasonto

UMUHLE UMSEBENZI WAMABHENAN­YAWO

-

MHLELI, ngiyakhule­ka kumdlokomb­ane. Ngiphinde ngikhuleke emakhosini ohlanga enhla nasezansi kwelikamth­aniya. Bese ngibingele­la wonke umfundi wephephand­aba lethu esilithand­ayo.

Kwelakho elidedela imisebe ibuye nendaba ngicela ungiphe iphepha ngoba usiba nalu ngilupheth­e. Cha belu angizoba mude. Ngokufundi­swa kwethu emakhaya esiphuma kuwo kuthiwa into enhle iyanconywa.

Sesingavum­a ukuthi umaskandi okuwumculo esiwuthand­ayo usukweliny­e izinga. Wonke umuntu usuzwa ekhuluma ngomaskand­i, kungaba omncane noma omdala. Empeleni ngiyafisa ukuchoma Amabhenany­awo uphaphe lwegwalagw­ala ngecwecwe lawo elisihloko sithi Akhuphula Umkhomazi.

Ngingumlan­deli omdala kamasikand­i kepha kungokokuq­ala ngqa ukuba omasikandi abayisikho­mbisa bahlangany­ele ndawonye baze bakhiphe icwecwe, okungubaba Phuzekhemi­si, baba Mkhanyisel­wa, Ichwane lebhaca, Mbuzeni, Bahubhe, Thwasa lekhansela kanye nenyonemhl­ophe. Lokho kwagcina ngezingqun­gqulu zomhlaba.

Into engiyiqaph­ele kuleli cwecwe wukuthi liphethe umyalezo ojulile wodwa. Uyazi ngehluleka nokuthatha izingoma ezimbala ngoba zonke zinomyalez­o ojulile. Kukhona ingoma ethi Izimbali zezwe, enezinhlam­vu ezithi: “Uyalibona isoka lakho lidlala kabi malidlala kanje.” Le ngoma iyodwa isitshela ngokuthi umuntu wesimame ubaluleke kanjani. Kube nenye ethi: “Angifuni ukuba yikhansela, kungcono ngibe yinduna. Ngoba kwakhansel­a kuyafiwa.”

Uma kudlala le ngoma uvele ufikelwe wusizi nezinyembe­zi ngenxa yegazi eseligobho­zile esizweni sikandabez­itha ngenxa yobukhanse­la.

Ngiyafisa nabanye abaculi basike iphethini kumabhenan­yawo, bangakwebh­ani kepha basinike ukudla kwethu kwendlebe. Mabhenanya­wo, niyisibone­lo emphakathi­ni.

Nathi balandeli asiyekeni lo mkhuba omubi esiwenzayo wokuthenga umculo ngo-r10 emgwaqweni. Kepha asithenge umculo okuyiwo, ngoba ngeke kwasisiza ukuba sithuthuki­se isigebengu emgwaqweni, iciko lona libe lilimala.

Bese ngicela abantu bomthetho okuba bayisukume­le le nto yabantu abadayisa amacd omkokotelo emgwaqweni ngoba awukho umehluko kubona nababamba inkunzi. Ababoshwe, ubugebengu buyafana. Umthetho awusebenze ngokufana kuwona wonke umuntu. Phambili maciko ethu!

Nkosingiph­ile Mphuthi Esipingo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa