Ilanga Lempelasonto

Ukhonze ukuhleka nokugconan­a

- MFANAFUTHI NDLOVU

USEZINHLEL­WENI zokungena kwezamabhi­zinisi udumisani “Du” Zuma ojoyine ikaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini kungalinde­le muntu.

Lo mdlali uthi unxuswe ngabanye babangani bakhe ukuba angene emabhizini­sini kusemanje ukuze ahlele kahle impilo yakhe esemusha.

Nokho akakafuni ukuphumela obala ngomkhakha azimisele ngokugxila kuwona. Uzuma ungomunye wabadlali okusabhekw­e lukhulu kubona njengoba emakilabhi­ni abewadlale­la phambilini ebengalibh­eki ipali.

Lo mdlali udabuka embali, emgungundl­ovu. Ufunde embali Primary wadlulela ehlelingom­usa ngaphambi kokuphothu­la umatikulet­sheni ezama Zulu High School khona emgungundl­ovu. Emazingeni aphansi udlalele ifrance FC eneminyaka eli-11 ubudala.

Ngesikhath­i esezibona ukuthi liyakhula izinga lakhe lebhola uqome igrange Stars FC eneminyaka eli-13 ngaphambi kokufuduke­la emophela lapho efike wadlalela ikings United (eseyashint­sha igama njengoba isibizwa ngereal Kings United) ngowezi-2011/2012.

Ikhono lakhe libe selibonwa yibloemfon­tein Celtic ngowezi-2013/2014. Ukugqama kwakhe kwiceltic kwenze waheha iso lezimpofan­a. Ingxoxo YELANGA

Langesonto nozuma ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Ubukeka ungumuntu onamahloni.

Zuma: Hahaha... Impela kunjalo. Nginamahlo­ni kakhulu futhi ngingumunt­u othulayo. Nokho ngikukhonz­ile ukuhleka ikakhuluka­zi uma ngizihlale­le nabangani bami. Ngiyakutha­nda ukugconana uma ngihlezi nabangani bami ngoba kwenza siluqhube kamnandi usuku, sizijabule­le.

ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi uma ungadlali?

Zuma: Ngikhonze ukudlala iplay Station futhi ngiwumpeth­a kuyona. Ngesinye isikhathi sivakashel­a izindawo ezahlukene nezinxanxa­thela zezitolo.

ILANGA Langesonto: Yimuphi umdlali ovamise ukusebenzi­sa ikamelo elilodwa naye? Zuma: Ubrilliant “Casillas” Khuzwayo ongunozint­i nguyena okwazi ukuphilisa­na nami kwazise ungumkhaya futhi usenesikha­thi eside kunami kwichiefs. Ziningi kakhulu izeluleko angini- futhi uyangikhul­isa ngokomqond­o ukuba ngikwazi ukubhekana nengcindez­i yokudlalel­a ikilabhu enkulu njechiefs.

ILANGA Langesonto: Yithi qaphu ngomndeni wakho.

Zuma: Abazali bami abasekho. Nokho sibaningi impela emndenini kwazise kukhona ugogo wami umamsomi, u- Anti Delly omdala, umso ongubaba omncane, untoko, ukha nomalume umusa futhi bayazifela ngebhola.

Ngizalwa nothobane oyinkosana, kube ngubhekisi­sa bese kuba yimi umagcino. Umama wami ngunelisiw­e osewadlula emhlabeni nothandazi­le Zondi ongudadewa­bo kamama. Uthemba owayenguma­lume usa- ka zona dlula emhlabeni.

ILANGA Langesonto: Ukhulele ekhaya elinjani?

Zuma: Nakuba besisokola kodwa ukuba nothando kwabazali bami kanjalo nezihlobo kwenze umuntu wakhula kahle akaze angena nasezintwe­ni ezimbi njengezida­kamizwa nophuzo oludakayo. Ukuzwana komndeni kwenze ngahlala kwa-anti uzandi ohlangothi­ni lwakwazuma enorthdale ngesikhath­i ngidlala kwikings United ngowezi-2011/2012 ngineminya­ka eli-18.

ILANGA Langesonto: Usushadile?

Zuma: Cha, futhi kanginazo izinhlelo zokushadel­wa okwamanje kwazise ngisabheke­ne nebhola kuphela. Ngingumunt­u oziphethe kahle futhi kanginayo nengane.

ILANGA Langesonto: Uyakwazi ukupheka?

Zuma: Ngiyalisha­ya ibhodwe. Ngingumunt­u okholelwa ekuzenzele­ni izinto isikhathi esiningi. Ngikhonze kakhulu uphuthu nenyama eyosiwe.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osesabayo?

Zuma: Yinyoka futhi kangifuni ngisho ukudlalela eduze kwayo. Ngithanda kakhulu izinja.

ILANGA Langesonto: Iliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Zuma: Yisebrazil ngenxa yolwandle lwakhona oluhlukile kunolwasen­ingizimu Afrika.

ILANGA Langesonto: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Zuma: Ukugeza amazinyo bese ngibheka imiyalezo kumakhalek­hukhwini wami.

ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Zuma: Yebo ngikhona kwifaceboo­k nakwi-instagram. Ikheli lami kwi-instagram ngu: Zuma?dumsani95.

ILANGA Langesonto: Yimuphi umculi omuthanday­o?

Zuma: Ngizifela ngedurban Kwaito ikakhuluka­zi idistructi­on Boyz. Leli qembu lingigeza ngaphakath­i ngomculo walo.

ILANGA Langesonto:

Ukhona umdlalo owuchungec­hunge ozifela ngawo? Zuma:

Yithe Queen, abalingisi balo mdlalo bangishaya ngaphakath­i ikakhuluka­zi umalume ubrutus (olingiswa nguthemba Ndaba). Uyangichaz­a. Hahaha...

ILANGA Langesonto: Yisiphi isiqholo osisebenzi­sayo?

Zuma: Yichanel for Men ngoba ingenza ngizizwe ngizelwe kabusha. Ukunuka kahle kumqoka kakhulu kithina ngoba umzimba wethu uyajuluka ensimini.

ILANGA Langesonto: Utshabaza ngohlobo olunjani lwemoto?

Zuma: Nginevw iscirocco, iyashibili­ka emgwaqeni.

ILANGA Langesonto: Ukhonza kuliphi ibandla?

Zuma: Ngiyikhath­olika (Roman Catholic Church). Uma nginaso isikhathi ngiyaya impela enkonzweni.

ILANGA Langesonto: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Zuma: Ngithanda omhlophe nomnyama. Yomibili le mibala igqama kahle kumuntu.

ILANGA Langesonto: Yikuphi ofisa ukukuzuza kule sizini?

Zuma: Wukuqinisa indawo esikimini sekilabhu. Ngisalwa nakho ngaphambi kokubheka okunye. Okwamanje ngizini- ke isikhathi sokufunda ukudlalela ikilabhu enjengechi­efs. Ngenhlanhl­a enkulu nabalingan­i bami abanesipil­iyoni bayangisiz­a okwenza izinto zibe lula kakhulu.

ILANGA Langesonto: Yimuphi umdlali omkhonzile?

Zuma: Ngulionel Messi waseArgent­ina ogijima kwibarcelo­na espain. Umessi wenza ukudlala ibhola kubukeke kuyinto elula kakhulu. Ngichazwa nayindlela ashibilika ngayo nebhola enkundleni.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Zuma: Mayingalil­ahli ithemba. Konke kuyenzeka emhlabeni yinqobo nje uma uthando nokuzimise­la kukhona. Imfundo ibaluleke kakhulu kwazise iwukhiye wokuningi. Mayigweme abangani ababi abazoyiduk­isa. Kumele yazi ukuthi akafuneki umuntu ongelona usizo empilweni yakho.

 ?? IZITHOMBE NGABE: INSTAGRAM ?? UDUMISANI Zuma ezikhiphil­e nabangani. UNYATHELA ngevw Scirocco udumisani Zuma.
IZITHOMBE NGABE: INSTAGRAM UDUMISANI Zuma ezikhiphil­e nabangani. UNYATHELA ngevw Scirocco udumisani Zuma.
 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le udumisani Zuma ongumdlali wekaizer Chiefs.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le udumisani Zuma ongumdlali wekaizer Chiefs.
 ??  ?? UZUMA uthi isilwane asikhonzil­e yinja.
UZUMA uthi isilwane asikhonzil­e yinja.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa