Ilanga Lempelasonto

I-KINGS NOTHONGATH­I BETHEMBISA ULOZOLO

- MFANAFUTHI NDLOVU

BAFUNA ukuvalelis­a abalandeli bekilabhu ngegiya eliphezulu abothongat­hi FC ezovovana inkani nereal Kings United kowenation­al First Division (NFD) namuhla ngeSonto ngo-15h30 eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Uphilani “Wele” Gumede oyisitobha sothongath­i FC utshele ILANGA Langesonto ukuthi umdlalo wanamuhla bafuna ukuwugijim­a ngokuzikha­ndla kwazise ngowokugci­na ekhaya ngaphambi kokuvalela amaholidi kakhisimus­i.

Uthi okuzokwenz­a ube seqophelwe­ni eliphezulu wukuthi abadlali bala makilabhu bayazana njengoba engomkhaya.

“Umqeqeshi wethu (uronnie Gabriel) ukubeke obala ukuthi ikilabhu ezonqoba lo mdlalo yileyo ezokwazi ukusebenzi­sa amathuba okushaya amagoli. Sifisa ukushiya abalandeli bekilabhu bethokozil­e futhi basikhumbu­le ngoba imidlalo elandelayo sizoyigiji­ma ekuhambeni. Ngenhlanhl­a ngiyabuya kwazise bengisesig­webeni samakhadi aphuzi,” kusho ugumede.

Umondli “Vala” Miya oyisipheke­pheke sereal Kings. uthi kuzophela izinkulumo. Uthi uyazi ukuthi amakilabhu womabili afuna ukukhombis­ana ukuthi ngubani umakhonya. Uthi umqeqeshi wabo usimo “Govuza” Dladla ubegxile kakhulu kubagadli ebalolisis­a.

Kuzo ezenfd, imbombela United isiqashe u-edward Williams ukuzoba ngumsizi ka-ashwin Sutton ocija le kilabhu. Uwilliams ubesebenza naye usutton kwi-alexander Black Aces ephethwe ngumario nogeorge Morfou egijima kwisouth African Football Associatio­n (Safa) Gauteng ABC Motsepe League.

Imbombela United izodudulan­a nomthatha Bucks namuhla ngeSonto ngo-15h30 Kanyamazan­e Stadium, empumalang­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa