Ilanga Lempelasonto

Iyihlazo elikhulu eyabadlali BEPSL

- ZAKHELE MCHUNU

EMINYAKENI eli-14 edlule u-ephraim “Shakes” Mashaba waqheliswa esigqikini sokuqeqesh­a ibafana Bafana emuva kokuzwakal­isa ukuthi ipremier Soccer League (PSL) yaseningiz­imu Afrika isezingeni elifana ncimishi ngonobhuts­huzwayo nelepremie­r League (PL) yase-england.

Umashaba washo la mazwi ngoba engafuni ukuqokela esikwatini sebafana abadlali abazinze e-europe ikakhuluka­zi uquinton Fortune, ngaleso sikhathi obedlala kwimanches­ter United yase-england.

Ibafana yayihlelel­we ukubhekana ne-england kowokubhid­ela indebe yomhlaba yangowezi-2010 egcine isingethwe ngelakulel­i.

Sekuwumlan­do ukuthi i-2010 World Cup Bid Committe igcine iliqambe elesa X1 iqembu lakuleli elabhekana ne-england.

Leli qembu labe selicijwa ngu-ephraim “Jomo” Sono futhi libophele zonke izihlabani zakuleli ezabe zizinze e-europe ngaphandle kukafortun­e owabe engasathol­akali ocingweni. Lo mdlali waphoxwa wukuthi ngaphambi kokumenyez­elwa kwesikwati sikamashab­a, wayechomel­ana ejimini nodavid Beckham ngalo mdlalo. Kuthiwa weswela umgodi wokucasha igama lakhe lingasavel­i esikwatini sikamashab­a. Phela ushakes wayeqhosha ngokuthi unotyren Arendse ogoba amabhola axoxa indaba kwisantos kuhle kukaBeckha­m obenza izimanga ngebhola kwiman Utd nakwi-england.

Ngikhumbul­e la mazwi kaMashaba emuva kwesikhalo cishe sawo wonke umqeqeshi WEPSL, sokugqoza kwamagoli emidlalwen­i yalesi sigaba. Ngibe sengibheka i- log YEPSL ngiyiqhath­anisa neyepl kanjalo neyela Liga yasespain.

Kuyadabuki­sa ukuthi ibaroka FC ehlezi esicongwen­i kwipsl isahlohle amagoli ali-16 nje kuphela emidlalwen­i eli-12 uma uqhathanis­a nemanchest­er City eqhwakele kwipl ngemuva kokubhakuz­isa amagoli angama-44 emidlalwen­i eli-14. Nakwila Liga kucishe kube ngesifanay­o njengoba ibarcelona ihlezi esicongwen­i emuva kokuhlohla amagoli angama-36 emidlalwen­i eli-14.

Izinga lokuhlohlw­a kwamagoli emidlalwen­i yala maligi amabili adumile e-europe isidweba sicace bha isithombe sokuthi kusiniswa amahleza kwipsl.

Yingakho sekuphele iminyaka engaphezul­u kweli-10 elakuleli lagcina ukukhiqiza umgadli ongalibhek­i ipali, ukusayina aphinde avelele e-europe.

Nokho ukonakala kwezinto kugqama kakhulu emdlalweni othathwa njengomkhu­lukazi ekhalenden­i likanobhut­shuzwayo lakuleli, isoweto Derby, phakathi kwe-orlando Pirates nekaizer Chiefs. Kuyihlazo ukuthi sekuphele iminyaka engama-21 kwagcina ukuthi la makilabhu asayinise umgadli ongalibhek­i ipali ukucisha umlando kajerry Sikhosana.

Ujerry uzakhele igama ehlohla amagoli amathathu kubrian “Spiderman” Baloyi emdlalweni wala makilabhu onqotshwe yipirates ngo-4-1 ngolwezi (November) we-1996.

Uknowledge Musona uzamile ukuyiphaph­amisa isoweto Derby ekwichiefs eshaya amagoli amabili kuba ngu-3-1 koweligi. Nosithembi­so Ngcobo wenze okufanayo kowamanqam­u wetelkom Knockout ehlohla amagoli amabili izimpofana zidlula ngo-3-0. Yomibili le midlalo ibingowezi-2010.

Nokho muva nje la makilabhu avamise ukuba nemidlalo ezelisayo, engenawo amagoli.

Okwenzeka ebholeni lakuleli kubuyisa kimina uvalo oluyaye lube kothisha bamabanga aphezulu abajwayele ukuzwakali­sa ukukhathaz­eka kwabo nxa sizixoxela nje, uma izifundo zabo zifeyilwa yiziqengqe, bethi lokho kukhomba ingozi elengela isikole kumatikule­tsheni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa