Ilanga Lempelasonto

Amahlebezi oqhekeko emshadweni kadj Bongz

Uthi uyabazi abafafaza la manga

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

SISOLA umona kwabafafaz­a izinsolo zokubhidli­ka komshado waso isilomo sikaDJ esingacons­i phansi kubathandi bomjuxuzo.

U-DJ Bongz, ogama lakhe langempela ngubongani Dlamini, oshadelwe ngusphelel­e Nene, ukhala ngomona ngemuva kokuba imithombo eyahlukene ipotshozel­e ILANGA Langesonto ngokungaha­mbi kahle kwezinto emshadweni walezi zithandani.

Omunye wale mithombo utshele leli phephandab­a ukuthi usphelele, obizwa ngophe, akaneme neze emshadweni njengoba eseke waqoqa okungokwak­he waphuma emzini wabo izikhawu zambili ngemuva kokuxabana kwabo.

“Okokuqala kuze kwangenele­la umndeni kaphe ngemuva kokuba ethathe okungokwak­he wabuyela kubo emandeni. Uhlale ekhala ngokuthi ubongz uphuza ngokweqile, akafuni ukukhula, uziphathis­a okwengane encane esanda kungena kulo mkhakha.

“Kukhona lapho abaze baxabana khona phambi kwabantu, uphe waduba wamshiya kanjalo ubongz,” kusho umthombo wengeza ngokuthi uphe useke wakhuluma nasondelen­e nabo ngokungazi­phathi kahle kukabongz.

Omunye umthombo uveze ukuthi ubongz noma engasebenz­i unokuhamba izinsuku engabuyeli emzini wabo.

“Uphe uyakuqonda ukuthi ubongz ungudj kodwa kwesinye isikhathi ubuye (ubongz) enze izinto ngenye indlela noma engasebenz­i nokuyinto emcasula kakhulu (uphe).

“Uyazama ukuxwayisa ubongz njengoba esekhulile nangendlel­a okumele aziphathe ngayo. Ubongz umane abone ukuthi uphe ufuna ukumlawula,” kusho lo mthombo wesibili wengeza ngokuthi ngokuthi bayazama ukufihla okwenzeka emshadweni wabo emphakathi­ni.

Ngakolunye uhlangothi, omunye umthombo udalule ukuthi isizathu sokubheda kwezinto kulo mshado wukuthi uphe uphathisa ubongz okwengane encane.

“Ubongz ukhala ngokuthi uphe uyamlawula futhi ufuna kwenzeke izinto ngendlela yakhe nokuyinto emcasulayo. Ubuye akhale ngokuthi uphe unolaka futhi akamhlonip­hi njengoba abuye akhulume naye noma yikanjani phambi kwabangani bakhe,” kulanda umthombo. Ethintwa YILANGA Langesonto, uphe ukuphikile ukuthi umshado wabo ulengela eweni.

“Baze badlala ngawe abantu. Bathi konakele kuphi emshadweni wami? Ngikhuluma nawe nje ngikwami, ngihlanza i- swimming pool ngakho angikwazi abakushoyo. Mina ngijabule emshadweni wami,” kusho yena.

Utshele intatheli ukuthi uma kukhona efuna ukukubhala, kungani ingabhali ngokuthi ubongz usanda kukhipha ingoma futhi uzokhipha i-albhamu enezingoma zakhe ezashisa izikhotha.

Ubongz uvele wasola umona kulabo abafafaza izindaba zokuthi umshado wakhe uyabhidlik­a.

“Uyabona uma izinto zihamba kahle empilweni yakho kuyohlale kukhona abanomona. Bayabona ukuthi ubongz wenza amasi..., ingoma yami esanda kuphuma esihloko sithi, 'Thanduxolo', idlalwa kakhulu emsakazwen­i futhi abantu bayayithan­da.

“Ngisanda kubuya phesheya kwezilwand­le manje bayaxakeka ukuthi ngenza kanjani ukuba ngiqhubeke nokuphumel­ela ekubeni bona izinto zibabhedel­a,” kuchoma ubongz.

Uthi laba abamumonel­ayo babona impumelelo yakhe bese becabanga izindlela zokungcoli­sa igama lakhe noma zokumvimba empumelelw­eni.

Utshele intatheli ukuthi uyabazi laba abapotshoz­a lezi zindaba kodwa wathi akazimisel­e ngokudalul­a amagama abantu.

Uqhube wathi azikho izithandan­i ezingaxaba­ni futhi uyavuma ukuthi umkakhe uyamlawula.

“Vele umthetho wawo amakhosika­zi ayalawulan­a futhi ngiyakuqon­da lokho. Ngitshele indoda eyodwa engalawulw­a wumkayo - ukuthi uyangilawu­la ngeke kube yinto esingabhid­liza umshado wami.

“Ngimdala kulo mkhakha, ngiyazi ukuthi abantu basebenza kanjani. Uma bebona ukuthi uphethe into eshisayo benza konke okusemandl­eni ukuyivimba kanti mabakhohlw­e, ubongz uyaqhubeka nempilo,” kuphetha yena.

Ngemuva kokukhulum­a naleli phephandab­a, ubongz, oshadelwe ngokwesint­u nophe ngonyaka owedlule, ubabele enkundleni yokuxhuman­a, i-instagram, wafaka isithombe sakhe nomkakhe wabe esebhala umbhalo othi: “Namanje kusenjalo unkosikazi wami ngiyamthan­da.”

 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM ?? UBONGZ nomkakhe, uphe, okunezinso­lo zokuthi umshado wabo ulengela eweni.
ISITHOMBE: INSTAGRAM UBONGZ nomkakhe, uphe, okunezinso­lo zokuthi umshado wabo ulengela eweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa