Amahlebezi oqhekeko emshadweni kadj Bongz
Uthi uyabazi abafafaza la manga
SISOLA umona kwabafafaza izinsolo zokubhidlika komshado waso isilomo sikaDJ esingaconsi phansi kubathandi bomjuxuzo.
U-DJ Bongz, ogama lakhe langempela ngubongani Dlamini, oshadelwe ngusphelele Nene, ukhala ngomona ngemuva kokuba imithombo eyahlukene ipotshozele ILANGA Langesonto ngokungahambi kahle kwezinto emshadweni walezi zithandani.
Omunye wale mithombo utshele leli phephandaba ukuthi usphelele, obizwa ngophe, akaneme neze emshadweni njengoba eseke waqoqa okungokwakhe waphuma emzini wabo izikhawu zambili ngemuva kokuxabana kwabo.
“Okokuqala kuze kwangenelela umndeni kaphe ngemuva kokuba ethathe okungokwakhe wabuyela kubo emandeni. Uhlale ekhala ngokuthi ubongz uphuza ngokweqile, akafuni ukukhula, uziphathisa okwengane encane esanda kungena kulo mkhakha.
“Kukhona lapho abaze baxabana khona phambi kwabantu, uphe waduba wamshiya kanjalo ubongz,” kusho umthombo wengeza ngokuthi uphe useke wakhuluma nasondelene nabo ngokungaziphathi kahle kukabongz.
Omunye umthombo uveze ukuthi ubongz noma engasebenzi unokuhamba izinsuku engabuyeli emzini wabo.
“Uphe uyakuqonda ukuthi ubongz ungudj kodwa kwesinye isikhathi ubuye (ubongz) enze izinto ngenye indlela noma engasebenzi nokuyinto emcasula kakhulu (uphe).
“Uyazama ukuxwayisa ubongz njengoba esekhulile nangendlela okumele aziphathe ngayo. Ubongz umane abone ukuthi uphe ufuna ukumlawula,” kusho lo mthombo wesibili wengeza ngokuthi ngokuthi bayazama ukufihla okwenzeka emshadweni wabo emphakathini.
Ngakolunye uhlangothi, omunye umthombo udalule ukuthi isizathu sokubheda kwezinto kulo mshado wukuthi uphe uphathisa ubongz okwengane encane.
“Ubongz ukhala ngokuthi uphe uyamlawula futhi ufuna kwenzeke izinto ngendlela yakhe nokuyinto emcasulayo. Ubuye akhale ngokuthi uphe unolaka futhi akamhloniphi njengoba abuye akhulume naye noma yikanjani phambi kwabangani bakhe,” kulanda umthombo. Ethintwa YILANGA Langesonto, uphe ukuphikile ukuthi umshado wabo ulengela eweni.
“Baze badlala ngawe abantu. Bathi konakele kuphi emshadweni wami? Ngikhuluma nawe nje ngikwami, ngihlanza i- swimming pool ngakho angikwazi abakushoyo. Mina ngijabule emshadweni wami,” kusho yena.
Utshele intatheli ukuthi uma kukhona efuna ukukubhala, kungani ingabhali ngokuthi ubongz usanda kukhipha ingoma futhi uzokhipha i-albhamu enezingoma zakhe ezashisa izikhotha.
Ubongz uvele wasola umona kulabo abafafaza izindaba zokuthi umshado wakhe uyabhidlika.
“Uyabona uma izinto zihamba kahle empilweni yakho kuyohlale kukhona abanomona. Bayabona ukuthi ubongz wenza amasi..., ingoma yami esanda kuphuma esihloko sithi, 'Thanduxolo', idlalwa kakhulu emsakazweni futhi abantu bayayithanda.
“Ngisanda kubuya phesheya kwezilwandle manje bayaxakeka ukuthi ngenza kanjani ukuba ngiqhubeke nokuphumelela ekubeni bona izinto zibabhedela,” kuchoma ubongz.
Uthi laba abamumonelayo babona impumelelo yakhe bese becabanga izindlela zokungcolisa igama lakhe noma zokumvimba empumelelweni.
Utshele intatheli ukuthi uyabazi laba abapotshoza lezi zindaba kodwa wathi akazimisele ngokudalula amagama abantu.
Uqhube wathi azikho izithandani ezingaxabani futhi uyavuma ukuthi umkakhe uyamlawula.
“Vele umthetho wawo amakhosikazi ayalawulana futhi ngiyakuqonda lokho. Ngitshele indoda eyodwa engalawulwa wumkayo - ukuthi uyangilawula ngeke kube yinto esingabhidliza umshado wami.
“Ngimdala kulo mkhakha, ngiyazi ukuthi abantu basebenza kanjani. Uma bebona ukuthi uphethe into eshisayo benza konke okusemandleni ukuyivimba kanti mabakhohlwe, ubongz uyaqhubeka nempilo,” kuphetha yena.
Ngemuva kokukhuluma naleli phephandaba, ubongz, oshadelwe ngokwesintu nophe ngonyaka owedlule, ubabele enkundleni yokuxhumana, i-instagram, wafaka isithombe sakhe nomkakhe wabe esebhala umbhalo othi: “Namanje kusenjalo unkosikazi wami ngiyamthanda.”