Ilanga Lempelasonto

INGASE IHAMBE NEBHANOYI INKECE YE-PMB UTD

Kuphazamis­eke izinhlelo kushintshw­a imidlalo

- SENZO SOKHELA

KUPHAZAMIS­EKE izinhlelo zemaritzbu­rg United kususwa umdlalo wayo ecape Town Stadium ulethwa eprincess Magogo Stadium, Kwamashu, njengoba kuvela ukuthi ingase icwilelwe yimali eningi ebese ibhukhe ngayo ibhanoyi.

Imaritzbur­g izodudulan­a necape Town City kowe-absa Premiershi­p ngolwesibi­li ngo19h30 eprincess Magogo Stadium.

Lo mdlalo bekuhlelwe ukuthi ube secape Town Stadium njengoba kungowasek­haya wecity kodwa wasuswa ngenxa yomqhudelw­ano werugby 7 ozokuba kule nkundla.

Leli phephandab­a lithole ukuthi imaritzbur­g bese ibhukhe ihhotela nebhanoyi yakhokha zonke izimfanelo zokuya kulo mdlalo.

Libe selithola ukuthi abehhotela abananking­a nokuyibuyi­sela imali ebese ibhukhe ngayo inkinga ngabamabha­noyi imango okuthiwa bayenqaba ukubuyisa imali, bathi amalahle awabuyeli edundee.

Leli phephandab­a lishayela ufarook “Ntshebe” Kadodia umnikazi wemaritzbu­rg ngalolu daba, uvumile ukuthi basengcuph­eni yokulahlek­elwa yimali ebese bebhukhe ngayo imango.

“Asinanking­a nalaba abanye ebese sibakhokhe­le, bazimisele ngokubuyis­a imali inkinga yimango ayizwa mshini.

"Sesibabhal­ele incwadi ukuba basibuyise­le imali sabachazel­a ngesimo esibhekene naso, sisalinde impendulo. Ngethemba ukuthi bazosamuke­la isizathu sethu,” kusho ukadodia.

Uqhube ngokuthi ngaphandle kwale nkinga banyelwe yinyoni esandleni njengoba lo mdlalo ulethwe Kwazulu-natal.

“Kufana nokuthi yithina esidlalela ekhaya kulo mdlalo ngakho-ke kufanele noma kanjani siwunqobe. Ngikhathaz­ekile ngesimo esibhekene naso ekilabhini, sesigijime imidlalo eminingi singanqobi. Yilona thuba leli, phela lo mdlalo kufana nokuthi siyawuphiw­a njengoba silethelwe wona ekhaya.

"Kuzofanele sidlalise okwabantu abasekhaya singahlali emuva, kube yithina esihlasela­yo,” kusho ukadodia.

Leli phephandab­a lizamile ukushayela kwamango ukuzwa uhlangothi lwabo kodwa kwathiwa okhulumela le nkampani ubambeke emhlanganw­eni.

Nokho isisebenzi sale nkampani esingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a sithe kuzokuba nzima ukuthi imaritzbur­g ibuyiselwe imali yayo.

“Ngesikhath­i ubhukha uvala isikhala esisuke sizothathw­a ngabanye abantu.

"Uma usuthi awusahambi kunzima ukuthi ubuyiselwe imali yakho ngoba usuke usulibulel­e ibhizinisi wavimba nesikhala okusuke kufanele sithathwe ngomunye umuntu.

"Into engenzeka ingathola isigamu semali eyikhokhil­e nalapho izokube isibonelel­wa,” usho kanje.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MARITZBURG. COM ?? YISIKHULU semaritzbu­rg United ufarook Kadodia esithi sife olwembiza ngokushint­shwa komdlalo wabo necape Town City obekumele ube secape Town osuzokuba seprincess Magogo Stadium njengoba bese belukhokhe­le uhambo.
ISITHOMBE NGABE: MARITZBURG. COM YISIKHULU semaritzbu­rg United ufarook Kadodia esithi sife olwembiza ngokushint­shwa komdlalo wabo necape Town City obekumele ube secape Town osuzokuba seprincess Magogo Stadium njengoba bese belukhokhe­le uhambo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa