YENYUSA AMATHARIFU INKAMPANI YAMACHWEBA
IPORTS Regulator of South Africa (PRSA) ngolwesihlanu imemezele isinqumo sayo mayelana nesicelo sokwenyuswa kwezimali (tarrifs) ezikhokhwa yilabo abasebenzisa amachweba aseningizimu Afrika.
Lesi simemezelo sikhishwe esithangamini ebesisemahhovisi ale nhlangano ngolwesihlanu ekuseni, emarine Building, ethekwini.
Usihlalo wale nhlangano umnu Thaba Mufamadi uthi isinqumo sithathwe ngemuva kwemihlangano esemqoka ebihlanganisa zonke izinhlaka ezithintekayo, lapho bekudingidwa khona kabanzi ngayo indaba yokwenyuswa kwalezi zimali ngonyaka ozayo.
Uthi inhloso yale mihlangano bekuwukunika labo abathintekayo ithuba lokuphefumula, babeke imibono yabo ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo esingujuqu. Uthi iningi labaphawulile bazwakalise isifiso sokuba kuncishiswe lezi zimali ezikhokhwayo ngenxa yesimo esingesihle somnotho.
Umnu Mahesh Fakir oyiChief Executive Officer (CEO) YEPRSA uthe isinqumo abasithathile ngesokwenyusa lezi zimali ngo-2,5% kusukela mhla lulunye kumbasa (April) wezi-2018, kuze kube wumhla zingama-31 kundasa (March) wezi-2019. Nokho lesi sibalo sibukeka sisincane kakhulu kunaleso ebesifunwa yitransnet National Ports Authority (TNPA) okuyiyona elawula amachweba kuleli lizwe. Kuzokhumbuleka uku- thi mhla lulunye kuncwaba (August) nonyaka ITNPA ifake isicelo KWIPRSA sokuba kwenyuswe lezi zimali ngo-8,45%. Uthi lesi sinqumo basithathe ngemuva kokucubungulisisa lesi sicelo, kanjalo nokucubungulisisa imibono yalabo abathintekayo ngaso (isicelo).
Umnu Mufamadi uthe banethemba lokuthi lesi sinqumo sizokwamukelela.
Phambilini iningizimu Afrika ike yagxekwa ngokuthi ibiza kakhulu ezimalini ezikhokhwa ngabasebenzisa amachweba.