Ilanga Lempelasonto

Ziphatheni kahle kula maholide

SIVULA AMEHLO ABACULI: KNOWLEDGE SIMELANE

-

ABALANDELI bomculo mabangasan­ganiswa yisikhathi samaholide baziphathi­se okwezilwan­e emicimbini nasemakhon­sathini azobe eqhubeka. Intsha ikakhuluka­zi siye siyibone ilahlekelw­a yimiqondo, yenza izinto ebingazenz­i kodwa eye izenze ngalesi sikhathi ngoba nje ijabulela lesi sikhathi.

Mningi umonakalo ozodaleka ngale nyanga eyodwa nje vo, uzibandlel­a (December), ekubeni kukhona esazoba khona ngonyaka ozayo. Kulaba abavele ngobuso emhlabeni kuba sengathi isifika okokugcina iyedlula. Ziningi izingane ezizoqala kuyo le nyanga ukwenza le mikhuba emibi elandelayo: Ukuphuza utshwala ngokweqile Ukubhema noma ukudla izidakamiz­wa

Ukuzithoko­zisa ngocansi olungaphep­hile

Ukudayisa ngemizimba ngenxa yemali

Ukugqoka ngendlela engeyinhle evusa izinkanuko kwabanye

Ukugibela izimoto zabantu abangaziwa

Ukuzikhulu­la esidlangal­eni Ukwenza ucansi esidlangal­eni Kuningi okumele abalandeli bakuqikele­le njengokuth­i uma belandela umculi othile abamthanda­yo bese besusa uthuli lwezichwe. Siyazi ukuthi kusanda kukhuzwa udlambedlu olususwe ngabalande­li bakamasika­ndi kamuva nje egoli, kwakhala inganono.

Lezi yizinto ezilula ukwenzeka kulesi sikhathi lapho abalandeli bejabule ngokweqile ngenxa yokucwila ezinkamben­i zikafaro. Abalandeli mabangaham­bi nezingane emicimbini abaziyo ukuthi ingaba nobungozi - ize ibe ngcono imicimbi namakhonsa­thi emiculo efana ne-jazz namakwaya, neminye ehlelekile, kepha lapho kwaziwa khona ukuthi abalandeli balabo baculi vele bayafunana noma banochuku akuhambe abadala, kungalimal­i izingane ngendlela engafanele.

Kubo abaculi, kusemqoka ukuba bangakhulu­mi amazwi anochuku noma agconayo azovusela abalandeli babo ufufunyane. Ukubhimba ngenkulumo kwabaculi kwesinye isikhathi kwenzeka bethi bayantela kanti sekokhelek­a umlilo wequbula.

Kuyenzeka ukuba umculi angene esiteji efuna ukuhlabeki­sa ozakwabo asuke eboshelwe nabo kulelo khonsathi ngoba efuna kuthiwe ungcono kunabanye. Kuye kube nokuklolod­elana uma abaculi bengena belandelan­a besho amaganyana aziswana lapho abalandeli babo bebananela.

Angisayiph­athi-ke uma omunye umculi enabalande­li abaningi kunomunye - laba abayidlanz­ana bakhushuke­lwa wushukela baqale ukunengeka, kusuke ukuxabana.

Abantu mabaye emakhonsat­hini beyozijabu­lisa ngomculo wonke osuke udlalwa lapho, hhayi ngoba besophe lowo abamlandel­ayo. Uma sesifunde ukwenza lokho kuleli siyobe sesikhulil­e kwezomculo.

Le nto ithi mayifane nezepoliti­ki - abalandeli bonke kumele baqeqeshwe ngakulolo hlangothi, bazi ukuthi umuntu uneqembu lakhe alithanday­o kepha akulungile ukuba kuzondwane, iqoma lapho ithanda khona.

Sifisela abalandeli bonke bomculo nabale ngosi yethu ukuba bazithokoz­ise ngokuzinak­ekela ukuze bakwazi ukuwubona unyaka ozayo, bakhumbule ukuthi abaculi bayabading­a ukuba babavotele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa