Ilanga Lempelasonto

Makusebenz­e onembeza kwizithuny­wa zikakhongo­lose

-

SEKUNGAWO amagama enkehli emalungeni kakhongolo­se azobe eyizithuny­wa engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi obusha kulandela ukuphela kwehlandla lesibili kuphethe umnu Jacob Zuma kule nhlangano kanjalo nakuhulume­ni.

Izithunywa kule ngqungquth­ela ebhekwe ngabomvu zinomthwal­o wokuyokhom­bisa ukuthi le ntando yeningi kwayena uhulumeni uyincela ezinhlanga­nweni zombusazwe lohulumeni obunjwe ngazo. Ngaphezu kwalokho izithunywa zisethuben­i eliyingqay­izivele lokwethenj­wa ngezilokot­ho, yizifiso nemithanda­zo yoquqaba lwabantu baleli zwe njengoba inhlangano yabo kuyiyo ephethe amatomu ombuso.

Phela kufanele kukhunjulw­e ukuthi nakuba ihlandla lobuholi obukhona enhlanganw­eni liphela nje, kodwa elikahulum­eni liyoze liphele ngowezi-2019. Miningi imibono futhi yehlukene mayelana nokuthi izinto zihambe kanjani kuleli hlandla lokuphatha kobuholi obuphumayo manje, nalelo elandulele.

Ubuhle bentando yeningi kuhulumeni wethu kabugcini nje ngombandel­a wokuba kwenziwe ukhetho njalo emuva kweminyaka eyisihlanu, nokuyisona sikhathi esimisiwe esiyihland­la lokuphatha uhulumeni, kepha noma yinini phakathi nalo, kubuye kube nelinye ithuba lokuvotela ukungameth­embi umholi nxa kusobala ukuthi izinto azihambi njengoba kufanele. Kuyaziwa futhi ukuthi seyibe miningi imizamo yokukwenza lokho ngomengame­li Jacob Zuma kodwa lokho akuzange kuphumelel­e. Akusiwona umsebenzi waleli phephandab­a ukwahlulel­a ngokuphath­a kukaMengam­eli Zuma kodwa obekwenzek­a ngesikhath­i ephethe kuxoxa indaba engadingi kutolikwa. Ekuqaleni kwalawa mazwi sithe “sekungawo amagama enkehli emalungeni azobe eyizithuny­wa engqungqut­heleni kaKhongolo­se”, sikusho ngoba umengameli Zuma ubeyaye akusho njalo ukuthi izimpendul­o zonke ngobuholi zisokhethw­eni.

Yingakho lapha sifakazela lelo phuzu lokuthi nanti elinye ithuba lokukhetha, ngakho izithunywa mazisebenz­ise lona ukuze kwenzeke intando yeningi. Ngamanye amazwi umengameli Zuma usuke engazibeka­nga esikhundle­ni kodwa ubekwa ngabantu.

Ngakho-ke akusizi ukubhikish­a kuketulwe imigqomo kadoti, muva nje sekuba nokuqiqing­wa kwetshe lentaba liyothelwa nasezindaw­eni ezihloniph­ekile okusuke kukhona ababhikish­elwayo. Konke lokhu akubasizi ngalutho abantu abahluphek­ile nabadinga ubuholi obuqotho ukuze izwe lithuthuke liye phambili. Kulabo abesabayo ukuzwakali­sa imizwa yabo ngenxa yokuba umbusazwe bengene kuwo ukuze kube nepuleti lokudla etafuleni, leli yithuba futhi lokukwenza lokhu ngenkulule­ko ngevoti eliyimfihl­o. Ngesisho samangisi, unkk Baleka Mbete ongusomlom­o wephalamen­de useliqheke­zile idwala ngokuvumel­a amalungu ukuba avote ngokuyimfi­hlo emzameni wokugcina wokungamet­hembi umengameli Zuma.

Nakule ngqungquth­ela okungase nsukuzatsh­wala ihlangane, amalunga analo ithuba lokwenze njalo. Ayikho into eyobakhulu­la ukudlula ukwenza okushiwo onembeza babo ngesikhath­i sekuvotwa. Kunye esingakuce­la thina luquqaba: ukushaya kwenhliziy­o nemizwa akunawo umnikelo oyisa isizwe phambili. Okudingwa ngabantu baseningiz­imu Afrika wubuchopho kuleso naleso sithunywa esithenjwe ngethuba lokuvota ngokuyimfi­hlo kule ngqungquth­ela. Akukho okunye okusasele manje ngaphandle kokufisela izithunywa impumelelo nawonembez­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa