Ilanga Lempelasonto

UBATHABILE DLAMINI UKHWELE WADILIKA KUMNU RAMAPHOSA

- ALUTA MBELE

UMENGAMELI we-african National Congress Women's League (ANCWL), unkk Bathabile Dlamini, ukhwele wadilika kusekela Mengameli umnu Cyril Ramaphosa, ngesikhath­i ekhuluma emcimbini obusesugar Ray Xulu Stadium, eclermont, entshonala­nga yetheku izolo.

Kulo mcimbi bekuvalwa unyaka kamnu Reginald Oliver Tambo, owayeyisis­hoshovu somzabalaz­o wenkululek­o, oshone ngowe-1993.

Unkk Dlamini (Bathabile), uthe umnu Ramaphosa kumele anake izindaba zakhe.

Ukuphawula kanje kuka- mengameli WE-ANCWL kulandela ukuba umnu Ramaphosa ebe sematheni kuleli sonto ngemuva kokuba ethe uyakholwa wukuthi umengameli Jacob Zuma wamnukubez­a ukhwezi (Fezekile Khuzwayo).

“Uma ufuna ukukhuluma ngabesifaz­ane, sicela ukuba ukhulume ngawe kuqala. Siyakwazi okwakho obhekene nakho, nawe uyakwazi osudlule kukhona. Nathi asingenang­a kukhona. Kawazi lutho ngokuthi izinto zaqala kanjani,” kusho umengameli weANCWL.

Uphinde wakhwela wadilika emajajini aseningizi­mu Afrika wathi mawayeke le nto yawo ase- yenza yokungena izindaba zepolitiki ngoba agcine eseyinyomf­a kakhulu kunakuqala, aphinde adicilele isithunzi sawo phansi.

Phakathi kwamalunga E-ANC aqavile abekhona kulo mcimbi kubalwa unkk Nkosazane Dlamini-zuma osembangwe­ni oshisa phansi wesikhundl­a sokuba ngumengame­li WE-ANC ayingxenye yawo nomnu Ramaphosa.

Abanye abebekhona ngumnu Nathi Mthethwa, ngumnu Fikile Mbalula, ngunkk Nomvula Mokonyane, ngumengame­li weANC Youth League umnu Collen Maine, nelunga lesishayam­thetho Kwazulu-natal, umnu Meshack Hadebe.

 ?? ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE ?? UNKK Bathabile Dlamini ongumengam­eli WE-ANCWL, okhwele wadilika kumnu Cyril Ramaphosa.
ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE UNKK Bathabile Dlamini ongumengam­eli WE-ANCWL, okhwele wadilika kumnu Cyril Ramaphosa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa