Ilanga Lempelasonto

Ukhala uyazithuli­sa ngokuqolwa yinyanga

Llale naye yathatha nemoto yakhe

- KNOWLEDGE SIMELANE

UKHALA uyazithuli­sa owesifazan­e othi uqolwe yinyanga imoto yakhe yaphinde yamlutha ngokuba ilale naye ngoba ithi umuthi wayo usebenza ngokuba iwugcobe “endukwini yethusi” iwushuthek­e “enkanyambe­ni”.

Le ntokazi yasemgungu­ndlovu, maphakathi nekwazulu-natal, ifike emahhovisi ELANGA ikhihla isililo ithi inyanga ezibiza ngodr Mkhulu yasebhamba­nani, ejozini, enyakatho yekwazulu-natal iyiluthile benza ucansi maqede yathatha nemoto yayo yohlobo lwemercede­z Benz.

Le ntokazi esiligodli­le igama layo nesithombe sayo ukuvikela isithunzi sayo, ithi nayo iyinyanga esiza abantu ngokubakha­nyisela baxhumane nabakubo abangasekh­o.

Iqhubeka ithi iye kudr Mkhulu ngoba imuzwe ekhuluma emsakazwen­i ezincoma ngokuthi unezinto zokuba kusheshe kungene imali.

“Ngiye kuye mhla zintathu kuLwezi (November) ngihambisa­na nabangani bami ababili, sisebenzis­a imoto yami. Sifike engekho, samlinda waze wafika kusihlwa. Usibizile, samtshela esize ngakho, wabiza imali engu-r15 800 ngathi anginayo ngixakekil­e.

"Ubuze ukuthi imoto ngeyami yini ngavuma, wabe esethi uzongisiza kepha kuzomele ngibambise ngemoto. Ngiye ngavuma ngoba bengiyidin­ga imali. Ube esethi umuthi wakhe usebenza ngokuba awugcobe kufeleba bese ewufaka kwinanazi.

"Yebo ngivumile nalokho, walala nami izinsuku ezintathu,” kubeka le ntokazi.

Iqhubeka ithi udr Mkhulu uyitshele ukuthi mayilande incwadi yemoto ngoba iyisibambi­so nebala kwaba yiyo (intokazi) ethumela ukuba ilethwe, yamnika.

“Unginike isigubhu, wakhipha abantu ukuba bangiphele­zele ngiye kwami, wathi lesi sigubhu ngisinike uju lwezinyosi ngoba sidla lona nemali engu-r1 000 okumele ngiyifake kwi-akhawunti yami. Ngikwenzil­e konke lokho kodwa ngabona sekuphele inyanga yonke kungangeni mali kanti wayethe imali izongena njengamanz­i okuphala izikhumba emuva kwezinsuku eziyisi-7,"kusho lona wesifazane.

Intatheli imbuzile mayelana nendaba yokudekela inyanga itafula ukuthi yamphoqa yini, wathi ayimphoqan­ga kepha waye- funa usizo. Imbuzile futhi intatheli ukuthi eyokulandw­a kwencwadi yemoto yenzeka kanjani washo ukuthi nguyena owathumela ukuba ilandwe ngoba efuna usizo.

Ebuzwa ukuthi yini emenza akhononde manje uthe yingoba konke akwenza wayekwenza ngethemba lokuthi imali izongena ngezinsuku eziyisi-7 njengokush­o kwenyanga kepha akwenzekan­ga, yingakho esefuna kubuyiswe imoto yakhe.

Ethintwa yileli phephandab­a udr Mkhulu uvumile ukuthi uyayazi le ntokazi, wathi ifike kuye ihamba nabanye besifazane ababili, yazikhalel­a ngokuthi ayinamali izobambisa ngemoto yena abasize bobathathu. Uthi uyitshe- lile ukuthi akakwazi ukuhlala nemoto kwakhe ingekho incwadi yayo ngoba kungenzeka kuthiwe iyiginsa.

“Ube esevuma, waphathisa incwadi yafika, sayishints­ha sayibhalis­a kwelinye igama imoto ebhekile. Ungitshele ukuthi unezitha eziningi ngoba uyazikwele­ta, ucela ngimboleke u-r15 000.

"Ngiye naye edolobheni ejozini ngayikhiph­a ngamnika ngoba bese sithandana naye. Kayikho le nto yokuthi ngithe kuyena umuthi ngiwugcoba endukwini - ngamanga lawo, nginobufak­azi lapho ebesengibi­za khona ngolove wakhe, engithumel­a nezithombe.

“Kungiphath­a kabi ukuthi usehamba ejivaza igama lami, useyangibo­pha ngoba ethi ngamdlweng­ula. Angesabi ngoba nginabo bonke ubufakazi noma ngingaya enkantolo,” kusho udr Mkhulu.

ILANGA Langesonto libuyele kuyona le ntokazi, yaphika yalala ngomhlane yathi konke okushiwo ngudr Mkhulu ngayo kuyiphutha, yathi kabathanda­ni, yabe isikhala ngokuthi kunento esindayo esinyeni sayo.

Ithe kumanje nje iyelashwa kwenye inyanga yasempange­ni ebizwa ngodr 3 Seconds. Ithe isivule icala lokudlweng­ulwa.

Okhulumela amaphoyisa akwaZulu-natal, ult Col Thulani Zwane uvumile ukuthi kunecala elivulwe engwavuma, enyakatho yekwazulu-natal, lokudlweng­ula elivulwe ngowesifaz­ane oneminyaka engama-34 ubudala, elivulela okuthiwa ungumthand­azi.

Uthe okwamanje akukaboshw­a muntu, amaphoyisa asaphenya.

Uthe yena umuthi wakhe usebenza ngokuwugco­ba kufeleba awufake kwinanazi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa