Ukhala uyazithulisa ngokuqolwa yinyanga
Llale naye yathatha nemoto yakhe
UKHALA uyazithulisa owesifazane othi uqolwe yinyanga imoto yakhe yaphinde yamlutha ngokuba ilale naye ngoba ithi umuthi wayo usebenza ngokuba iwugcobe “endukwini yethusi” iwushutheke “enkanyambeni”.
Le ntokazi yasemgungundlovu, maphakathi nekwazulu-natal, ifike emahhovisi ELANGA ikhihla isililo ithi inyanga ezibiza ngodr Mkhulu yasebhambanani, ejozini, enyakatho yekwazulu-natal iyiluthile benza ucansi maqede yathatha nemoto yayo yohlobo lwemercedez Benz.
Le ntokazi esiligodlile igama layo nesithombe sayo ukuvikela isithunzi sayo, ithi nayo iyinyanga esiza abantu ngokubakhanyisela baxhumane nabakubo abangasekho.
Iqhubeka ithi iye kudr Mkhulu ngoba imuzwe ekhuluma emsakazweni ezincoma ngokuthi unezinto zokuba kusheshe kungene imali.
“Ngiye kuye mhla zintathu kuLwezi (November) ngihambisana nabangani bami ababili, sisebenzisa imoto yami. Sifike engekho, samlinda waze wafika kusihlwa. Usibizile, samtshela esize ngakho, wabiza imali engu-r15 800 ngathi anginayo ngixakekile.
"Ubuze ukuthi imoto ngeyami yini ngavuma, wabe esethi uzongisiza kepha kuzomele ngibambise ngemoto. Ngiye ngavuma ngoba bengiyidinga imali. Ube esethi umuthi wakhe usebenza ngokuba awugcobe kufeleba bese ewufaka kwinanazi.
"Yebo ngivumile nalokho, walala nami izinsuku ezintathu,” kubeka le ntokazi.
Iqhubeka ithi udr Mkhulu uyitshele ukuthi mayilande incwadi yemoto ngoba iyisibambiso nebala kwaba yiyo (intokazi) ethumela ukuba ilethwe, yamnika.
“Unginike isigubhu, wakhipha abantu ukuba bangiphelezele ngiye kwami, wathi lesi sigubhu ngisinike uju lwezinyosi ngoba sidla lona nemali engu-r1 000 okumele ngiyifake kwi-akhawunti yami. Ngikwenzile konke lokho kodwa ngabona sekuphele inyanga yonke kungangeni mali kanti wayethe imali izongena njengamanzi okuphala izikhumba emuva kwezinsuku eziyisi-7,"kusho lona wesifazane.
Intatheli imbuzile mayelana nendaba yokudekela inyanga itafula ukuthi yamphoqa yini, wathi ayimphoqanga kepha waye- funa usizo. Imbuzile futhi intatheli ukuthi eyokulandwa kwencwadi yemoto yenzeka kanjani washo ukuthi nguyena owathumela ukuba ilandwe ngoba efuna usizo.
Ebuzwa ukuthi yini emenza akhononde manje uthe yingoba konke akwenza wayekwenza ngethemba lokuthi imali izongena ngezinsuku eziyisi-7 njengokusho kwenyanga kepha akwenzekanga, yingakho esefuna kubuyiswe imoto yakhe.
Ethintwa yileli phephandaba udr Mkhulu uvumile ukuthi uyayazi le ntokazi, wathi ifike kuye ihamba nabanye besifazane ababili, yazikhalela ngokuthi ayinamali izobambisa ngemoto yena abasize bobathathu. Uthi uyitshe- lile ukuthi akakwazi ukuhlala nemoto kwakhe ingekho incwadi yayo ngoba kungenzeka kuthiwe iyiginsa.
“Ube esevuma, waphathisa incwadi yafika, sayishintsha sayibhalisa kwelinye igama imoto ebhekile. Ungitshele ukuthi unezitha eziningi ngoba uyazikweleta, ucela ngimboleke u-r15 000.
"Ngiye naye edolobheni ejozini ngayikhipha ngamnika ngoba bese sithandana naye. Kayikho le nto yokuthi ngithe kuyena umuthi ngiwugcoba endukwini - ngamanga lawo, nginobufakazi lapho ebesengibiza khona ngolove wakhe, engithumela nezithombe.
“Kungiphatha kabi ukuthi usehamba ejivaza igama lami, useyangibopha ngoba ethi ngamdlwengula. Angesabi ngoba nginabo bonke ubufakazi noma ngingaya enkantolo,” kusho udr Mkhulu.
ILANGA Langesonto libuyele kuyona le ntokazi, yaphika yalala ngomhlane yathi konke okushiwo ngudr Mkhulu ngayo kuyiphutha, yathi kabathandani, yabe isikhala ngokuthi kunento esindayo esinyeni sayo.
Ithe kumanje nje iyelashwa kwenye inyanga yasempangeni ebizwa ngodr 3 Seconds. Ithe isivule icala lokudlwengulwa.
Okhulumela amaphoyisa akwaZulu-natal, ult Col Thulani Zwane uvumile ukuthi kunecala elivulwe engwavuma, enyakatho yekwazulu-natal, lokudlwengula elivulwe ngowesifazane oneminyaka engama-34 ubudala, elivulela okuthiwa ungumthandazi.
Uthe okwamanje akukaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.
Uthe yena umuthi wakhe usebenza ngokuwugcoba kufeleba awufake kwinanazi.