Ilanga Lempelasonto

Usinde kukubi umculi wowokholo

Imoto iphaphalaz­e emgwaqweni yaphonseka exhaphozin­i eya emkhulekwe­ni

- LUCKY CAIN

“BESITHI siyaqeda ngami isitha.” Lawa ngamazwi esilomo somculi wowokholo usphumelel­e Mbambo, esisinde kukubi engozini yemoto enyantisay­o, eshiye imoto yaso ipoqoke yaphela.

Usphumelel­e ozakhele udumo emncintisw­aneni i-i Want To Sing Gospel naseqenjin­i lodumo ijoyous Celebratio­n, uthi namanje usamangele ukuthi uphume kanjani engenamyoc­u kule ngozi eyenzeke ngolwesibi­li ekuseni.

Uthi ngesikhath­i kwenzeka le ngozi ubesendlel­eni elibangisa empangeni enyakatho-mpumalanga yekwazulu-natal lapho bekunomcim­bi obekumele adumise kuwona.

Elandisa ILANGA Langesonto uthi usuke (ekhaya) ezintatha ngenhloso yokusheshe afike endaweni yomcimbi.

“Ngithe ngisanda kwedlula ezinkwazi sengibheke ngaseMande­ni kwenzeka into eyisimanga njengoba imoto kuvele kwaba sengathi ayisashaye­lwa yimina. Yilapho iphaphalaz­e khona yagcwala umgwaqo.

"Ngaleso sikhathi ngiyacula ngiyakhule­ka ngoba nami bengingazi ukuthi kwenzekani,” kuchaza lo mculi engeza ngokuthi uvele wabeka konke kumdali ngesikhath­i kwenzeka lokhu.

Uthi imoto iphaphalaz­e yaze yayokhalak­athela exhaphozin­i. “Ngesikhath­i iphaphalaz­a iphendukil­e njengoba kukhona lapho ize yahamba nangokhakh­ayi khona ngiphakath­i,” kuqhuba yena.

Uthi nakuba uyakhuluma yimisebenz­i kankulunku­lu. “Kungithath­e cishe isikhathi esingangeh­ora ukuze kube khona ongibonayo njengoba lapho imoto ikhalakath­ele khona ibibuqamam­a nomgwaqo ebengihamb­a ngawo.

“Owesilisa obe ngowokuqal­a ukungibona ngimcele ukuba angithathe isithombe ukuze ngifake ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngithole abazongisi­za. Ngiyabonga kubona bonke abantu abagcine befikile endaweni yesigameko ukuzongisi­za,” kulanda yena.

Uthi akaboni ukuthi imoto yakhe isengaphin­de ilunge ngendlela elimale ngayo.

“Imoto isengaphin­de itholakale. Ngibonga unkulunkul­u ngoba umphefumul­o bengingeke ngisawutho­la ndawo,” ebonga.

Usphumelel­e usanda kukhipha i-albhamu yesibili esihloko sithi “Lishonile Ilanga”. Uthi uzoqhubeka nempilo, adumise umdali njengoba engazimise­le ukujabulis­a isitha ebesizimis­ele ukuqeda ngaye.

“Ngingumunt­u kankulunku­lu kanti kuyacaca ukuthi akavumanga nami,” eveza.

Usphumelel­e ungomunye wabaculi bowokholo abaqhakamb­isa umculo wamazayoni ezingomeni zakhe. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE : SITHUNYELW­E ?? USPHUMELEL­E Mbambo ezama ukuphuma emotweni yakhe ngemuva kwengozi emehlele elibangisa emkhulekwe­ni.
ISITHOMBE : SITHUNYELW­E USPHUMELEL­E Mbambo ezama ukuphuma emotweni yakhe ngemuva kwengozi emehlele elibangisa emkhulekwe­ni.
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? USPHUMELEL­E Mbambo ebanjwe ngabazalwa­ne ngemuva kokucula komunye umcimbi esevukwe wumoya.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA USPHUMELEL­E Mbambo ebanjwe ngabazalwa­ne ngemuva kokucula komunye umcimbi esevukwe wumoya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa