Ilanga Lempelasonto

Ubongz uzobuyisa impilo emakilabhi­ni

Uthi itheku belingenje­na

- SANDILE MAKHOBA

INKAKHA kadj engaconsi phansi kubalandel­i bayo, ngenxa yemidanso yayo emisha futhi ehlale ihlanyisa abantu, ikhala ngokufa kwama- night club ethekwini.

Ubongani Dlamini, owaziwa ngodj Bongz, uthi imkhathaza kakhulu le ndaba ngoba yena uyalazi itheku belingenje­na. Uthi into ebulala ama- club

ethekwini wukuthi sekusabale­le umculo we- hip hop kakhulu kuwona wonke ama- club akhona.

Uthi ukuvuselel­a ama- club

uzokuthath­a akwenze umsebenzi wakhe.

UDJ Bongz ukusho lokhu emcimbini abedlala kuwona wokuvula indawo yokujuxuza entsha, ithe Boss Lounge, emorningsi­de, ethekwini. Le club phambilini ibibizwa ngeUltra Bar.

Uthe uzoqinisek­isa ukuthi umculo odansisayo udlalwa kakhulu kule ndawo ukuze abantu bezobuyelw­a wumfutho weclub. Uthi le nto yokungadla­lwa komculo odansisayo okubalwa kuwona i- house, igqomu nekwaito imkhumbuza izikhathi zoskyy bar, Scallas Cafe, Afro Lounge, Plush nezinye.

Uthi kulezi zindawo kwakusha isigubhu kuse emnyango kodwa manje ayisekho yonke leyo nto, abantu sebeya uma kunomculi othize odlalayo.

Kulo mcimbi UDJ Bongz ubehamba nesiphalap­hala sentokazi esaziwa kakhulu ngokunandi­sa ekong, egoli, unicol Nyaba.

Le ntokazi ike yaba sematheni isolakala ngokuthath­ela ubonang isoka, U-AKA. Unicol ubengomuny­e wabebenand­isa. Abanye abebekhona yidistruct­ion Boyz nosphectec­ula.

Imenenja yale ndawo, uthabisoul, ithi kuzovulwa kusuka ngoLwesith­athu kuze kube yimpelason­to.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? U-DJ Bongz noque wedistruct­ion Boyz bedansa ethe Boss Lounge.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA U-DJ Bongz noque wedistruct­ion Boyz bedansa ethe Boss Lounge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa