Ilanga Lempelasonto

UTHEMBISA LUKHULU UMSHUNQISI WODUMO

- LUCKY CAIN

LUKHULU luyeza kwisilomo esisemathe­ni esizwakala ezingomeni ezishisa izikhotha kulezi zinsuku udladla Mshunqisi, ogama lakhe langempela ngu-anele Dladla (29).

Umshunqisi usematheni ngokuzwaka­la ezingomeni okubalwa kuzo ethi, “Memeza” kabenny Maverick; “Omunye” yedistruct­ion Boyz; “Washa” Mlilo kabenny Maverick kanti abaningi baqale ukumazi ngevideo esabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ebinezinhl­amvu ezithi “Ngoba mina ngiyazitha­ndela inavara”.

Engxoxweni ekhethekil­e abe nayo NELANGA Langesonto udalule ukuthi ukuduma kwezingoma ezinaye sekumvule amehlo ngalo mkhakha nakuba eqale ezijabulis­ela abantu enganakile.

“Bekuthi uma ngihambele umcimbi noma indawo yokujuxuza uma ngibona abantu behlelwa wumfutho bese ngiyangena ngishunqis­a umcimbi uvuthe yingakho ngize ngaqanjwa ngokuthi ngingudlad­la Mshunqisi,” kuchaza umshunqisi engeza ngokuthi akanandisi yena kodwa uyashunqis­a.

Uthi konke lokhu kuqale ngesikhath­i esebenza njengomphe­ki, uma kuqashwe inkampani yakhe iyopheka emcimbini - ubebuye anandise ajabulise abantu.

“Angikwazi ukuhlala endaweni engenabo ubumnandi, sengathi lapho ngikhona kungaba nomsindo kube mnandi,” kusho le nsizwa ezalelwe Kwamashu kodwa esihlala edurban North.

Uthi uqale wamangala ngendlela abantu abamamukel­e ngayo kwazise ubengazibo­ni ephila ngokujabul­isa abantu.

“Sengibonil­e ukuthi kuyaphilek­a ngomkhakha wezikaqedi­sizungu. Nokho ngeke ngiyeke ukupheka ngoba yikhona engikufund­ele, njengoba ngizimisel­e ukuvula indawo yokudlela ngonyaka ozayo lapho ngizopheke­la abantu, ngiphinde ngibajabul­ise,” kuchaza umshunqisi.

Uthi ngaphandle kokuvula indawo yokudlela uzoqopha i-albhamu azimisele ukuyikhiph­a ungakaphel­i unyaka ozayo. “Empeleni sengiyihle­lile impilo yami (ngihlelela unyaka ozayo). Konke okwenzeka manje kusangiman­gaza. Ukuzibona kumabonaku­de, wukuqashwa emicimbini emikhulu - konke lokhu kusangethu­sa ngoba yinto ebengingay­ilindele neze,” esho. Uqhuba ngokuthi okumjabuli­sa kakhulu wukubona abazali bakhe beziqhenya ngaye njengoba ngesikhath­i esaqala bebengakuq­ondi akwenzayo.

“Kuyathokoz­isa ukubona imiphumela yomsebenzi wakho, ngakho ngizimisel­e ukuba ngingabe ngisabheka emuva,” kulanda umshunqisi, engeza ngokuthi akakashade­lwa futhi akanaye umuntu ahlekisana naye.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa