Ilanga Lempelasonto

ABOZALO BAFEZE IPHUPHO LEZIGULI EZIMBILI EZINCANE

- LUCKY CAIN

USHESHE wafika ukhisimusi ezinganeni ezimbili ezinezifo ezibucayi ngesikhath­i zithola ithuba eliyingqay­izivele lokuba yingxenye yokuqoshwa komdlalo owuchungec­hunge, Uzalo, okhonjiswa phakathi nezinsuku KWISABC 1.

Inhlangano, ireach For A Dream, ngokubambi­sana neSABC Foundation bahlangany­ele ukufeza iphupho likababalw­a (9) noshane (8) lokuzibone­la okwenzekay­o uma kuqoshwa lo mdlalo ohamba phambili ngababukel­i eningizimu Afrika.

Ngokwesita­timende sabezindab­a esikhishwe yinkampani ekhiqiza uzalo, istained Glass Production­s, ubabalwa unesifo samaphaphu (Chronic Lung Diseases) kanti ushane unomdlavuz­a ohlasela igazi (Non- Hodgkins Lymphoma).

Iphupho labo bekuwuhlan­gana nabalingis­i balo mdlalo kwazise bayazifela ngawo njengoba ungabaphut­hi.

“Bebefuna ukubona ukuthi kwenziwani uma kuqoshwa lo mdlalo futhi bafunde ngokwenziw­ayo kumabonaku­de. Bakujabule­le ukuchitha usuku naba- lingisi ababathand­ayo, nathi kusijabuli­sile ukubona ukumoyizel­a ezinganeni,” kusho abakhiqizi bozalo esitatimen­deni.

Phakathi kwabalingi­si abachithe usuku nalezi zingane ngoLwesibi­li kubalwa udawn Thandeka King, olingisa indawo kaMangcobo, Masoja Msiza, odlala indawo kankunzi, unaymaps Maphalala, odlala ekamxolisi, untokozo Dlamini, odlala ekaMasterm­ind, ukhaya Dladla odlala ekagc, unokuthula Mabika, odlala ekathobile, Sihle Ndaba, odlala ekasmangel­e, Nelisa Mchunu odlala ekafikile nosihle Xaba odlala ekakhumbul­ani.

“Sizizwa sihloniphe­kile ukuba izingane zikhethe Uzalo emidlalwen­i eziyikhonz­ile njengoba nathi sikuthokoz­elile ukuchitha usuku nazo,” kuphetha abestained Glass esitatimen­deni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa