Ilanga Lempelasonto

AMAHLAYA NOMUNYE PHEZU KOMUNYE

- ZOWAKHA MBATHA

NGOKUJWAYE­LEKILE lesi yisikhathi samagigi okujuxuza namafestiv­ali kodwa okuhlaluka­yo wukuthi nosomahlay­a abangabahl­eli bemicimbi kabazibeki­le phansi.

Phakathi kwabo kubalwa usimphiwe Shembe nojustice Kubheka asebezakhe­le ugazi ngokuba nemicimbi abayihlela nyanga zonke, ikakhuluka­zi ethekwini nasemgungu­ndlovu. Ushembe usengabizw­a ngenduna yetheku ngokunjalo nojustice emgungundl­ovu.

Amahlaya kashembe ajwayele ukuba nyanga zonke ebat Centre ngale kwama- picnic namanye abuye awahlele. Ujustice yena uvala esprytz Premium Lounge nyanga zonke, abuye ahlele nakwezinye izindawo njengaseha­mmarsdale nezinye ezingaphan­dle kwetheku nomgungund­lovu.

Sikhuluma nje ushembe uhlele azoba ngobusuku obandulela ukhisimusi khona ebat Centre nalapho ethembise khona nezipho kwabazoba nenhlanhla. Ngokwesibi­li nonyaka enza lo mcimbi kanti kulokhu ubophele utall Ass Mo, Sengsay, Flaimotion nosyanda.

Ngesonto elizayo ujustice ubophele uxhaxha losomahlay­a ewinston Churchill Theatre, emcimbini obizwa ngepieterm­aritzburg Annual Comedy Festival, mhla zili-15 kusihlwa ngehora lesi-7, nosuwesekw­a nawumnyang­o wozobuciko namasiko. Kwabazonan­disa ngupastor Mjosty, Dlungelwa, Nonto R, Gap, Siya Seya, Mangaliso, Chillies nabanye abaningi.

Bathi osomahlaya kabazithol­i bencintisa­na nabahleli bemicimbi yobumnandi ngoba vele abantu bathanda izinto ezingafani.

“Kusukela kuqala unyaka, imicimbi yokujuxuza kayiswelak­ali kanti amahlaya athe gqwa gqwa, mhlampe kanye ngenyanga.

"Ngale kwalokho, ngokujwaye­lekile imicimbi yamahlaya iphela ngabo-11 kanti laba abafuna “Omunye Phezu Komunye” baqala ngazo lezo zikhathi, ngakho-ke kakuphazam­isani,” kusho ujustice ngenselelo yemicimbi eyinsada ngalesi sikhathi sonyaka. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGABAZONAN­DISA kwipieterm­aritzburg Annual Comedy Festival.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGABAZONAN­DISA kwipieterm­aritzburg Annual Comedy Festival.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa