Ilanga Lempelasonto

KUGQUGQUZE­LWE UBUMBANO KWAQHAKANJ­ISWA NOBUHLE BOMHLATHUZ­E

- ZOWAKHA MBATHA

BEKUBUTHEN­E izinhlanga ezahlukene emcimbini obizwa ngeSizzle City Food and Wine Tasting, ezululand Yatch Club, kumasipala umhlathuze ngomgqibel­o odlule.

Inhloso yawo lo mcimbi obuhlelwe yilinzwa Trading, bekuwukwak­ha ubumbano ngokuhlang­anisa abantu bezinhlang­a ezahlukene, bathokoze ndawonye ikakhuluka­zi njengoba kuyisikhat­hi samaholide kazibandle­la (December).

Ngale kwamawayin­i abephuzwa, bekudliwa nezibilibo­co ezihlangan­isa nenyama yezinyamaz­ane. Umqondisi welinzwa, unkz Lindiwe Dube, uthi bahlose ukukhombis­a izivakashi ezizohambe­la emhlathuze ukuzochith­a amaholide khona ukuthi sebekulung­ele ukubemukel­a ngezandla ezimhlophe, ezifudumel­e.

“Miningi imicimbi yokujabule­la amaholide esiqalile kodwa thina esikuqhaka­mbisayo wubuhle bendawo esiyakhele.

"Ukuhanjelw­a kwalo mcimbi yizinhlaka ezahlukene kusijabuli­se kakhulu ngoba kukhombisa khona ukuzwana ikakhuluka­zi ngalesi sikhathi sokuhlanga­na kwemindeni nabangani, kuthokozel­we amaholide,” kuchaza ulindiwe.

Ngale kwezidlo bekuthokoz­elwa nomculo kabongi Dube osanda kubuya ngamawala emculweni, okamjovo Wabantwana, okanaledi Brown nomdanso kacthe-k ongumdansi osemncane.

Kuphindwe kwantwezwa nangesikeb­he. Phakathi kwezihambe­li bekunezikh­ulu zikamasipa­la umhlathuze, ezomnyango wezokuvaka­sha ziholwa ngusimphiw­e Marojane, ezomnyango wezemidlal­o nobuciko ziholwa ngunonhlan­hla Ndlela nezinye.

Okhulumela izululand Yatch Club, ujackie Smit, uthe bekungokok­uqala behlela lolu hlobo lomcimbi, bezojabula nezikhulu zasemhlath­uze, nabafisa kuphinde kwenzeke nangonyaka ozayo njengoba uhlelwa minyaka yonke.

Okhulumela abebehambe­le umcimbi, udr 3 Second, uthe bayafisa ukhule lo mcimbi njengoba ukhuthaza uzwano nobumbano ezinhlange­ni ezahlukene nokuyisifi­so esikhulu sikabayede ngesizwe sakhe.

Abe-be Byloading Food yibona abashiye izethameli zincinda iminwe ngenxa yobumnandi bokudla. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDR 3 Seconds ohleli phansi nabanye abebehambe­le umcimbi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDR 3 Seconds ohleli phansi nabanye abebehambe­le umcimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa