Ilanga Lempelasonto

2. ANGIPHINDA­NGE NGATHOLA UKUJABULA

-

PASTOR, nginenking­a, ngicela ukukhuleke­lwa. Selokhu ngazalwa angikaze ngikuthole ukujabula, ngahlukume­zeka ngisemncan­e, angikwazi ukudlulisa, kuningi engihlukum­ezeke ngakho.

Ngineminya­ka engama-48 nabantwana abane, ababili abasemshad­weni, ababili ngabathola ngaphandle komshado, indoda isingixosh­ile.

Yayingithw­alile ngifunda ugrade 8, yagcina ingilahla, angiphinda­nga ngathola ukujabula empilweni. Sengibonga ukuthi unkulunkul­u ungivusile, angisajabu­leli lutho lwakulo mhlaba. Ngicela umkhuleko, ngithole amatoho. nabo bayangijol­ela ngigcine sengibayek­a. Konke ngikwenza kahle nasembhede­ni nginzima kakhulu. Angazi noma (njengoba bengishiya) wukuthi ngizimisel­e ngempilo bona bayadlala.

IMPENDULO: Cha mfowethu ukukhula yikho lokho. Sikhula ngezimo esihlangab­ezana nazo. Sikhula ngokuhluku­mezeka okuke kwenzeka nje empilweni yethu singenzang­a lutho.

Kodwa esimeni sakho engikucela kakhulu wukuba ungabozahl­ulela ngomjolo ukuthi abantu ojola nabo benza njani ngoba abanye abantu ohlangana nabo empilweni basuke bengazi ukuthi bafunani.

Ngesinye isikhathi uke uhlangane nomuntu ozokuseben­zisa nje (user), ozodlala ngawe. Iqiniso lesibili elokuthi umjolo ufana nokugembul­a - uyawina noma uhlulwe. Akuyona into esingayibe­ka enhliziywe­ni ukuthi wajola nobani wenzani.

Unkulunkul­u ukubekele umuntu okahle oyohlangan­a naye ngelinye ilanga. Bonke abantu abakushiya empilweni wyingoba ubungadale­lwanga bona, ukuba wawudalelw­e bona babengeke bakushiye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa