Ilanga Lempelasonto

5. UYAFA WUTSHWALA UYISE WEZINGANE ZAMI

-

IMPENDULO: Isimo obhekene naso dadewethu yisimo esibhekene nabantu abaningi eningizimu Afrika.

Engikuthan­da kakhulu wukuthi unazo izifiso zokuya phambili. Ukuwina empilweni kuqala ngokuba ube nesifiso.

Uma into uke wayifisa kusuke sekunamath­uba amaningi okuba uyithole.

Okukamatik­uletsheni kulele ezandleni zakho ngoba imfundo ayikhulelw­a, umuntu angafunda ngisho eseneminya­ka engama-70, akuthole lokhu ayekufuna empilweni.

Ngiyafisa futhi ukuba ubhekisise abantu ozwana nabo ngoba uma uzwana nabantu abangaphan­si kwakho impilo izoshona phansi, wazwana nabantu abalingana nawe ngezinga impilo izoma kodwa mhlazane uthe nje ukuthasise­la kancane futhi ngabantu abangaphez­u kwakho ngezinga lempilo yakho liyonyuka.

Bhekisisa ukuthi uzwana nobani ngoba siyimiphum­ela yabantu esizwana nabo (we are the results of our friends). PASTOR, nginenking­a ngoyise wezingane zami - uyafa utshwala, nothando lugcina seluncipha ngoba uphuza kakhulu kodwa hhayi zonke izinsuku kodwa angisathan­di nje. Ngicela ungeluleke.

IMPENDULO: Cha dadewethu, ngicabanga ukuthi umuntu odinga ukwelulekw­a la yilo muntu othandana naye ngoba nguye umuntu onenkinga. Ukujova wena ekubeni ongaguli ngeke kwasiphili­sa isiguli.

Ngiyacaban­ga ukuthi uma kungenzeka ngiboneni nobabili noma umthinte ukuthi angakwazi yini ukuxhumana nami kule nombolo engezansi ukuze sikwazi ukukhulumi­sana naye. Kodwa okokuthi uyaphuza ngeke wamyekisa utshwala uma yena esabuthand­a.

Kukhona izinto ezenziwa ngabantu esingeke senza lutho nje ngazo. Wena nje okufuneka ukuba ukwenze wukuba umamukele enjengoba enjalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa