EZOTHANDO:
UMKHUBA wokufuna uthando kwi- internet yinto esiyande cishe umhlaba wonke kulesi sikhathi samanje. Baningi abantu abangena kwi- internet ngoba befuna uthando futhi benethemba lokuthi bazothola izinqandamathe abangakha imizi nazo.
Ngesinye isikhathi umbuzo omkhulu kuba ngothi lukhona ngempela yini uthando lweqiniso olungatholakala kwi- internet. Lo mkhuba wokufuna uthando kwiinternet kubikwa ukuthi unobuhle nobubi njengayo yonke into.
Ngesinye isikhathi kuye kwexwayiswe ngokuthi ukuhlangana nomuntu ongamazi kwi- internet kungaba nobungozi. Nokho abanye bayaba nenhlanhla yokuhlangana nabantu abaneqiniso futhi abathembekile, mhlawumbe abanye bagcine beshadile, babe nemindeni.
Ongoti bathi ubudlelwane obuqhutshwa kwi- internet bungasebenza uma nje labo ababili bezibophezele kubo. Uhlobo lobudlelwane obuqale kwi- internet lucishe lufaniswe nobudlelwane babantu ababili abahlala ezindaweni eziqhelelene.
Kuthiwa-ke zikhona izindlela zokwenza ubudlwelwabo bakwi- internet busebenze. Nazi izinto ezimbalwa okuthiwa labo abatholane kwiinternet bangazenza ukuze uthando lwabo luchume noma luqine futhi ludlondlobale.
UKUXHUMANA
Kubikwa ukuthi lonke uhlobo lobudlwane ukuze buqhubekele phambili kufanele kube nokuxhumana. Empeleni kulabo abaqhuba uthando lwabo kwi- internet, ukuxhumana yiyona kuphela into abanayo engakhulisa uthando lwabo futhi iluqhubekisele kwelinye izinga.
Into enhle ngobudlelwane obuqhutshwa kwi- internet wukuthi labo abathandanayo bayakwazi ukusheshe babone ukuthi bayakuthokozela yini ukuxoxa.
UKUSEBENZISA UMAKHALEKHUKHWINI
Ngaphandle kokuxhumana ngokubhalelana imilayezo nge- email, noma komakhalekhukhwini, kubikwa ukuthi kuhle ukuphinde nishayelane ucingo ukuzwa nje izwi lomuntu oxhumana naye.
Ukuzwa izwi kukodwa kubikwa ukuthi kusemqoka ngendlela eyisimanga. Kodwa-ke ukushayelana ucingo nomuntu okude ngesinye isikhathi kuyabiza, yingakho kuthiwa kuyasiza ukuxhumana ngezinye izindlela eningathi nixoxa online kodwa nibe nibukana njengakwi-skype.
UKUHLANGANA UBUSO NOBUSO
Nakuba ukuxhumana ocingweni kubalulekile kodwa kubikwa ukuthi kusemqoka kakhulu nokuhlangana ubuso nobuso, nichithe isikhathi ndawonye.
Uma ningakaze nihlangane ubuso nobuso kungakuhle ukuba nihlele lokho ngokushesha. Abanye ababuthathi ubudlelwano babo bakwi- internet njengento ekhona ngempela kuze kube bayahlangana ubuso nobuso.
Uma ningakaze nihlangane ubuso nobuso ngeke uze ube naso isiqiniseko esiphelele sokuthi niyazwana ngempela nomuntu noma cha - kungenzeka ukuba nizwana nje ngokomoya kodwa uma senibonana ngempela kungabi yile nto ebeniyicabanga noma nizitshela yona.
UKWETHEMBEKA
Ubudlelwano obuqhutshwa ngeinternet buncike kakhulu ekwethembekeni kwalabo abasebudlelwaneni. Ongoti kwezothando bathi ubudlelwane bezothando obuqhutshwa kwi- internet kakuyona into kanoma ngubani.
Kuthiwa kungcono ukuba ukhulume, uthembeke, usho uma uzwa ukuthi awukwazi ukumela- na nendaba yokuba umuntu wakho ungamboni kodwa uxhumane naye nge- internet kuphela.
Kasikho isidingo sokuba uqhubeke nokuhlala entweni ozwa kahle ukuthi inhliziyo yakho kayikho khona.
ITHEMBA
Kunzima ukwazi ukuthi umuntu osuke uthandana naye kodwa niqhelelelene wenzani ngesikhathi sakhe sokuphumula.
Lokho kwenza abanye babe nemicabango eminingi engemihle, njengokuthi umuntu acabange ukuthi uphathina wakhe ubonana nabanye abantu eceleni.
Uma-ke unenkinga yokungabi nalo ithemba kumuntu wakho eniqhelelene naye, maningi amathuba okuba into yenu ingafinyeleli ndawo, kodwa isheshe ishabalale.