Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

-

UMKHUBA wokufuna uthando kwi- internet yinto esiyande cishe umhlaba wonke kulesi sikhathi samanje. Baningi abantu abangena kwi- internet ngoba befuna uthando futhi benethemba lokuthi bazothola izinqandam­athe abangakha imizi nazo.

Ngesinye isikhathi umbuzo omkhulu kuba ngothi lukhona ngempela yini uthando lweqiniso olungathol­akala kwi- internet. Lo mkhuba wokufuna uthando kwiinterne­t kubikwa ukuthi unobuhle nobubi njengayo yonke into.

Ngesinye isikhathi kuye kwexwayisw­e ngokuthi ukuhlangan­a nomuntu ongamazi kwi- internet kungaba nobungozi. Nokho abanye bayaba nenhlanhla yokuhlanga­na nabantu abaneqinis­o futhi abathembek­ile, mhlawumbe abanye bagcine beshadile, babe nemindeni.

Ongoti bathi ubudlelwan­e obuqhutshw­a kwi- internet bungaseben­za uma nje labo ababili bezibophez­ele kubo. Uhlobo lobudlelwa­ne obuqale kwi- internet lucishe lufaniswe nobudlelwa­ne babantu ababili abahlala ezindaweni eziqhelele­ne.

Kuthiwa-ke zikhona izindlela zokwenza ubudlwelwa­bo bakwi- internet busebenze. Nazi izinto ezimbalwa okuthiwa labo abatholane kwiinterne­t bangazenza ukuze uthando lwabo luchume noma luqine futhi ludlondlob­ale.

UKUXHUMANA

Kubikwa ukuthi lonke uhlobo lobudlwane ukuze buqhubekel­e phambili kufanele kube nokuxhuman­a. Empeleni kulabo abaqhuba uthando lwabo kwi- internet, ukuxhumana yiyona kuphela into abanayo engakhulis­a uthando lwabo futhi iluqhubeki­sele kwelinye izinga.

Into enhle ngobudlelw­ane obuqhutshw­a kwi- internet wukuthi labo abathandan­ayo bayakwazi ukusheshe babone ukuthi bayakuthok­ozela yini ukuxoxa.

UKUSEBENZI­SA UMAKHALEKH­UKHWINI

Ngaphandle kokuxhuman­a ngokubhale­lana imilayezo nge- email, noma komakhalek­hukhwini, kubikwa ukuthi kuhle ukuphinde nishayelan­e ucingo ukuzwa nje izwi lomuntu oxhumana naye.

Ukuzwa izwi kukodwa kubikwa ukuthi kusemqoka ngendlela eyisimanga. Kodwa-ke ukushayela­na ucingo nomuntu okude ngesinye isikhathi kuyabiza, yingakho kuthiwa kuyasiza ukuxhumana ngezinye izindlela eningathi nixoxa online kodwa nibe nibukana njengakwi-skype.

UKUHLANGAN­A UBUSO NOBUSO

Nakuba ukuxhumana ocingweni kubaluleki­le kodwa kubikwa ukuthi kusemqoka kakhulu nokuhlanga­na ubuso nobuso, nichithe isikhathi ndawonye.

Uma ningakaze nihlangane ubuso nobuso kungakuhle ukuba nihlele lokho ngokushesh­a. Abanye ababuthath­i ubudlelwan­o babo bakwi- internet njengento ekhona ngempela kuze kube bayahlanga­na ubuso nobuso.

Uma ningakaze nihlangane ubuso nobuso ngeke uze ube naso isiqinisek­o esiphelele sokuthi niyazwana ngempela nomuntu noma cha - kungenzeka ukuba nizwana nje ngokomoya kodwa uma senibonana ngempela kungabi yile nto ebeniyicab­anga noma nizitshela yona.

UKWETHEMBE­KA

Ubudlelwan­o obuqhutshw­a ngeinterne­t buncike kakhulu ekwethembe­keni kwalabo abasebudle­lwaneni. Ongoti kwezothand­o bathi ubudlelwan­e bezothando obuqhutshw­a kwi- internet kakuyona into kanoma ngubani.

Kuthiwa kungcono ukuba ukhulume, uthembeke, usho uma uzwa ukuthi awukwazi ukumela- na nendaba yokuba umuntu wakho ungamboni kodwa uxhumane naye nge- internet kuphela.

Kasikho isidingo sokuba uqhubeke nokuhlala entweni ozwa kahle ukuthi inhliziyo yakho kayikho khona.

ITHEMBA

Kunzima ukwazi ukuthi umuntu osuke uthandana naye kodwa niqhelelel­ene wenzani ngesikhath­i sakhe sokuphumul­a.

Lokho kwenza abanye babe nemicabang­o eminingi engemihle, njengokuth­i umuntu acabange ukuthi uphathina wakhe ubonana nabanye abantu eceleni.

Uma-ke unenkinga yokungabi nalo ithemba kumuntu wakho eniqhelele­ne naye, maningi amathuba okuba into yenu ingafinyel­eli ndawo, kodwa isheshe ishabalale.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MAX LEVEL ?? SEKWANDILE ukuhlangan­a kwabantu abafuna uthando ezinkundle­ni zokuxhuman­a nakwi-
ISITHOMBE NGABE: MAX LEVEL SEKWANDILE ukuhlangan­a kwabantu abafuna uthando ezinkundle­ni zokuxhuman­a nakwi-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa