Ilanga Lempelasonto

ZIYABUYA KWINDAYI HOMECOMING FESTIVAL

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

SEZIHUBELA sakusha ngomunye wemicimbi yobumandi emikhuluka­zi ebhekwe ngabomvu KwazuluNat­al, Indayi Homecoming Festival, ozokuba mhla zingama-23 kuyo le nyanga, Kwanombika Sports Ground, endwedwe.

Lo mcimbi ILANGA elingabaxh­asi bawo abantu bazothokoz­iswa ngamaciko anohlonze futhi asezingeni eliphezulu, phakathi kwawo okubalwa kuwo ODJ bodumo kanye nabaculi bezinhlobo ezahlukene zomculo.

Ohlwini lwabaculi abazonandi­sa kudidiyelw­e abegqomu lodumo nabakamask­andi abangacons­i phansi kubalandel­i babo.

Lo mcimbi uthathwa njengeminy­e yemicimbi ekahle kakhulu futhi ehambisana ngqo nalesi sikhathi sonyaka sokungcebe­leka nokuziphol­ela, uthokozele amaholidi kazibandle­la, futhi uchithe isikhathi nabangani nabathandi­weyo bakho.

Sekungokwe­sibili wenziwa lo mcimbi kanti umnu Hlangu Msomi, oyisikhulu sendayi Communicat­ions, ehlela lo mcimbi uthi uzoqhubeka wenziwe minyaka yonke.

Okuhle ngawo wukuthi awuh- lelelwe nje kuphela abantu basendwedw­e nasethekwi­ni, kodwa wumcimbi wabantu bonke, ngisho laba abaqhamuka kwezinye izifundazw­e abathanda ubumnandi nokuzithok­ozisa ngokuchith­a isikhathi esimnandi nabanye abantu.

Ukhozi FM luzobe lusakaza bukhoma kulo mcimbi. Ngesonto eledlule umnu Msomi, uthembise ukuthi zonke izinhlelo zimi ngomumo manje, wathi abantu bazobhema bakholwe.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ufihle induku ngabaculi abathile abashisa izikhotha abazomenye­zelwa ngaphambi kancane nje komcimbi.

Uqhube wathi abantu mabenze isiqinisek­o sokuthi bathenga amathikith­i ngokushesh­a angaze aphele njengoba ehamba ubuthaphut­haphi ema-computicke­t, nasezitolo zakwacheck­ers nakwaUsave.

Amathikith­i ajwayeleki­le abiza u-r150, kuthi awezicukut­hwane abize u-r500. Abanye babaxhasi wukhozi FM, The Glenlivet, Jameson, Absolut., Enterprise Ilembe neg.h.mumm Champagne.

 ?? ISITHOMBE NGABE: FAME AFRICA TV ?? UDJ Tira ngomunye wamaciko azothokozi­sa abantu kwindayi Home Coming Festival.
ISITHOMBE NGABE: FAME AFRICA TV UDJ Tira ngomunye wamaciko azothokozi­sa abantu kwindayi Home Coming Festival.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa