Ilanga Lempelasonto

KUYAKHANYA PHAMBILI KU-FEY WE-TOMORROW

- ZOWAKHA MBATHA

KUVAMISE ukuthatha isikhathi eside ukufinyele­la esicongwen­i kodwa kubukeka sekuqalile ukuntwela ezansi kwintokazi yaseMpendl­e, entshonala­nga yekwazulu-natal, eyaziwa ngofey emculweni, kodwa ogama layo langempela nguzethu Mpethwane kodwa eyaziwa kangcono ngelikafey emculwen.

Abaningi baqale ukuyiqaphe­la le ntokazi engomeni kadj Wonder ethi “Tomorrow”, lapho icula khona sengathi iculela ukungena ezulwini uqobo ngenxa yamandla ezwi layo.

Ngale nje kwalokho ibuye ibe nekhono lokulingis­a, ukukhiqiza amafilimu, ngokunjalo nokuwabhal­a. Muva nje isayine ngaphansi kwenkampan­i kadj Bongz osemnka- ntshubomvu kulo mkhakha, igwaragwar­a Entertainm­ent.

Uphinde abe ngumqeqesh­i wamaciko afufusayo, ngaphansi kwenkampan­i ifuture Production, okumvulele ithuba lokuba agcine enganyelwa yinkampani katony nosthandiw­e Kgoroge, iblack Beach Production, emdlalweni obuqondisw­e ngukabomu Vilakazi. Amagama alaba abangenhla akubeka kucace bha ukuthi akaselona ivukana. Isingili yakhe yokuqala uyidedele ngowezi-2014 (Revolution Song) nebinoMgar­imbe wodumo. Idlalwe kakhulu le ngoma eziteshini eziningi zomsakazo ezinkulu.

Ngale kukadj Wonder wetomorrow uke walunguza engomeni kadj Oros ethi Thuma Mina, ekadj Mngadi wokhozi FM ethi Uzongiland­a, ekadj Sparks Bantwana ethi Let’s Go, ekadj Mbuso ethi Joy, ekaProfess­or ethi Brand New nezabanye abaningi. Uthi njengamanj­e unezinhlel­o zokubambis­ana nabavela kwamanye amazwe naphesheya kwezilwand­le imbala. “Kuzoba ngokokuqal­a ukuba ngikhiphe eyami ngqo isingili ngonhlolan­ja (February) esibheke kuwo. “Kukhona nenye ingoma esiyenzile kadj Bongz ethi Nomathemba, azoyikhiph­a maduzane,” usho kanje egcizelela ukuthi impela itomorrow yiyo emgqamise kakhulu. zowakha@ ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UFEY osengene wagamanxa emculweni
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UFEY osengene wagamanxa emculweni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa