Ilanga Lempelasonto

Ufisa elendidane lingashaba­lali

- LUCKY CAIN

UMCULI wegqomu ongenisayo kulo mkhakha ubianca Mbatha odume ngelikanuz Queen uthi uhlonipha obezibiza ngenkosi kamaskandi ngengoma yakhe edlalwa kakhulu emisakazwe­ni kulezi zinsuku esihloko sithi “Indidane”.

UNUZ Queen uthi ubezifela ngendidane ogama layo langempela nguMtsheng­iseni Gcwensa, odlule emhlabeni eminyakeni embalwa eyedlule. Uthi yingakho ekhethe ukuba engomeni yakhe yokuqala ayikhiphay­o ayihloniph­e (Indidane) njengomunt­u abebukela kuyena.

“Bengithand­a indlela abethanda ngayo abalandeli bakhe futhi engaziphak­amisi kubona. Nami ngiyafisa ukulandela ezinyathel­weni zakhe nakuba ngicula umculo wegqomu,” kusho UNUZ Queen ongowaseml­azi eningizimu yeTheku.

Uthi umculo kamaskandi ukhule ezifela ngawo ngoba uchaza umuntu omnyama, futhi yiwona okumele aziqhenye ngawo.

“Yingakho nami noma ngicula igqomu kodwa ngisifaka isigqi sikamasika­ndi ngoba wumculo wethu. Ngikhethe ukucula igqomu ngoba nalo lingelasen­ingizimu Afrika futhi yilona elihamba phambili kulezi zinsuku,” echaza.

Uthi kuyamjabul­isa ukuthi ingoma yakhe esihloko sithi “Indidane” imisakazo iyamukelil­e njengoba idlalwa ngapha nangapha.

“Indlela le ngoma nabantu abayemukel­a ngayo iyangijabu­lisa ngoba kimina kakuyona ingoma nje kuphela kodwa isho lukhulu njengoba enye inhloso yami ngayo wukuqinise­kisa ukuthi igama lendidane kalishabal­ali emculweni ngoba uyibekile induku ebandla,” eqhuba.

Uthi i-albhamu yakhe enale ngoma isiyathola­kala kuma-itunes kanti icwecwe lizotholak­ala ngondasa (March) ngonyaka ozayo.

UNUZ Queen useke wabonakala enandisa ezindaweni ezahlukene kanti muva nje ubonakale enandisa Eyadini Lounge, emlazi.

lucky.cain@ilanganews.co. za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNUZ Queen uthi uhlonipha indidane ngengoma yakhe asanda kuyikhipha edlalwa kakhulu emisakawen­i.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNUZ Queen uthi uhlonipha indidane ngengoma yakhe asanda kuyikhipha edlalwa kakhulu emisakawen­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa