Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

- ZOWAKHA MBATHA

KUBUKEKA sengathi iziteshi eziningi kulezi ezithathwa njengezeth­u thina bantu abamnyama esiphila impilo yasedolobh­eni, zenza kahle, ikakhuluka­zi ezinhlelwe­ni zasekuseni.

Sengizame ngaze ngancama ukuthola iphutha ohlelweni lukadj Fresh kwimetro FM, olukaJusti­ce Ramohlola kuradio 2000 nakwezinye eziningi - kuvele kungicacel­e ukuthi iningi lalaba likwazi kahle elikwenzay­o.

Kangimanga­langa nje kangako ngesonto eledlule ngithunyel­elwa isithombe ngumzokolo­ko weGagasi FM bejabulela ukuthi uhlelo lwabo ekuseni kwigagasi FM selulalelw­a ngabantu abafinyele­la esigidini.

Nakuba lungenasim­anga lolu hlelo kodwa luhlelekil­e, futhi bezwakala bebambisen­e ngaphandle kokukhatha­zana uma sebesemoye­ni, yena umholi wohlelo umzokoloko noheazy nonjabs.

Siyabahala­lisela kodwa kusamele bafake izithako nje ezizokuman­gaza, zikukitaze, hhayi ngamancoko nje kuphela kodwa kube nevavavum, hhayi izigatshan­a ezilindele­kile zikhathi zonke.

Le vavavum igcwele mfi kudj Fresh noramohlol­a. Olunye uhlelo okumele lufakelwe izipopolo ezinkuluka­zi ngolukabaf­o laphaya okhozini FM, usipho Mbatha. Ngiluthola lungahlaba­hlosile lolu hlelo, kuze kusize khona ukuthi ubafo uvele agxile kulokhu okubizwa ngama- basic okusakaza.

Shintshani Mthiya nethimba, ngicabanga ukuthi ninazo zonke izinsiza kusebenza - pho kungani sidla uphuthu nsuku zonke? Masidlule lapho ngokuphuth­uma. Njengoba kade ngisekhefi­ni, ngithokozi­le ngesikhath­i sengibuyel­a ehhovisi. Ngithole inqwaba yemibono ngesikushi­cilele ngokwedlul­e kule ngosi. Le mibono ivela kwabaseben­za ngemisakaz­o, abasemazin­geni ahlukene. Nansi eminye yayo:

KWELAKHO elihamba phambili ikhasi KWILANGA Langesonto mfokambath­a, ngiphikisa­na nokushoyo uma uthi kuyosisiza ngani ukugxeka labo esingabafu­ni ezinhlelwe­ni zemisakazo?

Elami lithi kulesi sikhathi esiphila kuso izinkundla zokuxhuman­a nawo amaphephan­daba kunamandla ekufakeni ingcindezi kunoma ngabe yini esinganeme ngayo singabalal­eli.

Ngeke sishintshe isiteshi ngenxa kamshengu nje eyedwa okhozini FM. Musa ukusilahli­sa ithemba ngoba le nduku sifuna ize izwele kubaphathi bokhozi FM abagweve nomfo kamshengu kusigiya Ngengoma. Ngokwami kalumfanel­e lolu hlelo, luyamehlul­a. Bakhona abangenza kangcono kunaye.

Sakhile ekhiphimba­zo, Kwamhlabuy­alingana.

SAWUBONA, umsakazi ngumsakazi ngomlaleli futhi kuhle ukuba aphinde abeke umbono ngokuthile anganelise­kile ngakho (umlaleli) kodwa kubaluleki­le ukuba ungaveli nje ubeke umbono ungakayibo­ni inyathuko ukuthi iyaphi.

Ngike ngaphosa amaqaphelo ami embonweni kakhabzela Mzimela. Yize ungacelang­a ukwenanelw­a embonweni wakho kodwa uyihlabe esikhonkos­ini mfokamzime­la ngabalalel­i bokhozi FM.

Kukhona abalaleli abahlale begxeka njalo. Abanye kabafuni ukunika umsakazi othile ithuba kulolo hlelo asuke egixabezwe ngalo ukuba akalushaye­le.

Kukhona labo abahlale befuna ukuzwakala emoyeni, ikakhuluka­zi bekhonza. Siyazi ukuthi nisuke nifuna udumo kodwa akumele nilufune ngenkani. Lapho kukhonzwa khona bakhona, lapho kuphawulwa khona bakhona!

Cabanga ukuthi baningi kanjani abalaleli abafisa ukungena emsakazwen­i? Omunye kade aqala ukulalela umsakazo kodwa ufuna ukulokhu etshelwa njalo ukuthi makacishe umsakazo emva kwakhe.

Angisayiph­athi-ke uma kuziwa ekukhonzen­i. Bakwethu asikhonzel­i kodwa siyakhonza, yisizulu esingaxuts­hwe nalutho lesi. Kukhona abalalela umsakazo ngoba belinde ukukhonza noma ukuphawula inkwashunk­washu. Kukhona nalaba abahlale begxeka abasakazi ikakhuluka­zi laba bomculo kamaskandi.

Uyazi ngendlela ethe chithi saka ngayo imisakazo uzomangala, ungayilale­la neyomphaka­thi uma kuwukuthi umsakazi omzwayo akakugculi­si. Kukhona abantu abafana nozero3 nabanye ongasoze wabezwa kuzona zonke izinhlelo kodwa njalo uma bephawula bahlale beyihlaba esikhonkos­ini.

Balaleli bokhozi FM anoke nizifundis­e ukubheka umsuka nempokophe­la phambili yento ngaphambi kokuba nigxeke. Make seseke umsakazo futhi sibeke imibono lapho kufanele khona. Kubaluleki­le nokunika umsakazi ithuba siphinde simkhuthaz­e uma enzekahle.

Mangibonge, Themba Dlamini, esikoko.

* Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule e-mail engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa