SIVULA AMEHLO ABACULI:
emphakathini.
Uma sekufa abalandeli bazobe sebelandelwa ngubani abaculi? Khona sekuthiwa kuyavotwa emincintiswaneni, ngubani oyobavotela. Kuhle sisho ukuthi udlambedlu kalumane lusuke nje, kusuke kukhona olususile ngamazwi noma ngokwenza.
Esikhathini esiningi yibona abaculi abaqhatha abalandeli babo ngamazwi anochuku ezingomeni zabo. Singathokoza ukuba ngonyaka ozayo abaculi baqambe izingoma ezingatinyeli muntu kodwa ezinezimfundiso ezakhayo. Siyaqaphela futhi ukuthi noma bangaziqamba izingoma ezakhayo bazicule, indaba ibuye isale uma sebezibongela bepiklela abanye - lokho kwenza abalandeli nabo bapiklelane bodwa kuze kuyiwe nasezinkundleni zokuxhumana kubhebhetheke ukungezwani.
Silindele ukubona abaculi bencomana, uma omunye ekhiphe i-albhamu bambongele, baphume- le obala ngisho lapho besuke bekhuluma khona emisakazweni nasemaphepheni nasezinkundleni zokuxhumana. Asikaze sikubone kwenzeka lokho, kuyosijabulisa futhi kuzoba nomthelela omuhle esimeni sokuzwana.
Kungaba kuhle futhi uma ukulamula kungenabela nakwezinye izinhlobo zemiculo lapho uthola uphrojusa esexabene nomculi sebenekana kwabezindaba, omakade bebona kwezomculo abafana nosipho Hotstix Mabuse, Rebecca Malope, nabanye mababe nesibindi babacele abaxabanayo babeluleke. Akusizi ukubukela ngoba nje bethi abahlangene naleyo mpi. Baningi abaculi asebebothokile emuva kokwehlukana nabaphathi babo abadala noma izinkampani zabo, bebange into encane.
Kuyaziwa ukuthi yisifo sasemculweni ukuba nezinhliziyo ezincane okudalwa wukuthi umculi lowo osuke esedume njengemali esezibona emkhulu engasafuni ukukhuzwa nokwelulekwa aze asebenzise amazwi esilungu athi “I don't care (IDC)”, okusho ukuthi akanandaba.
Ayisebenzi indaba KA-IDC lapha emculweni, kuyancengwana kuyabanjiswana. Siyawukhuthaza umoya wokuhloniphana nokuxolelana lapha kule ngosi yethu. Sethembe ukuthi la mazwi azoyithola indawo. knowledge. simelane@ilanganews.co.za