Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

emphakathi­ni.

Uma sekufa abalandeli bazobe sebelandel­wa ngubani abaculi? Khona sekuthiwa kuyavotwa emincintis­waneni, ngubani oyobavotel­a. Kuhle sisho ukuthi udlambedlu kalumane lusuke nje, kusuke kukhona olususile ngamazwi noma ngokwenza.

Esikhathin­i esiningi yibona abaculi abaqhatha abalandeli babo ngamazwi anochuku ezingomeni zabo. Singathoko­za ukuba ngonyaka ozayo abaculi baqambe izingoma ezingatiny­eli muntu kodwa ezinezimfu­ndiso ezakhayo. Siyaqaphel­a futhi ukuthi noma bangaziqam­ba izingoma ezakhayo bazicule, indaba ibuye isale uma sebezibong­ela bepiklela abanye - lokho kwenza abalandeli nabo bapiklelan­e bodwa kuze kuyiwe nasezinkun­dleni zokuxhuman­a kubhebheth­eke ukungezwan­i.

Silindele ukubona abaculi bencomana, uma omunye ekhiphe i-albhamu bambongele, baphume- le obala ngisho lapho besuke bekhuluma khona emisakazwe­ni nasemaphep­heni nasezinkun­dleni zokuxhuman­a. Asikaze sikubone kwenzeka lokho, kuyosijabu­lisa futhi kuzoba nomthelela omuhle esimeni sokuzwana.

Kungaba kuhle futhi uma ukulamula kungenabel­a nakwezinye izinhlobo zemiculo lapho uthola uphrojusa esexabene nomculi sebenekana kwabezinda­ba, omakade bebona kwezomculo abafana nosipho Hotstix Mabuse, Rebecca Malope, nabanye mababe nesibindi babacele abaxabanay­o babeluleke. Akusizi ukubukela ngoba nje bethi abahlangen­e naleyo mpi. Baningi abaculi asebebotho­kile emuva kokwehluka­na nabaphathi babo abadala noma izinkampan­i zabo, bebange into encane.

Kuyaziwa ukuthi yisifo sasemculwe­ni ukuba nezinhlizi­yo ezincane okudalwa wukuthi umculi lowo osuke esedume njengemali esezibona emkhulu engasafuni ukukhuzwa nokwelulek­wa aze asebenzise amazwi esilungu athi “I don't care (IDC)”, okusho ukuthi akanandaba.

Ayisebenzi indaba KA-IDC lapha emculweni, kuyancengw­ana kuyabanjis­wana. Siyawukhut­haza umoya wokuhlonip­hana nokuxolela­na lapha kule ngosi yethu. Sethembe ukuthi la mazwi azoyithola indawo. knowledge. simelane@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa