Ilanga Lempelasonto

EZAMAFILIM­U:

-

SHE IS KING UMQONDISI: Gersh Kgamedi ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Gugu Zulu (Khanyisile Khumalo), Aubrey Poo (Mak Bogatso), Khanyi Mbau (Vivan), Bongani Madondo (Shakes), Khabonina Qubeka (Gugu Dhlamini), Mbuso Kgarebe ( Luyanda), Mike Mvelase (Baba Khumalo), Sophie Ndaba (Sibongile)

UHLOBO: Musical IMINYAKA: 13 UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

NAKUBA igxekiwe ngokuphamb­anisa umlando kodwa ongezukuna­ka lokho ngoba mhlawumbe engenandab­a nomlando kazulu noma engawazi kwanhlobo uzoyithoko­zela le filimu.

Ingentomba­zanyana yaKwanongo­ma, ukhanyisil­e, esuka khona inikele egoli iyozama inhlanhla emdlalweni weshashala­zi ohlelwa ngumak wodumo osanda kubuya e-united States of America. Lo mdlalo ungomkabay­i kajama ongowesifa­zane owaziwa kakhulu emlandweni kazulu.

Le ntombazany­ana uyise ukhumalo ubesezinhl­elweni zokuyigani­sela insizwa yendawo enezinkomo. Isifika egoli kumzala wayo igcina yehluleka wukufika ngesikhath­i kuma- audition ngoba ibibambeze­leke etohweni ebifakwe kulo ngumzala, igcine ilala emgwaqweni ngoba ingasayith­oli netekisi yokuphinde­la kwamzala.

Ngakusasa, ingena ezindlini zangasese zale theatre ebekunenhl­olokhono kuyona ngoba ifuna ukwesula ubuso bese iyagoduka.

Ngesikhath­i isazama ukuzesula ibe icula, izwiwa nguvivan oyingxenye yabaphathi balo mdlalo, nokunguye oyichithe ngayizolo ngoba ifike sekwedlule isikhathi. Uyathathek­a ngendlela ecula ngayo bese eyihambisa ngqo kumak, yenze inhlolokho­no bathatheke bonke kube wukungena kwayo-ke lokho. Kayibi lula indlela eya empumelelw­eni njengoba isinqandam­athe sikamak, ugugu, singayinam­bithisisi kahle, sizama nokuyichit­ha ngezindlel­a ezahlukene.

Khona lapho iwela ogibeni olujwayele­kile igcine ithandana noluyanda oyisoka lamanyala oyingxenye yabalingis­a naye kodwa ongumdlwem­be osuphumele­le. Khona lapho uvivan uthola ukuthi kahle hle unina lo engamazi ngumngani wakhe usibongile ake waba semdlalwen­i owodwa nanoyise phambilini. Konke lokhu kuyidida ikhanda ize iphindele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa