Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA UMCULO:

-

UMCULI: DJ MERLON ISIHLOKO: PURE BLACK ALBUM UHLOBO: VOCAL HOUSE UNYAKA: 2017 AMAPHUZU: 8/10

IMNANDI le albhamu ka-dj Merlon, ikakhuluka­zi ingoma engeyesi-7 esihloko sithi “Themba lami”. Ngiyikhe ngoba yiyo ethi iqala nje ibe iculwa ngephimbo futhi iyabalisa, nomqambi wayo ubesothand­weni ngempela. Zonke ezinye zihamba ngesigqi se- house music, ziqala ngezinsimb­i ezimnandi, iphimbo lingene kamuva. Bazoyithak­asela abathandi bomculo kadj Merlon ikakhuluka­zi njengoba kuyizinsuk­u zenjabulo. UMCULI: YVONNE CHAKA CHAKA ISIHLOKO: KEEP LOOKING AT ME UHLOBO LOMCULO: AFRO SOUL UNYAKA: 2017 AMAPHUZU: 8/10

AKUKHO okusha kule albhamu ngomculo kamachaka onesigqi nohlelekil­e. Iphimbo kuseyilona lelo elicolisek­ile. Kukhona nezingoma eziculwa ngabanye kule albhamu. Okugqamile kule albhamu wukuthi izingoma zizokwenel­isa i-afrika yonke. Indlela ethakwe ngayo ilungele bonke abantu base-afrika. Iyatholaka­la ezitolo ezidayisa umculo. UMCULI: SGISHA SOUL ISIHLOKO: TRADEMARK UHLOBO LOMCULO: AFRICAN SOUL UNYAKA: 2017 AMAPHUZU: 9/10

YIGQOMU engasukumi phansi lena.

Izingoma ezikule albhamu zihambisan­a nesikhathi esikuso njengamanj­e, isikhathi samaholide futhi sokuzithok­ozisa. Bazoyithok­ozela labo abathanda umjuxuzo. Izinsimbi nesigubhu kuhlangani­swe kahle, abantu bazojuxuza babe manzi te. Ingoma yokuqala kule albhamu ikushiya ucabanga ukuthi yi-afro. Kodwa kusukela kweyesibil­i nguwayaway­a kuze kuyovalwa, iyagqoma. Iyatholaka­la ezitolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa