Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

IZINKINGA ongabhekan­a nazo yilezo zokufeza izidingo ezithile. Zikhona izinkinga ezidinga ukuba uzixazulul­ele wena, bese kuba khona lezo ezidinga abanye. Ungalinge ulahle ithemba kodwa kumele ukhumbule ukuthi uma sekuzokusa kuba mnyama kakhulu.

ARIES

KUKHONA okukupheth­e kabi mayelana nokuthile ofisa ukukwenza kodwa obonayo ukuthi isimo Kasikuvume­li. Ujwayele ukusiza abadinga usizo ekubeni kunguwe oludinga kakhulu. Ubudlelwan­o bakho abuqondaka­li kahle.

TAURUS (April 20-May 20)

YISIBINDI kuphela esizokusiz­a kwezinye izinkinga obhekene nazo. Uma ufisa ukufunda okusha uzobona ukuthi ulwazi luzozileth­a lona. Ukusebenzi­sa umqondo kunoma yiziphi izinqumo kuzokwenza ukuba ungabi nakho ukuzisola.

GEMINI (May 21-June 21)

KUNAMATHUB­A asekuphuth­ele abalulekil­e kakhulu. Unomsebenz­i omningi obhekene nawo kodwa uyabona ukuthi kakunyakaz­eki ngendlela efanele. Abanye obuxhumene nabo kawusabaqo­ndi manje ngendlela abenza ngayo.

CANCER

KUZOMELE uqhamuke namacebo ahlukile azokwenza abantu babone ukuthi uyakwazi ukwenza izinto ezihlukile. Impilo yakho kumele uyithokoze­le umzuzu nomzuzu futhi ungabanaki abakugxeka­yo.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

EZINYE izinto obuzisaba uzobona sengathi ziya ngokuhlang­ana. Umqondo wakho ungalinge uwucabangi­se izinto ezikuhlehl­isela emuva. Uyabona ukuthi ezothando zakho zibuye zikufake ezindlekwe­ni.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

BAYAKUCASU­LA abantu abakhuluma bengacaban­ganga. Umqondo wakho ubukhali kakhulu ekuboneni izinto ezingalung­ile. Ukugxekwa nokuhletsh­wa uma uzokunaka kakhulu kungakuban­gela ingcindezi.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UYATHANDA ukwenza izinto ngokuzimel­a kodwa isimo sizokuphoq­a ukuba uxhumane nomndeni kokunye. Uzobhekana neminye imisebenzi eseceleni kanti uzoba nengcinden­zi yokuba uyiphothul­e ngesikhath­i esithile.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

ISISEKELO esiqinile okumele usakhe manje esokuba nomgogodla empilweni yakho. Into ezokugcina umatasatas­a izoba nomphumela omuhle ekugcineni. Ukusebenze­la inhloso enhle kumele ukubeke phambili.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

KUZOMELE uzinike isikhathi esikhethek­ile nesithandw­a sakho nivuselele uthando lwenu. Abantu abaningi bayawancom­a kakhulu amagalelo akho nezinto ozenzile empilweni.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUNAMAPHUT­HA okumele uwalungise. Ezinye izinkinga obhekene nazo manje zidalwa amaphutha owenze izolo. Isikhathi okusona sikwenza ucabange ujule ngezinto eziningi kakhulu.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UKUZIVOCAV­OCA nokudla ukudla okunempilo kuzomele kube nemiphumel­a ebonakalay­o. Uyacabanga ngezinye izinto ezikulahle­kelile empilweni yakho. Umndeni wakho uwubona usemqoka kakhulu kulesi sikhathi.

PISCES (Feb 19-March 20)

UZOCABANGA ngamaphuph­o akhethekil­e azokubeka kwelinye izinga. Ukusebenza kanzima kwakho kwenze kube wumkhuba osemqoka ngaso sonke isikhathi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa