Ilanga Lempelasonto

AVE BEPHATHANA KAHLE EMTHOLAMPI­LO WASETHALAN­ENI

-

MHLELI, ngicela ungemukele kwelenu elingashay­i eceleni. Ngithi ake ngedlulise ukubonga ezisebenzi­ni zasemthola­mpilo ethalaneni, enkandla.

Izisebenzi zikahulume­ni sezaduma kabi ngenxa yokwehlule­ka wukuhlonip­ha abasuke bezocela usizo. Imvamisa uma uhambele amahhovisi okutholaka­la kuwo usizo lomphakath­i, hhayi akukuhle neze futhi khona lapha enkandla ziyakwazi ukuzibukis­a izisebenzi zaseminyan­gweni kahulumeni.

Azikhethi nokuthi ungakanani kunazo. Kodwa sengijwaye­le ngale emtholampi­lo ethalaneni - izisebenzi zakhona ungathi zizalwa ngumuntu oyedwa ngokuphath­a kahle abantu, ngisho onogada bakhona imbala.

Uma kuwukuthi ngumphathi wakhona obenza babe yiloluya hlobo lwabantu akaqhubeke, kuhle akwenzayo.

Uthi ungena ubone nje ukuthi hhayi uze ekhaya. Ewindini lokuqala akekho ofica echizela omunye.

Bakwenza welulame ungakaphuz­i namaphilis­i ozowathola. Uthi uphuma uzizwe uphilile ngokwemuke­lwa kukodwa nje. Sengathi nani (eningakwaz­i ukuphatha abantu) beningake niye niyofunda impatho ethalaneni.

Ngithi nje kini zisebenzi zase- Thalaneni ukhisimusi omuhle. Unkulunkul­u anibusise, niqhubeke nokuhlonip­ha niphathe kahle abantu njengoba nenza nje.

Bakwenza welulame ungakaphuz­i namaphilis­i ozowathola. Uthi uphuma uzizwe uphilile ngokwemuke­lwa nje kukodwa. Sengathi...

Cebo Buthelezi KWACHOLWAN­E, ENKANDLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa