Ilanga Lempelasonto

Uyakhala uma ekhumbule uyise

- MZWAMANDLA ZONDI

UNGENE emabhukwin­i omlando unkosikhon­a Mhlakwana wasemgungu­ndlovu enqoba iheroes Marathon egijinywa minyaka yonke equnu, e-eastern Cape, ukuhloniph­a udkt Nelson Mandela owaba ngumengame­li wokuqala wentando yabantu eningizimu Afrika.

Lo msubathi wephuma KZN unekhono elibabazek­ayo kulo mdlalo njengoba esemele ikwazulu-natal emijahweni eyahlukene. Uzalelwe ematatiele ngowe-1993 kodwa wakhulela emathandub­isi, emgungundl­ovu.

Uqale imfundo yamabanga aphansi enogqaza Primary School, wadlulela enjoloba Secondary lapho ephothule khona ugrade 12 ngowezi-2013. Wenza unyaka wesibili kwiziqu zobuthishe­la e-university of Kwazulu-natal (UKZN) e-edgewood Campus ezizomnika igunya lokufundis­a ematechnic­al and Vocational Education and Training (TVET).

Uzalwa ngu-agnes Mhlakwana osaphila kanti uyise udlule emhlabeni ngowezi-2009. Bayisihlan­u kwabo, abafowabo ababili, umphikelel­i nobantu, bese kuba odadewabo ababili uslindile nobuyisile.

Ugqozi lokugijima ulufakwe nguXolani Mabhida opheka ubongumusa Mthembu oyingqwele yanonyaka yecomrades Marathon. Ingxoxo YELANGA Langesonto noMhlakwan­a ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Kawuchazel­e abafundi ukuthi ungumuntu onjani?

Mhlakwana: Nginomoya ophansi. Ngiyakutha­nda ukulalela abanye abantu ngoba ngikholelw­a ekutheni ukuze ngikhule kufanele ngilalele nemibono yabanye. kamakhalek­hukhwini?

Mhlakwana: Ngisebenzi­sa isamsung J7 Prime.

ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Mhlakwana: Ngikhona kwiWhatsap­p, kanti kwifaceboo­k ngiwunkosi­khona Mhlakwana bese kwi-instagram ngiba unkosikhon­a_mhlakwana.

ILANGA Langesonto: Ugqoka muphi usayizi weteki?

Mhlakwana: Ngigijima ngemaxed kanti ngifaka u- size 8. ILANGA Langesonto: : Sikhona isilwane osesabayo noma osithanday­o?

Mhlakwana: Ngithanda ibhubesi, yonke into eliyenzayo liyazimise­la kanti ngiyisaba ukufa inyoka.

ILANGA Langesonto: nini ukukhala?

Mhlakwana: Ziyangifik­ela njalo izinyembez­i uma ngikhumbul­a ubaba wami odlule emhlabeni ngowezi-2009 kwazise akayiboni impumelelo yami.

ILANGA Langesonto: Ngomgqibel­o kuyiwa engqungqut­heleni enkulu YE-ANC ngabe ufisa kuthathe bani?

Mhlakwana: Ngingajabu­la uma kungaphath­a umuntu wesifazane. Ngingakuca­cisa nje uku thi ngifisa ukubona UNDZ (Dkt Nkosazana Dlamini-zuma) ethatha izintambo.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Mhlakwana: Mayingajah­i izinto. Impilo inezigaba okufanele umuntu adlule kuzona ukuze aphumelele. Ukuba nengane usemncane kakukwenzi umzali, kufanele yazi ukuthi inabazali okufanele ibahloniph­e.

ILANGA Langesonto: Uma ungaba ngumengame­li wezwe yini ongayenzel­a isizwe?

Mhlakwana: Ngingalwa nokuqeda ubugebengu obuhaqe izwe. Abantu bathwele kanzima kabakwazi ukuhamba bakhululek­e ngenxa yezigebeng­u bese ngakha namathuba

emisebenzi. Ugcine

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa