Ilanga Lempelasonto

BAFUNA UKWENZA I-ARROWS ISIPHO SIKAMOSIMA­NE

- SENZO SOKHELA

ABADLALI bemamelodi Sundowns bahlela ukunika isipho esikhethek­ile upitso “Jingles” Mosimane oqeda iminyaka eyisihlanu elolonga le kilabhu.

Idowns izogadulis­ana nelamontvi­lle Golden Arrows kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h30 eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Idowns iya kulo mdlalo nje, isanda kubhudluza ibaroka FC ngo-4-0 ngolwesibi­li ebusuku elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille, kanti i-arrows yona ithole uswazi luka-2-1 kwifree State Stars ngolwesith­athu ebusuku egoble Park Stadium, ebethlehem.

Uhlompho Kekana odlala esiswini kwidowns, uthi bazimisele ngokujabul­isa umqeqeshi wabo ngenye iwini eseqophelw­eni eliphezulu.

“I-arrows ngeke ize ibe lula ngoba iyashesha futhi idlala ibhola elimnandi. Kodwa-ke lo mdlalo sifuna ukuwunqobe­la umqeqeshi wethu obeqeda iminyaka eyisihlanu esekilabhi­ni. Sifuna ukwenza i-arrows isipho sakhe bese sikuqinise­kisa ukuthi siya emaholidin­i kakhisimus­i sihleli esicongwen­i.

“Silindele umdlalo omnandi kwi-arrows kodwa sizokwenza ngawo wonke amandla ukuthi sibuya namaphuzu agcwele,” kusho ukekana odlala esiswini kwiSundown­s ebukeka isibuyelwa yifomu ezakhele ngayo udumo inqoba iligi kumasizini amabili adlule.

Uclinton Larsen ocija i-arrows, uthi kabanalo ngisho oluncane uvalo ngesundown­s.

“Isundowns idlale kahle ibhekene nebaroka, isizwe kakhulu wukusebenz­isa amathuba ewatholile. Thina sisenaleyo nkinga, siyawathol­a amathuba kodwa singawaseb­enzisi.

“Kuzofanele sishintshe ukwenza kulo mdlalo uma sifuna ukuwunqoba. Kanginalo uvalo ngesundown­s uma nje konke sizokwenza ngendlela singawunqo­ba lo mdlalo,” kusho ularsen.

senzos@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa