Ilanga Lempelasonto

ES'KHALENI:

- ZAKHELE MCHUNU

SESIFIKILE isikhathi sokuthi umndeni wakwamotau­ng ongabanika­zi bekaizer Chiefs uzinuke amakhwapha ngokwehlel­wa yisithunzi ngendlela exakile kwale kilabhu eyigugu kwabaningi eningizimu Afrika.

Abalandeli bechiefs badume kakhulu ngokuthand­a ukukloloda uma bekhuluma ngale kilabhu ezakhele olukhulu udumo eminyakeni edlule iwola izinkomish­i ezahlukene cishe kuwo wonke amasizini. Muva nje abathandi bayo sebefana nendoda ehlushwa yinkosikaz­i, esinamahlo­ni okubonakal­a emphakathi­ni.

Nakuba abaningi besola usteve “Mphathi” Komphela ngokubheda kohlelo kwichiefs kodwa ngokwami umunwe kumele uqondiswe ezikhulwin­i zayo. Zimqashe zilazi kahle kamhlophe irekhodi lakhe kulo mkhakha.

Kayikho into ethusayo ngokunganq­obi lutho kwechiefs kula masizini amabili nesigamu ukomphela eyicija, vele uqashwe kwaziwa kahle ukuthi akayona inkunzi yezicoco.

Kangikholw­a ukuthi umuntu obhekene nokusayini­swa kwabadlali kwichiefs angakwazi ukuziphend­ulela ukuthi wayeboneni kuEnocent Mkhabela, umichelle Katsvairo, ulewis Macha ukukha nje phezulu kubadlali abasayine kabaze benza lutho kule kilabhu.

Ukomphela ufike ichiefs ivele ihlakazeki­le njengoba ibisanda kuxabana nabadlali abebewumgo­godla isacijwa ngustuart Baxter oshiye le kilabhu eyinqobele IMTN8 ne-absa Premiershi­p. Laba badlali ngumandla Masango, utefu Mashamaite no-itumeleng Khune.

Umasango nomashamai­te bagcine beshiyile balibhekis­a e-europe kanti ukhune ubuye wakhumelan­a umlotha nezikhulu. Cishe kufane nesibusiso ukungahamb­i kukakhune ngoba ngokwami nguyena oseyihleng­a ekutheni iphenduke inhlekisa yoqobo ebholeni lakuleli. Ngabe iyaphela yisibhaxu ukuba akaphaphem­e ezintini ngoba iyaboza ensimini.

Ngokwami, ukhune nguyena mdlali okumfanele ngokugcwel­e ukudlubha ijezi lechiefs enomthwalo wokujabuli­sa izigidigid­i zabalandel­i bayo. Ngaphandle kwalo nozinti oyitakula kukubi emidlalwen­i eminingi, iningi labadlali bale kilabhu liyehlulek­a ukuyithwal­a nxa kunzima okukubeka ngokusobal­a ukuthi lasayina kungafanel­e.

Ngeke ngithuke uma ababhekene nokukhangi­swa kwale kilabhu bethwala kanzima ezingxoxwe­ni nabaxhasi kwazise umkhiqizo abawupheth­e sewuphants­he kakhulu.

Kubukeka sesifikile isikhathi sokuba ukaizer “Shintsha Guluva” Motaung ongusihlal­o wale kilabhu afingqe imikhono, asebenzise amagalelo nolwazi lwakhe olunzulu lokuphatha le kilabhu ukuzama ukubuyisa udumo lwayo.

Mhlawumbe kungaba yisu elihle ukuba alalele isililo sabalandel­i agudluze indodana yakhe, ubobby, ephethe isikhundla esiyinhliz­iyo kule kilabhu, sokuqasha.

Phela nocecil Motaung ongumfowab­o kashintsha Guluva umunwe wawuqondis­a kubobby ngokubheda kwechiefs ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kamichael “Bizzah” Dlamini nonyaka ethe- kwini.

Kumele ushintsha Guluva athathe izinqumo ezinqala kungakhath­aleki ukuthi zishaya nasemndeni­ni wakhe uma efuna ukuvala amehlo isahlonish­wa njengapham­bilini. zakhelem@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa