Ilanga Lempelasonto

IZIYALO EZIMQOKA ZIKA-RONALDO KUBADLALI

-

UCRISTIANO “CR7” Ronaldo waseportug­al ogijima kwireal Madrid yasespain udalula izimfuno zakhe ngaphambi kokuba abeke amakhokho ethala.

Uronaldo uphinde waqokwa njengomdla­li ovelele emhlabeni ngolwesine ebusuku efrance enqoba umklomelo owaziwa ngeBallon d’ Or. Uhlule ulionel Messi webarcelon­a noneymar weparis Saint-germain.

Uronaldo usenqobe lo mklomelo izikhathi eziyisihla­nu. Useyalinga­na nomessi naye oneziyisih­lanu. Uronaldo uthi njengoba egqoka unombolo 7 nje, ufuna ukuwunqoba lo mklomelo izikhathi eziyisi-7.

“Zonke izinto ezimqoka empilweni yami ngifuna zihambe ngasi-7. Ngifuna izingane eziyisi-7 nalo mklomelo ngifuna ukuwunqoba kasi-7. Ngiyazi ukuthi iminyaka yobudala isiyangish­aya njengoba nginengama-32 kodwa umzimba wami ngiwuzwa usasesimwe­ni esihle.

“Ngaphandle kwalokho, ngiyazinak­ekela angenzi noma yikanjani. Umdlandla wokuvuka ngiye ejimini usekhona, ngizizwa nginamandl­a. Ngisazoqhu­beka nokusebenz­a kanzima ngiyilwele le miklomelo emibili yokuba ngumdlali womhlaba engiyifuna­yo,” kusho uronaldo.

Ube eseluleka bonke abadlali abagijima esigabeni esiphakeme.

“Ngisho ungaba nekhono elingakana­ni ebholeni kodwa uma uhlulwa wukuziphat­ha ngeke uye ndawo. Kunabadlal­i ababatshaz­iwe besebancan­e kodwa baphelela emoyeni ngenxa yokuhlulwa wukuziphat­ha.

“Nginayo yonke into ongayicaba­nga emhlabeni ngisho ngingaliye­ka ibhola manje imali enginayo ingaphilis­a izizukulwa­ne zami eziningi ezizayo.

“Kodwa lokho angifuni kubuse impilo yami ngoba umdlalo webhola ngiyawuhlo­nipha. Ngifuna ukushiya igama elihle ebholeni, elizokhunj­ulwa. Uma ungumdlali kufanele ukulwele ukushiya igama elihle ungadumi ngegama elibi ngoba lokho kulimaza ngisho izizukulwa­ne zakho.

“Asisebenze­ni ngokuzikha­ndla siwuhlonip­he lo mdlalo ngoba ngaphandle kwawo ngeke sibe yilutho. Cabanga nje uhole itshe lemali ngokuthi uyadlala bese wena uzocekela lokho. Kunabantu abasebenza kanzima bahole kancane kodwa thina siholela ukudlala nje kuphela,” kusho uronaldo.

Uthi akekho umdlali amfanisa naye nomessi njengamanj­e, wathi wonke umuntu kufanele azakhele elakhe igama angavumi ukufaniswa nabantu abenze lukhulu engakenzi lutho.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UCRISTIANO “CR7” Ronaldo wereal Madrid yasespain uyala abadlali abasebanca­ne ukungadlal­i ngamathuba abawathola­yo ngokudidwa wudumo bese beganga ngalo msebenzi okhokha izindodla zemali kwabawuhlo­niphayo. Uthi yize eyinjinga kodwa uwuhloniph­a kakhulu lo...
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UCRISTIANO “CR7” Ronaldo wereal Madrid yasespain uyala abadlali abasebanca­ne ukungadlal­i ngamathuba abawathola­yo ngokudidwa wudumo bese beganga ngalo msebenzi okhokha izindodla zemali kwabawuhlo­niphayo. Uthi yize eyinjinga kodwa uwuhloniph­a kakhulu lo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa