Ilanga Lempelasonto

OWE-MAN UTD UBALISA NGEKHADI ELIBOMVU LIKA-PAUL POGBA

-

UMDLALI wemanchest­er United ubona ezakhe zizodonsa kanzima njengoba zizokuya emdlalweni omqoka womkhaya ngaphandle kwengwazi yazo.

Iman Utd izobhekana nemanchest­er City kowebarcla­ys Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-18h30 e-old Trafford.

Lo mdlalo uzosakazwa bukhoma kwiss3. Kulindelek­e ukuba ubukwe emazweni amaningi emhlabeni njengoba kuwumdlalo omkhulukaz­i.

Okwenza uhehe abathandi bebhola wukuthi kubhekene abaqeqeshi abahlonish­wayo emhlabeni, ujose Mourinho weman Utd nopep Guardiola weman City.

Nokho iman Utd izokuya kulo mdlalo ixhugela njengoba upaul Pogba engeke abe khona ngenxa yekhadi elibomvu alithole ngeledlule ezakhe zibhekene neArsenal koweligi.

U-ashley Young odlala esiswini kwiman Utd, uthi kuzokuba nzima njengoba upogba ezokube engekho.

“Bakhona abadlali abazosival­a isikhala sakhe kodwa besimuding­a ngendlela eyisimanga kulo mdlalo. Indlela asibamba ngayo isisu iseqophelw­eni eliphezulu futhi uhlukile, usezingeni lakhe yedwa.

“Singase sithwale kanzima kulo mdlalo kodwa into engasisiza wukuthi sidlalela ekhaya. Akulula ukuba sivume ukuhlulelw­a ekhaya, abalandeli bethu basifaka umfutho ngendlela eyisimanga,” kusho uyoung.

Usergio Aguero umgadli weman City, uthi konke kumi ngomumo.

“Sesiwulung­ele umdlalo, ukuhlulwa kwethu phakathi nesonto kowechampi­ons League kusilimazi­le kancane kodwa bekungesiw­o umdlalo weligi futhi ukuhlulwa kwethu aku- zange kudale umonakalo ongako ngoba sesidlulel­e esigabeni esilandela­yo sechampion­s League.

“Siwulungel­e lo mdlalo futhi siyazi ukuthi ngeke ube lula kodwa sizozama ukuqhubeka lapho sigcine khona singavumel­i kuphuke irekhodi lethu lokungehlu­lwa ngale sizini kwiligi,” kusho u-aguero.

* Isiyonke imidlalo yebarclays Premiershi­p enamuhla ngesonto imi kanje: Southampto­n vs Arsenal 14h00 (SS3). Liverpool vs Everton 16h15 (SS3). Manchester United vs Manchester City 18h30 (SS3).

* Eyespanish La Liga yona iqhathwe kanje: NAMUHLA NGESONTO Real Sociedad vs Malaga 13h00 (SS7).

Real Betis vs Atletico Madrid 17h15 (SS7).

Levante vs Athletic Club 19h30 (SS7). Villarreal vs Barcelona 21h45 (SS7). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO Espanyol vs Girona 22h00 (SS7).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa