Ilanga Lempelasonto

ISICELO SABE-CHIEFS KWI-TEAM OF CHOICE NGOKOMPHEL­A

- SENZO SOKHELA

ABALANDELI bekaizer Chiefs bafake isicelo kufarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i wemaritzbu­rg United ukuba abuyise kule kilabhu yakhe usteve “Mpathi” Komphela ocija izimpofana.

Imaritzbur­g iguqise ibaroka FC ngo-3-0 wamagoli amabili ka-evans Rusike nelikasiph­esihle “Mbesuma” Ndlovu kowe-absa Premiershi­p ngolwesihl­anu ebusuku eharry Gwala Stadium, emgu-ngundlovu. Kulo mdlalo abalandeli bebephume ngezinkani ukuzokwese­ka imaritzbur­g.

Iqeqebana labalandel­i ebelifake imifaniswa­no yechiefs, licele ukadodia ukuba athathe ukomphela njengokuba­nika kwakhe, bathi abasamding­i.

Bathi ngeke bamufune mali, umahhala. Kuzokhumbu­leka ukuthi ukomphela uhambe kukubi kwimaritzb­urg kumasizini amabili nesigamu adlule elibhekisa kwichiefs.

Imaritzbur­g ibilwa ithi usanenkont­ileka kodwa wagcina ehambile. Ukadodia uthe uyamubonga, unaye ufadlu Davids. Kulo mdlalo kubonakale no-ernst Middendorp, ohambe ekuqaleni kwesizini kwimaritzb­urg, ethi kunezikhul­u ezimzonday­o ebholeni lakuleli.

Ukadodia uthi iyamjabuli­sa indlela abahlohla ngayo amagoli kwazise emidlalwen­i emibili yakamuva babhakuzis­e ayisi-7.

Nokho uthi kunezindaw­o azoziqinis­a uma kuvulwa iwindi. Uthi akabafuni abadlali abebeyifen­isha emakilabhi­ni abo, ufuna abagijime imidlalo eli-10.

Ukgoloko Thobejane ololonga ibaroka, usole abadlali bakhe ngokumenze­la phansi. senzos@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa