Ilanga Lempelasonto

Okushaqisa­yo ngowe-gospel

Uvumile ngesms ukuthi uyasazi isisulu

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

IKHIHLA isililo ngesihlaba­ni somculo we- gospel intokazi esencane ethi sithathe ubuntombi bayo, sayikhulel­isa sase siyiphoqel­ela ukuba ikhiphe isisu.

Undlovukaz­i (okungelona igama lakhe langempela) uphinde asole lesi sihlabani ngokuthi ngaphezu kokuyikhul­elisa nokuyikhip­hisa isisu siphinde sayithelel­a ngesandule­la ngculaza (HIV).

Le ntokazi ithi lo mculi ( ILANGA Langesonto elingeke limdalule ngegama) umhlukumez­e ngendlela engachazek­i waze wacishe wafa nokufa kanti ngenxa yalokho usemnyanyi­sa okwamafiny­ila.

Iqhube yathi lo mculi akasafuni nokuyikhul­umisa, baxoxe ngale ndaba yegciwane ngoba vele eyokuthand­ana kayisekho.

Lesi sihlabani, esisesinca­ne naso ngokweminy­aka, sike sahlabana nangezindo­ndo ezibalulek­ile kwicrown Gospel Music Awards ngowezi-2013, ngowezi-2015 nakuwo lo nyaka esigoduke kuwo nezimbili. Singene emculweni siseyingan­e.

Kuyimanje sinenqwaba yamaalbham­u nezingoma ezishisa izikhotha. Futhi kasisali emicimbini emikhulu ye- gospel njengoba besikhona nasemizung­ezweni yecity 2 City ebihlelwa ngusipho Mbatha wokhozi FM kanti le ntokazi ithi bagcine ukubonana ngeso lenyama kwicity 2 City ebiseworks­hop, ethekwini, ngomfumfu (October) zingama-27.

Echaza undlovukaz­i ngokwazana kwabo, uthi kuqale enkundleni yokuxhuman­a, ufacebook, isikhathi esithi masibe ngunyaka ngaphambi kokuba babonane.

Uthi langalimbe bavumelane ngokuba bahlangane emusgrave, ethekwini, nokuholele kulo lonke lolu talatiya asezithola ekulona.

“Sibe sesiya endlini yakhe, sahlala sibuka ITV, sadla amasnack. Okunye kuholele kokunye kwagcina kwenzeka into engizisola ngayo manje njengoba sigcine silala. Bengiqala ngaye ukulala nomuntu wesilisa futhi kasiyisebe­nzisanga i- condom.

“Sesiqedile ungibizele i- uber

ngoba ubesazoya kocula. Siqhubekil­e sajola emuva kwalokho, ngivakashe nase- studio esikuwest Walk (enkabeni yedolobha) abeke asebenzele kuso (esho evezela intatheli i- video ashuthe kuyo lo mculi edlala i- keyboard e- studio).

“Bekunguncw­aba (August) zimbili siqala ukulala, saphinda futhi ngomandulo ( September) ziyi6 - nakhona lapho kasikusebe­nzisanga okokuzivik­ela.

“Unginike imali yokuthenga amaphilisi ( morning after) ngayinqaba ngathi ngizozithe­ngela. Ngibone ngoba sengeqiwa yizinsuku zokuya esikhathin­i ukuthi kawasebenz­anga, kwacaca ukuthi sengikhule­lwe ngomfumfu ( October).

“Ngithe uma ngimazisa wathi kakukho ukwenza ngokunye, kuzomele ngisikhiph­e isisu ngoba nale ngane anayo emgungundl­ovu uyithole ngendlela efanayo, engayihlel­ele.

“Ngizihlole­le kwaze kwaba kathathu ukuthi ngikhulelw­e ngempela na. Emuva kwalokho ngimtsheli­le ukuthi ngidinga imali ukuze ngiqinisek­ise kahle kudokotela, nangempela wangifakel­a u-r300 ( ILANGA Langesonto linabo ubufakazi be- ewallet yale mali neveza isiqalo segama nesibongo salesi sihlabani).

“Ube esephoqele­la ukuba ngithole indawo engizoyosi­hushula kuyo isisu. Kwicity 2 City ebiseWorks­hop bengihleli nomfowabo nabantu asebenza nabo u... (emgagula ngegama), ngagcina ngihanjisw­a wobhuti bami eflethini ebengizola­la kulo edolobheni.

“Ngimfonele ngaze ngayeka ezintatha, waze wangifonel­a yena ekuseni wathi ubematasat­asa.

“Uthe uzongibize­la i- uber ngihambe ngiye kwenye indawo eku-6th Floor ewest Walk, ngibuze ukuthi yimalini (ukuhushula isisu) ukuze angifakele (leyo mali) bese ngiyasikhi­pha. Bathe wu-r500 wase engifakela yona ( ILANGA LangeSonto liyibonile ISMS ye- ewallet ka-r700 evela kuye lo mculi ngalolu suku). Banginikez­a amaphilisi ( ILANGA Langesonto lilibonile igobolondo lalawa maphilisi amane elibhalwe igama elithi Cytotec athi uwagwinyil­e undlovukaz­i).

“Ubesehambi­le eseseEaste­rn Cape sengiwagwi­nyile esengiguli­sa, engihlanzi­sa. Benginenya­nga eyodwa (ngikhulelw­e) ngaleso sikhathi. Ngigule ngaze ngangakwaz­i nokuhamba,” kuchaza undlovukaz­i.

Uthi lo mculi, obuye abe nolaka olusabisay­o, ubefuna ukubuya ukuze amhambise esibhedlel­a kodwa wathi makayeke ngoba bazoze basole ekhaya kubo (undlovukaz­i) njengoba ubengabats­helanga ukuthi usenze isimanga esingaka. Ngenxa yokuxineka uthi ugcine esehanjisw­a ngabakubo esibhedlel­a esiphingo, wangabatsh­ela kodwa ukuthi udle lawa maphilisi enzela ukuba angangeni enkingeni kubo.

Emuva kwalokhu uthi uhlolele IHIV njengoba bekufike abedurban Lesbian & Gay Community Health Centre esikhungwe­ni afunda kuso edurban University of Technology (DUT), wathola ukuthi usehiv positive.

“Kangingaba­zi ukuthi ngithelelw­e nguye ngoba bengivele ngiwenza ama- test phambilini, nginegativ­e,” usho kanje.

Leli phephandab­a liyibonile imiphumela yangomhla ziyi-14 kumbasa (April) wezi-2014, neyangomhl­a zingama-25 kunhlolanj­a (February) ngowezi-2016 ebithinega­tive, neyangomhl­a ziyi-18 kuMfumfu (October) 2017 ebisithipo­sitive.

“Okungiphat­ha kabi kakhulu manje wukuthi akasafuni nokukhulum­a nami. Bengifuna ukwazi ukuthi uyasazi yini isimo sakhe sempilo ukuze azibheke noma ngazi ukuthi wangithele­la ngamabomu na.

“Ngigcine ngikhuluma naye ocingweni ngomgqibel­o siseblue Lagoon kodwa akangangin­ika thuba. Ubengibuza ukuthi ngitheni kumama u.... (esho umsakazi woKhozi FM), waze waluvala ucingo. Ngifisa abantu bamxwaye ngoba akayona le nto abacabanga ukuthi uyiyo,” kulila undlovukaz­i.

ILANGA Langesonto lizibonele ezinye zezingxoxo zabo kumakhalek­hukhwini wakhe (undlovukaz­i), lazizwela nenkulumo eqoshiwe lapho lo mculi esola lo wesifazane ngokuthi uyenze ngamabomu le nto yakhe.

Ethintwa yiphephand­aba, lo mculi wenqabile ukuphawula wanxusa ukuba kukhulunyw­e nenkampani ebhekelele izindaba zakhe. Kwehlule noma echazelwa ukuthi ukuziphend­ulela kuzosiza ngoba lokhu kakuhlange­ne nomsebenzi wakhe kodwa kungempilo yakhe, wenqaba.

Uvumile kodwa ngesms ukuthi uyamazi lo wesifazane, esho negama lakhe langempela. Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela itop Class Production­s ingaphendu­lile kanti naye ubenayo le mibuzo kwiemail yakhe ngqo.

Phakathi kwemibuzo abathunyel­elwe yona wukuthi sebeke bahlangana na nale ntokazi ngale kwezingxox­o ezikufaceb­ook? Sebeke baya yini ocansini? Utheni imtshela ukuthi ikhulelwe? Bagcine nini ukuxoxa? Imali abeyithume­lela yona bekungeyan­i?

Nokuthi ngabe uyasazi na isimo sakhe SEHIV?

 ??  ?? KWESOBUNXE­LE: Enye yezingxoxo zesihlaban­i esisolwayo nondlovuka­zi nobufakazi bemali amthulele yona (kwesokudla).
KWESOBUNXE­LE: Enye yezingxoxo zesihlaban­i esisolwayo nondlovuka­zi nobufakazi bemali amthulele yona (kwesokudla).
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa