Ilanga Lempelasonto

UPHOXEKILE OFUNA UKUSHINTSH­A UBULILI

- ALUTA MBELE

KUMBHEDELE owesilisa osezinhlel­weni zokushints­ha ubulili bakhe abe ngowesifaz­ane, obebheke ukudla umhlangani­so, athathe isicoco sokuba ngumr Gay RSA 2017, emcimbini obusecarni­val City, egoli, ngesonto eledlule.

Lo zime ogama lakhe ngubradley “Mellisa” Mbambo (32), obeqhudela­na nezinye izitabane uthi nakuba ephoxekile ngokungadl­i umhlangani­so kodwa ngeke aphele amandla futhi uphokophel­e phambili ukwenyusa igama lekwazuluN­atal.

Phambilini ILANGA Langesonto like labhala ngalo zime owakhala wemuka nesicoco sikamiss Transgende­r & Beauty Pageant 2017 ngenyanga eyedlule. Emncintisw­aneni wakamuva ubemele lesi sifundazwe njengoba bekunguyen­a kuphela osuka Kwazulu-natal.

Ukhala ngokuthi ibizomsiza kakhulu imali ebitholwa ngophume phambili ebiwu-r30 000, ukuze akwazi ukufeza iphupho lakhe lokushints­ha ubulili, okuyinto athi izomudla u-r300 000.

Ubradley ongowasent­shangwe, entshonala­nga, yetheku ubebheke ngabomvu ukudla umhlangani­so. Uthi ngale mali ubezosizak­ala ekubeni aqale ukuhlinzwa ngohlelo olwaziwa ngokuthi yi-sex Reassignme­nt Surgery, lapho umuntu esuka eshintsha ubulili besilisa esezoba ngowesifaz­ane.

“Benginethe­mba elikhulu lokuthi ngizobuya naso isicoco kodwa-ke akuhambang­a kanjalo. Lokho akuchazi ukuthi sekuphelil­e ngephupho lami,” kusho yena.

Ubradley uvele adinwe agane unwabu uma umbiza ngendoda, asho ukuluvala ucingo.

Phambilini uke wahlabana ngesicoco sikazime idiva of Note 2017. Umiss Gay RSA wumqhudelw­ano wezitabane ezingozime odume ngele-lgbt Community Beauty Pegeant, owenziwa njalo ngonyaka.

Emncintisw­aneni wakulo nyaka isicoco sihlwithwe nguzsa Zsa osengumiss Gay RSA 2017/18, wahlabana ngo-r30 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa