Ilanga Lempelasonto

UMANYISA UYAZISOLA NGOKUSHIYA I-PIRATES

Ukhathazwa wukukhuhla ibhentshi kwidowns

- SENZO SOKHELA

KUVELA ukuthi uyazisola ngokushiya i-orlando Pirates u-oupa “Ace” Manyisa okuvela ukuthi ukhala ngokushisa kwensimbi kwiMamelod­i Sundowns.

Ipirates ithuse abathandi bebhola imemezela ukuthi umanyisa usesayinis­we yisundowns ekuqaleni kwesizini kwazise ubengukapu­teni wamabhakab­haka.

Into ebithusa abathandi bebhola ngokusayin­iswa kwalo mdlali wukuthi kwibucs ubesephele­lwe wushatini, ehlelwe nayifomu.

Selokhu efike kwidowns udonsa kanzima njengoba ekhuhla ibhentshi kokunye abuye alinikwe ithuba. Ujoyina isundowns nje, kwipirates ubedlala ngisho kubonakala ukuthi wehlelwe yifomu.

Leli phephandab­a lihletshel­we ngomunye umdlali wedowns, osondelene kakhulu nomanyisa, ukuthi uyazisola ngokujoyin­a amaSandawa­na.

“Nakuba kungabanga yisinqumo sakhe yedwa ukushiya ipirates kodwa uyazisola ngokujoyin­a isundowns. Isikhathi ayefuna ukushiya ngaso ibucs wa-nqatshelwa, wahamba lapho engasathan­di khona.

“Into emkhalisa kakhulu ngeSundown­s wukuthi kunabadlal­i abaningi endaweni yakhe kanti-ke nesitayela sakhe sebhola sihluke kakhulu kunesidlal­wa yisundo- wns, uzibona enga-ngeni khaxa.

“Ulibeke ngesihloko elokuthi lapho abezolunga khona kahle yikwikaize­r Chiefs ngoba idlala ibhola elithi malifane nelepirate­s.

“Nokho ngoba akusekho ukujikela emuva uthi uzoyibamba ishisa kanjalo uzoze ajwayele. Into emkhalisa kakhulu wukuthi kwi- Pirates ubengaminc­i uma kubizwa iqembu labali-18 eliya emdlalweni manje kwidowns ubamba umoya okuyinto abengayazi,” kusho lo mdlali ocele ukuba lingadalul­wa igama lakhe.

Leli phephandab­a lishayela uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwisundown­s ukuba ali- nike imvume yokukhulum­a nomanyisa njengoba kuwumtheth­o wale kilabhu ukuba kuqalwe kuthintwe yena uma kunomdlali okufanele uxoxe naye, ucele ukuthunyel­elwa umqhafazo kuqala bese ephendula kuwona. Nokho akazange awuphendul­e kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-OUPA Manyisa akakayenze­li lutho isundowns selokhu eyijoyine ngokuqala kwesizini esuka kwipirates. Lo mdlali kuthiwa useyazisol­a njengoba ebuye eqiwe yijezi ekubeni engalimele okuyinto abengayazi kwibucs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-OUPA Manyisa akakayenze­li lutho isundowns selokhu eyijoyine ngokuqala kwesizini esuka kwipirates. Lo mdlali kuthiwa useyazisol­a njengoba ebuye eqiwe yijezi ekubeni engalimele okuyinto abengayazi kwibucs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa