Ilanga Lempelasonto

ZIYAKHALA IZISULU NGOKUHLEHL­A KWECALA

- KNOWLEDGE SIMELANE

SEKUDIDEKE wonke umuntu enkantolo yobugebeng­u obuhleliwe ethekwini emuva kokuba kuphinde kwahlehla ukugwetshw­a kwesibili kukambhish­obhi wezimanga, ujabulani Mvubu ( osesithomb­eni), osekuhlehl­e izikhawu ezine.

Kulokhu kunyamalal­e ummeli wakhe omkhulu, u-advocate Sogoyile Nene wasemgungu­ndlovu, okubikwe ukuthi akatholaka­langa nakumakhal­ekhukhwini wakhe ukuze achaze ukuthi ubanjwe yini. Libe selihlehli­selwa ulwesibili ziyi-12 kuzibandle­la (December).

Phela bekumele aphinde agwetshwe ngeledlule kepha lahlehlise­lwa ulwesithat­hu, kuleli sonto yimantshi unkz Christo Mazibuko ngoba ithi selihlehle kaningi.

Lize lihlehlise­lwe ulwesithat­hu nje, kuvele kwashona esikhaleni unina womshushis­i unkz Hazel Sararamen. Ngaphambil­ini belike lahlehla kabili ngoba kwathi ngesikhath­i egwetshwa kwatholaka­la ukuthi ugwetshwe ngendlela engacacile, abamajele bathi alibuyele enkantolo.

Akasagwebe­ki nje umfokamvub­u indaba iqale ngokuba izisulu ezimbophil­e zihlukane phakathi ngemibono, kwaba khona ezihamba naye ezithi akakhokhe imali, ezinye zathi makaye kwalasha. Kuthe esegwetshw­a imantshi yamgweba amahora ayizi-7 000 ebhadla ejele kodwa alale khona ngezimpela­sonto kuphela, aphinde akhokhele izisulu imali yazo nyanga zonke.

Ufike nayo imali eseyoqala ukuyikhokh­a wabuyiselw­a emuva kwathiwa akalinde ukubuyekez­wa kwesigwebo sakhe - akubange kusenzeka njengoba selilokhu lihlehlisw­a. Kubonakala sengathi isigwebo sokuba ayobhadla ejele siyangabaz­isa ngoba izisulu seziklelis­iwe ukuthi zizoholelw­a nini.

Ezinye izisulu ezikhulume ne

LANGA Langesonto bezikhonon­da ngokuthi kungenzeka ukuthi sekudlalwa imali lapha njengoba kulokhu kuhlehla icala. Kanti abanye bathi umfo kamvubu uyinsizwa eqinile engayi phansi ingandlale­lwe.

Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngolwesibi­li njengoba sekuhlale kunezigame­ko ezimangali­sayo kuleli cala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa