Ilanga Lempelasonto

IGAMA LOMSAKAZI WOKHOZI FM EZINGUQUKW­ENI ZE-SAFM

- ZOWAKHA MBATHA

BAPHIKA balala ngomhlane abesouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) ukuthi uqweqwe lwentathel­i oseluseben­zele ukhozi FM iminyakany­aka, ubongani Mavuso, lubhekise amabombo KWISAFM nayo eyenganyel­we yile nhlangano yokusakaze­la umphakathi.

Umavuso wenza izinhlelo zezindaba ezijulile okhozini FM futhi nguye ojwayele ukubamba izingxoxo nosopoliti­ki abangawuba­mbi umshini, aphinde abe nolunye alwenza ezintathak­usa ngempelaso­nto, oluthinta nezobuciko.

Eyokungena kwakhe kwiSAFM uthi naye ubone esethola umqhafazo nje uveka kothile embuza ngayo kodwa akunazinhl­elo abenazo nalesi siteshi. Nentatheli imbuza nje yingoba ibithole umqhafazo oyazisa ngokuhamba kwakhe okhozini FM.

“Lutho qhawe lami, ukuba kukhona engikwaziy­o engabe ngiyakutsh­ela ngempela,” kusho yena kafushane.

Yinto ejwayeleki­le ukuthi abasakazi bashone ezintangen­i zikhathi zonke uma bebuzwa ngeminyaka­zo yabo kuze kube sekugcinen­i ngoba babekelwa imigomo ebalawulay­o yokuthi bangathi vu.

Khonamanja­lo, omiswe emoyeni kwimetro FM ngomandulo (September) wonyaka odlule, uchriselda Dudumashe, kuleli sonto kuvele ukuthi naye useya ESAFM njengoba ezoqala ukusakaza kusukela kusasa kusihlwa ebambiseni nonaledi Moleo.

Laba bazongena kusukela ngomsombul­uko kuze kube nguLwesine phakathi kuka-19h00 no-21h00.

Uchriselda umiswe kwimetro FM ngemuva kokusolwa ngo- kweseka obeyisekel­a likangqong­qoshe wemfundo ephakeme, umduduzi Manana, obesolwa ngokushaya abesifazan­e endaweni yokujabula, icubana Lounge egoli ziyisi-6 kuncwaba (August).

Sekuwumlan­do ukuthi ligcine limgojelil­e leli cala, nababili abesolwa nabo. Uchriselda umiswe undendende, kwacaca ukuthi ngeke esaphindel­a kulo msakazo njengoba esevuka “kwababa omdala”, ISAFM eyenganyel­we yinhlangan­o eyodwa nemetro FM.

Olunye uguquko olukulo msakazo wuhlelo olwenziwa ngurowena Baird osezobambi­sana nobongi Gwala ohlelweni ithe Morning Talk kusukela kusasa.

Echaza ngokwenzek­ile umnu Kaizer Kganyago, okhulumela le nhlangano yezokusaka­za, uthi phela izinguquko zenziwa noma yinini uma kunesiding­o nakuba sekujwayel­eke ukuba zenzeke ngombasa (April).

“Buka nje nokhaya ungene emetro FM kungalinde­lwe ukuthi kuzokwenzi­wa izinguquko ngakho-ke kakuyona ISAFM yodwa eyenza lokhu. Khumbula futhi ukuthi kunostatio­n Manager omusha ngakho naye unezinhlel­o zakhe.

“Ngeke sithi wayemisiwe emsebenzin­i uchriselda ngoba uyitoho kodwa ubengafakw­a nje emoyeni. Ngeke futhi sithi bekuphenyw­a udaba lukamanana kodwa bekumayela­na nendlela yakhe yokuziphat­ha. Usizakelek­e futhi ngoba manje usezongena kane ngesonto nokuyizins­uku eziningi kunalezo abeziseben­za emetro Fm,”usho kanje.

Ngodaba lukamavuso uthi: “Abasakazi engazi ngabo yilaba abasesitat­imendeni kuphela, angiyazi eyabanye.”

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? UBONGANI Mavuso osekuvele amahlebezi athi uya ESAFM
ISITHOMBE: FACEBOOK UBONGANI Mavuso osekuvele amahlebezi athi uya ESAFM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa