Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UHLOBO lwempilo oyiphilayo luyakwenel­isa ikakhuluka­zi uma uphuma esixukwini. Ezinye izinhlelo zakho akumele uzixoxe kwabathile kodwa kumele uvele uzenze. Uyakuthand­a ukonga nokuphila impilo ekuyisa phambili.

ARIES

ZININGI izinto ezisemqond­weni wakho. Uma ubuzitshel­a ukuthi kawunaso isikhathi sokwenza izinto ezithile, lesi yisikhathi esikahle sokumpints­ha, wenze konke odinga ukukwenza. Akumele uguquke emibonweni yakho.

TAURUS (April 20-May 20)

UKHATHAZWA yizindleko okufanele ubhekane nazo. Uzobona ukuthi imicabango engalungil­e iletha ukukhathaz­eka okungakana­ni empilweni yakho. Kumele uhlale useduze nabantu abangakukh­ulisa emicabangw­eni yakho.

GEMINI (May 21-June 21)

UNAMATHUBA okonga okumele uwasebenzi­se. Isithunzi sakho ungasivike­la ngokulwa nezinto eziphamben­e nonembeza wakho. Kunemibono okumele uyiqhakamb­ise ehambisana nezinguquk­o eziya phambili.

CANCER

UGUQUKO oluzoba khona empilweni yakho luthinta nendawo yokuhlala. Uyazihluph­a ngokuthung­atha ulwazi, okuyinto ezokusiza ukuba unqobe. Ithemba olithola kwabathile lizokwenza ubone sekuseduze phambili.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

UNAMAQHING­A angakusiza ukuba uphumelele. Kukhona intuthuko oyibonayo emsebenzin­i wakho. Uma uzimisela futhi wenza izinto ngomfutho uzothola imiphumela egculisayo. Yonke into oyenzayo kudingeka uyenze ngobuhlaka­ni.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UNGABI nongabazan­e ezintweni ezikuyisa phambili nempilo. Ukuzimisel­a kwakho kukubeke ethubeni lokuhlomul­a. Ezinye izinselelo osudlule kuzo zizokwenza ukuba uzikhandle kakhulu. Ubuye ube yincwadi engafundek­i kwabathile.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UHLALE uzabalazel­a okuhle empilweni yakho. Uhlobo lwempilo oyiphilayo kumele uluhlolisi­se ukuthi luyakwenel­isa yini. Lokhu ofisa kuchume empilweni yakho kumele ukulungise­lele manje. Yithuba lokuba uzinike isibindi manje ukuze wenze lokhu obusaba ukukwenza.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UKUBAMBISA­NA nabanye kukhona lapho kukuhlomul­isa khona. Ubuye ubone sengathi izinto zakho kazilungi ngesikhath­i olindele ngaso. Ukusebenzi­sa ikhono lakho kuzokuleth­ela inhlanhla ethile.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UMQONDO wakho ukucabangi­sa izinto eziya phambili. Baningi abantu ozothola ukuthi usunogazi kakhulu kubona. Ufisa ukuxazulul­a izinkinga zakho kodwa lokhu ubona sengathi akuhleleki ngendlela oyifisayo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

IZINDLEKO ezithinta umndeni wakho kumele ungazibale­keli. Ubone izimangali­so ezinkulu ezikhomba ukugqama nokunqoba empilweni yakho esikhathin­i esedlule. Ubuye ungakhulul­eki kahle ngezimo ezithile ezimayelan­a nezothando lwakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNAMAKHONO okumele akuhlomuli­se. Unemibono eminingi kakhulu ethinta kakhulu ikusasa lakho. Izidingo zothando lwakho kumele uhlale uzibeke phambili ukuze zithele izithelo njalo. Uyakujabul­ela ukwesekwa ngumaqonda­na.

PISCES (Feb 19-March 20)

ZININGI izinto obona sengathi zizohamba ngokwezifi­so zakho. Kukhona lapho okumele usebenzise khona ubuhlakani bakho ukuze uzophumele­la kalula. Unamandla amakhulu kakhulu okwenza izinguquko emisebenzi­ni yakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa